Marku 7:14-37

Marku 7:14-37 ZULUNT

Wasebabizela kuye bonke abantu, wathi kubo: Ngizweni lonke, lizwisise; Akukho lutho olungaphandle komuntu olungena kuye olungamngcolisa; Uma ekhona onezindlebe zokuzwa, makezwe. Kwathi esengene endlini evela exukwini, abafundi bakhe bambuza ngomfanekiso. Wathi kubo: Kanjalo nani aniqondi na? Anazi yini ukuthi konke okungaphandle okungena kumuntu akunakumngcolisa; Ngokuba akungeni enhliziyweni yakhe, kodwa kungena esiswini, kuphumele obala, ehlambulula konke ukudla na? Wasesithi: Okuphumayo kumuntu yikho okungcolisayo umuntu. Ngokuba ngaphakathi, enhliziyweni yomuntu kuphuma imicabango emibi, ukuphinga, ubufebe, ukubulala, ubusela, ukufisa, ububi, inkohliso, ukuxhwala, ilihlo elibi, inhlamba, ukuzigqaja, ubuthutha; Zonke lezi zinto ezimbi ziphuma ngaphakathi, zimngcolise umuntu. Wasuka lapho, waya emikhawulweni yaseTire neSidoni, wangena endlini, ethanda ukuba kungaziwa muntu, kepha akakwazanga ukucasha. Ngoba owesifazana othile, ondodakazi yakhe encane inomoya ongcolileyo, yezwa ngaye, weza wawela enyaweni zakhe. Owesifazane wayengumGreki, engumSirofenike ngokuzalwa; wamncenga ukuba akhiphe idemoni endodakazini yakhe. Kepha uJesu wathi kuye: “Vuma abantwana kuqala, ngokuba akukuhle ukuthatha isinkwa sabantwana, siphonse ezinjaneni. Waphendula, wathi kuye: “Yebo, Nkosi, nokho nezinjana phansi kwetafula zidla imvuthuluka yabantwana. Wathi kuye: “Ngenxa yalelo zwi hamba; idemoni liphumile endodakazini yakho. Wayesefika endlini yakhe, wafumana idemoni liphumile, nendodakazi ilele embhedeni. Wayesemuka futhi emikhawulweni yaseTire naseSidoni, weza olwandle lwaseGalile edabula phakathi kwezifunda zaseDekapholi. Baletha kuye isithulu, eyisilima; bamncenga ukuthi abeke isandla sakhe phezu kwakhe. Wamsusa esixukwini, wafaka iminwe yakhe ezindlebeni zakhe, wafela amathe, wathinta ulimi lwakhe; Wabheka phezulu ezulwini, wabubula, wathi kuye: “Efatha,” okungukuthi, Vula! Kwase kuvuleka izindlebe zaso masinyane, kwakhululeka ukucushwa kolimi lwaso, wakhuluma kahle. Wabalaya ukuthi bangatsheli muntu; Basebemangala kakhulukazi, besithi: Wenze kuhle konke; uzenza izithulu zizwe, lezimungulu zikhulume.

Funda Marku 7

Ividiyo ye- Marku 7:14-37