UNumeri 11:1-15

UNumeri 11:1-15 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Kwathi abantu bakhonona, kwabakubi ezindlebeni zikaJehova; esekuzwile uJehova, yavutha intukuthelo yakhe; umlilo kaJehova washa phakathi kwabo, wabaqeda abasemkhawulweni wekamu.* Abantu base bekhala kuMose; uMose wakhuleka kuJehova, umlilo wabohla. Igama laleyo ndawo laqanjwa ngokuthi iThabehera, ngokuba umlilo kaJehova washa phakathi kwabo. Ingxubevange eyayiphakathi kwabo yaqala ukufisa nokufisa; nabantwana bakwa-Israyeli babuye bakhala, bathi: “Ngubani oyakusipha inyama ukuba sidle na? Siyakhumbula izinhlanzi esazidla eGibithe ngesihle, namakukamba,* namakhabe, namaliki,* nohanyanisi,* nesweli; kepha manje umphefumulo wethu usuwomile; akukho lutho impela; ngaphandle kwaleli mana* akukho lutho emehlweni ethu.” Imana* lafana nembewu yekoriyanderi,* nokubonakala kwalo kwakunjengokubonakala kwenhlaka yebedola.* Abantwana baphuma ukuliqoqa, baligaya ematsheni, noma beligqula ezigqulweni, balipheka emakhanzini, benza ngalo amaqebelengwane; ukuzwakala kwalo kwakunjengokuzwakala kweqebelengwane lamafutha. Nxa amazolo elala phezu kwekamu* ebusuku, imana* lawela phezu kwawo. UMose wezwa abantu bekhala emindenini yabo, kwaba yilowo nalowo muntu ngasemnyango wetende lakhe; intukuthelo kaJehova yavutha kakhulu; kwakukubi emehlweni kaMose. UMose wathi kuJehova: “Uyiphatheleni kabi inceku yakho na? Angifumananga ngani umusa emehlweni akho ukuba ubeke umthwalo wabo bonke laba bantu phezu kwami na? Ngakhulelwa bonke laba bantu yini, ngabazala, ukuze uthi kimi: ‘Bagone ngasesifubeni sakho njengomondli egona umntwana oncelayo, ubayise ezweni owalifungela oyise,’ na? Ngingathathaphi inyama ukubanika bonke laba bantu na? Ngokuba bakhala kimi, bathi: ‘Siphe inyama ukuba sidle.’ Anginakuthwala bonke laba bantu ngedwa, ngokuba kuyangisinda. Uma ungiphatha kanje, ake ungibulale nokungibulala, uma ngifumene umusa emehlweni akho; mangingaluboni usizi lwami.”

UNumeri 11:1-15 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Uma abantu bekhononda, kwakungalungile emehlweni kaJehova, uJehova wakuzwa; intukuthelo yakhe yavutha; umlilo kaJehova wavutha phakathi kwabo, wabaqeda ababesemikhawulweni yekamu. Abantu bambiza uMose; lapho uMose ekhuleka kuJehova, umlilo wacisha. Wabiza indawo ngokuthi iThabera, ngokuba umlilo weNkosi wavutha phakathi kwabo. Isixuku esasiphakathi kwabo salamba, nabantwana bakwa-Israyeli baphinda bakhala, bathi: “Ngubani ozosinika inyama ukuba sidle na?” Sicabanga ngezinhlanzi esazidla eGibithe ngesihle; ukhukhamba, namakhabe, namalikhi, no-anyanisi, nesweli; Kepha manje umphefumulo wethu ubunile; akukho lutho ngaphandle kwaleli mana phambi kwamehlo ethu. Imana lalinjengembewu yekoriyanderi, nombala walo unjengombala webhedolaki. Abantu babehamba bakubuthe, bakugaye etsheni, noma bakugaye odakeni, bakubhake ngamapani, benze amaqebelengwane ngakho; ukunambitheka kwakho kwakunjengokunambitha kwamafutha amasha. Lapho amazolo ewela embhedeni ebusuku, imana lawa phezu kwawo. UMose wezwa abantu bekhala ngemindeni yabo, kwaba yilowo nalowo ngasemnyango wetende lakhe; ulaka lweNkosi lwavutha kakhulu; UMose naye akazange ajabule. UMozisi wasesithi eNkosini: Uyicindezeleleni inceku yakho? Angifumananga ngani umusa emehlweni akho ukuba ubeke umthwalo walesi sizwe phezu kwami na? Ngabe ngibamukele bonke laba bantu? Ngabe ngabazala, ukuze uthi kimi: Bathwale esifubeni sakho, njengomondli ethwala umntwana, ubayise ezweni owalithembisa oyise ngesifungo na? Ngizakutholaphi inyama yokupha bonke lababantu? ngokuba bakhala kimi, bathi: ‘Siphe ukudla, sidle.’ Anginakuthwala bonke laba bantu ngedwa, ngokuba kuyasinda kimi. Uma ningenza kanjalo, ngibulaleni, uma ngifumene umusa emehlweni enu; futhi mangingaluboni usizi lwami.

