UJesu wabuye wabiza isixuku, wathi kuso: “Ngilaleleni, nina nonke, niqonde. Akukho lutho olungaphandle komuntu olungangena kuye lumngcolise, kuphela lokho okuphuma kuye, yikho okumngcolisayo. Onezindlebe zokuzwa, makezwe.”
Kuthe esengene endlini, esuka esixukwini, abafundi bakhe bambuza ngalo mzekeliso. Wayesethi kubo: “Kanti nani aninakuqonda na? Aniqondi yini ukuthi konke okungaphandle uma kungena kumuntu akunakumngcolisa na? Ngokuba akungeni enhliziyweni yakhe, kodwa kuya esiswini, kuphumele ngaphandle.”
Ngokusho kanjalo wayechaza ukuthi konke ukudla kuhlanzekile.
Wayesethi: “Kepha okuphuma kumuntu, yikho okumngcolisayo. Ngokuba ngaphakathi enhliziyweni yomuntu kuvela imicabango emibi: ubufebe, ukweba, ukubulala, ukuphinga, umona, nabo bonke ububi, inkohliso, ukonakala okukhulu, iso elibi, ukuhlambalaza, ukuzidla, nobuwula. Zonke lezi zinto ezimbi zivela ngaphakathi, futhi ziyamngcolisa umuntu.”
UJesu wasuka lapho, waya ezifundeni eThire. Wangena endlini, nokho wayengathandi ukuba kube khona owaziyo ngalokho, kodwa akwenzakalanga ukuba akwazi ukuzifihla. Kwathi masinyane owesifazane owayenendodakazi encane eyayinomoya ongcolileyo, esezwile ngaye, wafika waziphonsa ngasezinyaweni zikaJesu. Kepha lo wesifazane wayengumGriki owayezalelwe eSirofenike, wamnxusa uJesu ukuba akhiphe idimoni endodakazini yakhe.
UJesu wayesethi kuye: “Ake kusuthe abantwana kuqala, ngokuba akukuhle ukuthatha isinkwa sabantwana, usiphonse ezinjaneni.”
Kepha owesifazane waphendula, wathi kuye: “Yebo, Nkosi, kodwa nezinjana zidla imvuthuluka yabantwana phansi kwetafula.”
Wayesethi kuye: “Ngenxa yaleli lizwi, hamba; idimoni seliphumile endodakazini yakho.”
Esehambile wabuyela endlini yakhe owesifazane, wafica umntwana elele embhedeni, idimoni seliphumile.
UJesu esephumile futhi ezifundeni eThire, wadabula eSidoni, waya ngasolwandle iGalile, enqamula eDekhapholi. Baletha kuye isithulu esinamalimi, bamncenga ukuba abeke isandla sakhe phezu kwaso. UJesu wagudluka naso esixukwini, baba bodwa, wayesefaka iminwe yakhe ezindlebeni zaso, wafela amathe, wathinta ulimi lwaso, wabheka ngasezulwini, wabubula, wathi kuso: “Efatha!” okungukuthi: “Vuleka!” Izindlebe zaso zavuleka ngokushesha, lwaqaqululeka nolimi lwaso, sakhuluma kahle. Wabadonsa ngendlebe ukuba bangatsheli muntu. Kepha kwathi noma ebayalisisa kwaba sengathi uyababhebhezela, bayisabalalisa kakhulu indaba. Bamangala ngokwedlulele, bathi: “Wenze konke kahle; izithulu uzenza zizwe, nezimungulu zikhulume.”