Kwathi abantu bakhonona, kwabakubi ezindlebeni zikaJehova; esekuzwile uJehova, yavutha intukuthelo yakhe; umlilo kaJehova washa phakathi kwabo, wabaqeda abasemkhawulweni wekamu.* Abantu base bekhala kuMose; uMose wakhuleka kuJehova, umlilo wabohla. Igama laleyo ndawo laqanjwa ngokuthi iThabehera, ngokuba umlilo kaJehova washa phakathi kwabo.
Ingxubevange eyayiphakathi kwabo yaqala ukufisa nokufisa; nabantwana bakwa-Israyeli babuye bakhala, bathi: “Ngubani oyakusipha inyama ukuba sidle na? Siyakhumbula izinhlanzi esazidla eGibithe ngesihle, namakukamba,* namakhabe, namaliki,* nohanyanisi,* nesweli; kepha manje umphefumulo wethu usuwomile; akukho lutho impela; ngaphandle kwaleli mana* akukho lutho emehlweni ethu.”
Imana* lafana nembewu yekoriyanderi,* nokubonakala kwalo kwakunjengokubonakala kwenhlaka yebedola.* Abantwana baphuma ukuliqoqa, baligaya ematsheni, noma beligqula ezigqulweni, balipheka emakhanzini, benza ngalo amaqebelengwane; ukuzwakala kwalo kwakunjengokuzwakala kweqebelengwane lamafutha. Nxa amazolo elala phezu kwekamu* ebusuku, imana* lawela phezu kwawo.
UMose wezwa abantu bekhala emindenini yabo, kwaba yilowo nalowo muntu ngasemnyango wetende lakhe; intukuthelo kaJehova yavutha kakhulu; kwakukubi emehlweni kaMose. UMose wathi kuJehova: “Uyiphatheleni kabi inceku yakho na? Angifumananga ngani umusa emehlweni akho ukuba ubeke umthwalo wabo bonke laba bantu phezu kwami na? Ngakhulelwa bonke laba bantu yini, ngabazala, ukuze uthi kimi: ‘Bagone ngasesifubeni sakho njengomondli egona umntwana oncelayo, ubayise ezweni owalifungela oyise,’ na? Ngingathathaphi inyama ukubanika bonke laba bantu na? Ngokuba bakhala kimi, bathi: ‘Siphe inyama ukuba sidle.’ Anginakuthwala bonke laba bantu ngedwa, ngokuba kuyangisinda. Uma ungiphatha kanje, ake ungibulale nokungibulala, uma ngifumene umusa emehlweni akho; mangingaluboni usizi lwami.”