INumeri 11:1-15

INumeri 11:1-15 ZUL20

Abantu bakhononda, uSimakade wezwa, kwaba kubi ezindlebeni zakhe, ngakho-ke intukuthelo yakhe yavutha phakathi kwabo, umlilo kaSimakade washa ubuhanguhangu phakathi kwabo, wabhubhisa ngisho imikhawulo yenkambu. Abantu bakhala kuMose. UMose wakhuleka kuSimakade, umlilo wabohla. Leyo ndawo yaqanjwa ngokuthi yiThabhehera, ngokuba umlilo kaSimakade wavutha phakathi kwabo. Ingxubevange eyayiphakathi kwabantu bakwa-Israyeli yaqala ukulangazelela izinto zaseGibhithe nabantu bakwa-Israyeli babuye bakhala, bathi: “Ngubani oyakusipha inyama ukuba sidle na? Siyakhumbula izinhlanzi esasizidla eGibhithe ngesihle, namakhukhamba, amakhabe, amaliki, uhanyanisi neswela. Kepha manje sekuphele nokulangazelela ukudla. Akukho lutho olunye esingaludla ngaphandle kwale mana esiyidla imihla namalanga.” Imana yayifana nembewu yekhoriyanderi, isanhlamvana, ibukeka iphuzi, injengenhlaka yebheduliyamu. Abantu babephuma bayiqoqe, bayigaye ematsheni, noma bayigqule ezigqulweni, bayipheke emakhanzini, benze nangayo amaqebelengwane. Yayinambitheka okweqebelengwane elinamafutha. Lapho amazolo ehlela enkanjini ebusuku nemana yayehla. UMose wezwa abantu bekhala emindenini yabo ngasemnyango wethende lakhe. Intukuthelo kaSimakade yavutha kakhulu, lokhu kwamdabukisa kakhulu uMose. UMose wathi kuSimakade: “Ukwenzeleni okubi encekwini yakho na? Kungani ngingafumananga musa emehlweni akho ukuba ungethwese umthwalo wabo bonke laba bantu na? Ngabe bonke laba bantu bakhulelwa yimi, futhi bazalwa yimi yini na? Kodwa uthi kimi: ‘Bagone wena esifubeni sakho njengomzanyana egone umntwana oncelayo, ubayise ezweni owalifungela oyise na?’ Ngiyakuyithatha kuphi inyama engingabanika yona bonke laba bantu na? Bayangikhalela ukuba ngibanike inyama badle. Mina ngokwami, angikwazi ukubathwala bonke laba bantu, ngokuba bayangisinda. Vele wenza lokhu kimi ukuba ungibulale; ngiyakuncenga, ngibulale ngokushesha ukuze ngifumane umusa emehlweni akho, ungangivumeli ngibone usizi lwami.”