UNumeri 11:1-15 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Abantu bakhononda, uSimakade wezwa, kwaba kubi ezindlebeni zakhe, ngakho-ke intukuthelo yakhe yavutha phakathi kwabo, umlilo kaSimakade washa ubuhanguhangu phakathi kwabo, wabhubhisa ngisho imikhawulo yenkambu. Abantu bakhala kuMose. UMose wakhuleka kuSimakade, umlilo wabohla. Leyo ndawo yaqanjwa ngokuthi yiThabhehera, ngokuba umlilo kaSimakade wavutha phakathi kwabo. Ingxubevange eyayiphakathi kwabantu bakwa-Israyeli yaqala ukulangazelela izinto zaseGibhithe nabantu bakwa-Israyeli babuye bakhala, bathi: “Ngubani oyakusipha inyama ukuba sidle na? Siyakhumbula izinhlanzi esasizidla eGibhithe ngesihle, namakhukhamba, amakhabe, amaliki, uhanyanisi neswela. Kepha manje sekuphele nokulangazelela ukudla. Akukho lutho olunye esingaludla ngaphandle kwale mana esiyidla imihla namalanga.” Imana yayifana nembewu yekhoriyanderi, isanhlamvana, ibukeka iphuzi, injengenhlaka yebheduliyamu. Abantu babephuma bayiqoqe, bayigaye ematsheni, noma bayigqule ezigqulweni, bayipheke emakhanzini, benze nangayo amaqebelengwane. Yayinambitheka okweqebelengwane elinamafutha. Lapho amazolo ehlela enkanjini ebusuku nemana yayehla. UMose wezwa abantu bekhala emindenini yabo ngasemnyango wethende lakhe. Intukuthelo kaSimakade yavutha kakhulu, lokhu kwamdabukisa kakhulu uMose. UMose wathi kuSimakade: “Ukwenzeleni okubi encekwini yakho na? Kungani ngingafumananga musa emehlweni akho ukuba ungethwese umthwalo wabo bonke laba bantu na? Ngabe bonke laba bantu bakhulelwa yimi, futhi bazalwa yimi yini na? Kodwa uthi kimi: ‘Bagone wena esifubeni sakho njengomzanyana egone umntwana oncelayo, ubayise ezweni owalifungela oyise na?’ Ngiyakuyithatha kuphi inyama engingabanika yona bonke laba bantu na? Bayangikhalela ukuba ngibanike inyama badle. Mina ngokwami, angikwazi ukubathwala bonke laba bantu, ngokuba bayangisinda. Vele wenza lokhu kimi ukuba ungibulale; ngiyakuncenga, ngibulale ngokushesha ukuze ngifumane umusa emehlweni akho, ungangivumeli ngibone usizi lwami.”