NgokukaMarku 7:14-37

NgokukaMarku 7:14-37 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Wasebabizela kuye bonke abantu, wathi kubo: Ngizweni lonke, lizwisise; Akukho lutho olungaphandle komuntu olungena kuye olungamngcolisa; Uma ekhona onezindlebe zokuzwa, makezwe. Kwathi esengene endlini evela exukwini, abafundi bakhe bambuza ngomfanekiso. Wathi kubo: Kanjalo nani aniqondi na? Anazi yini ukuthi konke okungaphandle okungena kumuntu akunakumngcolisa; Ngokuba akungeni enhliziyweni yakhe, kodwa kungena esiswini, kuphumele obala, ehlambulula konke ukudla na? Wasesithi: Okuphumayo kumuntu yikho okungcolisayo umuntu. Ngokuba ngaphakathi, enhliziyweni yomuntu kuphuma imicabango emibi, ukuphinga, ubufebe, ukubulala, ubusela, ukufisa, ububi, inkohliso, ukuxhwala, ilihlo elibi, inhlamba, ukuzigqaja, ubuthutha; Zonke lezi zinto ezimbi ziphuma ngaphakathi, zimngcolise umuntu. Wasuka lapho, waya emikhawulweni yaseTire neSidoni, wangena endlini, ethanda ukuba kungaziwa muntu, kepha akakwazanga ukucasha. Ngoba owesifazana othile, ondodakazi yakhe encane inomoya ongcolileyo, yezwa ngaye, weza wawela enyaweni zakhe. Owesifazane wayengumGreki, engumSirofenike ngokuzalwa; wamncenga ukuba akhiphe idemoni endodakazini yakhe. Kepha uJesu wathi kuye: “Vuma abantwana kuqala, ngokuba akukuhle ukuthatha isinkwa sabantwana, siphonse ezinjaneni. Waphendula, wathi kuye: “Yebo, Nkosi, nokho nezinjana phansi kwetafula zidla imvuthuluka yabantwana. Wathi kuye: “Ngenxa yalelo zwi hamba; idemoni liphumile endodakazini yakho. Wayesefika endlini yakhe, wafumana idemoni liphumile, nendodakazi ilele embhedeni. Wayesemuka futhi emikhawulweni yaseTire naseSidoni, weza olwandle lwaseGalile edabula phakathi kwezifunda zaseDekapholi. Baletha kuye isithulu, eyisilima; bamncenga ukuthi abeke isandla sakhe phezu kwakhe. Wamsusa esixukwini, wafaka iminwe yakhe ezindlebeni zakhe, wafela amathe, wathinta ulimi lwakhe; Wabheka phezulu ezulwini, wabubula, wathi kuye: “Efatha,” okungukuthi, Vula! Kwase kuvuleka izindlebe zaso masinyane, kwakhululeka ukucushwa kolimi lwaso, wakhuluma kahle. Wabalaya ukuthi bangatsheli muntu; Basebemangala kakhulukazi, besithi: Wenze kuhle konke; uzenza izithulu zizwe, lezimungulu zikhulume.

NgokukaMarku 7:14-37 IsiZulu 2020 (ZUL20)

UJesu wabuye wabiza isixuku, wathi kuso: “Ngilaleleni, nina nonke, niqonde. Akukho lutho olungaphandle komuntu olungangena kuye lumngcolise, kuphela lokho okuphuma kuye, yikho okumngcolisayo. Onezindlebe zokuzwa, makezwe.” Kuthe esengene endlini, esuka esixukwini, abafundi bakhe bambuza ngalo mzekeliso. Wayesethi kubo: “Kanti nani aninakuqonda na? Aniqondi yini ukuthi konke okungaphandle uma kungena kumuntu akunakumngcolisa na? Ngokuba akungeni enhliziyweni yakhe, kodwa kuya esiswini, kuphumele ngaphandle.” Ngokusho kanjalo wayechaza ukuthi konke ukudla kuhlanzekile. Wayesethi: “Kepha okuphuma kumuntu, yikho okumngcolisayo. Ngokuba ngaphakathi enhliziyweni yomuntu kuvela imicabango emibi: ubufebe, ukweba, ukubulala, ukuphinga, umona, nabo bonke ububi, inkohliso, ukonakala okukhulu, iso elibi, ukuhlambalaza, ukuzidla, nobuwula. Zonke lezi zinto ezimbi zivela ngaphakathi, futhi ziyamngcolisa umuntu.” UJesu wasuka lapho, waya ezifundeni eThire. Wangena endlini, nokho wayengathandi ukuba kube khona owaziyo ngalokho, kodwa akwenzakalanga ukuba akwazi ukuzifihla. Kwathi masinyane owesifazane owayenendodakazi encane eyayinomoya ongcolileyo, esezwile ngaye, wafika waziphonsa ngasezinyaweni zikaJesu. Kepha lo wesifazane wayengumGriki owayezalelwe eSirofenike, wamnxusa uJesu ukuba akhiphe idimoni endodakazini yakhe. UJesu wayesethi kuye: “Ake kusuthe abantwana kuqala, ngokuba akukuhle ukuthatha isinkwa sabantwana, usiphonse ezinjaneni.” Kepha owesifazane waphendula, wathi kuye: “Yebo, Nkosi, kodwa nezinjana zidla imvuthuluka yabantwana phansi kwetafula.” Wayesethi kuye: “Ngenxa yaleli lizwi, hamba; idimoni seliphumile endodakazini yakho.” Esehambile wabuyela endlini yakhe owesifazane, wafica umntwana elele embhedeni, idimoni seliphumile. UJesu esephumile futhi ezifundeni eThire, wadabula eSidoni, waya ngasolwandle iGalile, enqamula eDekhapholi. Baletha kuye isithulu esinamalimi, bamncenga ukuba abeke isandla sakhe phezu kwaso. UJesu wagudluka naso esixukwini, baba bodwa, wayesefaka iminwe yakhe ezindlebeni zaso, wafela amathe, wathinta ulimi lwaso, wabheka ngasezulwini, wabubula, wathi kuso: “Efatha!” okungukuthi: “Vuleka!” Izindlebe zaso zavuleka ngokushesha, lwaqaqululeka nolimi lwaso, sakhuluma kahle. Wabadonsa ngendlebe ukuba bangatsheli muntu. Kepha kwathi noma ebayalisisa kwaba sengathi uyababhebhezela, bayisabalalisa kakhulu indaba. Bamangala ngokwedlulele, bathi: “Wenze konke kahle; izithulu uzenza zizwe, nezimungulu zikhulume.”

NgokukaMarku 7:14-37 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Khona wabuye wabiza isixuku, wathi kuso: “Ngizweni nonke, niqonde. Alukho utho olungaphandle komuntu lungene kuye olungamngcolisa; kepha okuphumayo kuye yilokho okumngcolisayo umuntu. Uma ekhona onezindlebe zokuzwa, makezwe.” Kuthe esengene endlini, evela esixukwini, abafundi bakhe bambuza ngalowo mfanekiso. Wayesethi kubo: “Kanti nani ningabangaqondiyo na? Aniqondi yini ukuthi konke okungaphandle okungena kumuntu kungemngcolise na? Ngokuba akungeni enhliziyweni yakhe, kodwa kungena esiswini, kuphumele ngaphandle, kuhlambulula ukudla konke.” Wayesethi: “Okuphumayo kumuntu yilokho okumngcolisayo umuntu; ngokuba ngaphakathi enhliziyweni yabantu kuphuma imicabango emibi, nobufebe, nokweba, nokubulala, nokuphinga, nokufisa, nokushinga, nenkohliso, nokungabi nanhloni, neso elibi, nokuhlambalaza, nokuzidla, nobuwula. Zonke lezo zinto ezimbi zivela ngaphakathi, zimngcolise umuntu.” Wayesemuka lapho, waya emikhawulweni yaseTire. Wangena endlini, akathanda ukwaziwa muntu, kodwa wayengenakufihlakala. Kwathi masinyane owesifazane ondodakazi yakhe encane inomoya ongcolileyo esezwile ngaye, weza waziphonsa phansi ngasezinyaweni zakhe. Kepha owesifazane lo wayengumGreki engumSirofenike ngokuzalwa, wamnxusa ukuba akhiphe idemoni endodakazini yakhe. UJesu wayesethi kuye: “Ake kusuthe abantwana kuqala, ngokuba akukuhle ukuthatha isinkwa sabantwana, usiphonse ezinjaneni.” Kodwa waphendula, wathi kuye: “Yebo, Nkosi; kepha nezinjana zidla imvuthuluka yabantwana phansi kwetafula.” Wayesethi kuye: “Ngenxa yalelo zwi, hamba-ke; idemoni seliphumile endodakazini yakho.” Wayesemuka, waya endlini yakhe, wafumana umntwana elele embhedeni, idemoni liphumile. UJesu waphuma futhi emikhawulweni yaseTire, wadabula iSidoni, weza ngaselwandle lwaseGalile edabula izwe laseDekapholi. Baletha kuye isithulu esinamalimi, bamncenga ukuba abeke isandla phezu kwaso. Wagudluka naso esixukwini bebodwa, wafaka iminwe yakhe ezindlebeni zaso, wafela amathe, waphatha ulimi lwaso, wabheka ngasezulwini, wabubula, wathi kuso: “Efatha!” okungukuthi: “Vuleka!” Zase zivuleka izindlebe zaso, wathukuluka masinyane umthambo wolimi lwaso, sakhuluma kahle. Wabayala ukuba bangatsheli muntu. Kepha kwathi nakuba ebayala kakhulu, kwayikhona bekwandisa kakhulu impela. Bamangala nokumangala, bathi: “Wenze kahle konke; nezithulu uzenza zizwe, nezimungulu zikhulume.”

NgokukaMarku 7:14-37 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)