NgokukaMarku 3:1-15
NgokukaMarku 3:1-15 IsiZulu 2020 (ZUL20)
UJesu wabuye wangena esinagogeni. Kwakukhona lapho umuntu owayenesandla esishwabeneyo. Babembheke ngeso lokhozi ukuthi ngabe uzomphilisa yini lowo muntu ngesabatha, ukuze bamthwese icala. UJesu wathi kumuntu onesandla esishwabeneyo: “Sukuma, ume phakathi nendawo.” Wayesethi kubo: “Kuvunyelwe yini ngesabatha ukwenza okuhle noma okubi na? Ukusindisa noma ukubulala na?” Kepha bathula du. UJesu waqalaza nxazonke ebabuka, ethukuthele, edabukile kakhulu ngenxa yobulukhuni bezinhliziyo zabo. Wayesethi kulowo muntu: “Yelula isandla sakho.” Waselula, saphiliswa isandla sakhe. AbaFarisi baphuma ngokushesha bayohlanganisa amakhanda ngaye nabakaHerodi ukuthi bangambhubhisa kanjani. UJesu nabafundi bakhe basuka baya ngasolwandle. Izixuku zamlandela, zivela eGalile naseJudiya, eJerusalema nase-Idumiya, nangaphesheya kweJordani, naseThire naseSidoni. Isixuku esikhulu seza kuye lapho sesizwile ngakho konke ayekwenza. UJesu wayesebatshela abafundi bakhe ukuba bamlungisele isikebhe ngenxa yesixuku, ukuze singamminyanisi. Ngokuba waphulukisa abaningi, kangangokuthi bonke ababegula babedudulana, bewela phezu kwakhe, ukuze bamthinte. Nomoya abangcolileyo lapho bembona, babewa phansi phambi kwakhe, bamemeze, bathi: “Wena uyiNdodana kaNkulunkulu.” UJesu wabayalisisa omoya ababi ukuba bangalokothi bakudalule ukuthi ungubani. UJesu wayesenyukela entabeni, wabiza labo ayebafuna; beza kuye. Waqoka abali-12, ababiza futhi ngabaphostoli ukuze babenaye, nokuba aphinde abathume ukuba bayoshumayela, nokuba babe negunya lokukhipha amadimoni.
NgokukaMarku 3:1-15 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Khona wabuye wangena esinagogeni.* Kwakukhona lapho umuntu onesandla esishwabeneyo. Bamqaphela ukuba uzakumphilisa yini ngesabatha, ukuze bambeke icala. Wathi kumuntu onesandla esishwabeneyo: “Sukuma, ume phakathi.” Wayesethi kubo: “Kuvunyelwe ngesabatha ukwenza okuhle noma okubi yini, ukusindisa umuntu noma ukumbulala na?” Kepha bathula. Waqalaza ebabuka ngokuthukuthela, edabukile ngobulukhuni benhliziyo yabo; wayesethi kulowo muntu: “Yelula isandla.” Waselula, saphiliswa isandla sakhe. AbaFarisi base bephuma masinyane bacebisana ngaye nabakaHerode ukuthi bangambhubhisa kanjani. UJesu wasuka kanye nabafundi bakhe, waya ngaselwandle; isixuku esikhulu samlandela sivela eGalile, naseJudiya, naseJerusalema, nase-Idumiya, nangaphesheya kweJordani, nangaseTire, naseSidoni; isixuku esikhulu sesizwile konke akwenzayo seza kuye. Wayeseyala abafundi bakhe ukuba isikebhe simlindele ngenxa yesixuku sabantu, ukuze bangamcindezeli, ngokuba wayephulukisa abaningi, kwaze kwathi bonke abanezifo bawela phezu kwakhe ukuba bamnamathe. Nawomoya abangcolileyo bathi ukuba bambone, bawa phansi phambi kwakhe, bamemeza bathi: “Wena uyiNdodana kaNkulunkulu.” Wabayalisisa ukuba bangamzwakalisi. Wayesenyukela entabeni, wabizela kuye abebafuna yena; beza kuye. Wamisa abayishumi nambili ukuba babe naye nokuba abathume baye kushumayela, babe namandla okukhipha amademoni.
NgokukaMarku 3:1-15 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Wabuye wangena esinagogeni; kwakukhona lapho umuntu onesandla esishwabene. Basebemqaphela ukuthi uzamsilisa yini ngesabatha; ukuze bambeke icala. Wathi endodeni enesandla esishwabeneyo: “Sukuma uye phakathi.” Wathi kubo: Kuvunyelwe yini ngesabatha ukwenza okuhle kumbe okubi? ukusindisa impilo, kumbe ukubulala? Kodwa bathula. Wabaqalaza ngokuthukuthela, edabukile ngobulukhuni benhliziyo yabo, wathi kumuntu: Yelula isandla sakho. Waseselula; saphiliswa isandla sakhe saba njengesinye. Base bephuma abaFarisi, bahle bacebisana nabakaHerode ukuthi bangambulala kanjani. Kodwa uJesu wasuka wahamba labafundi bakhe, waya elwandle; naseJerusalema, nase-Idumiya, nangaphesheya kweJordani; nangaseTire naseSidoni, isixuku esikhulu, sesizwile ukuthi kukhulu akwenzayo, seza kuye. Wasekhuluma kubafundi bakhe ukuthi umkhunjana umlinde ngenxa yexuku, hlezi bammpitshe. Ngokuba wayephulukise abaningi; baze bamcindezela ukuba bamthinte bonke ababenezifo. Kwathi omoya abangcolileyo bembona, baziwise phansi phambi kwakhe, bakhale, bathi: “Wena uyiNdodana kaNkulunkulu. Wasebalaya kakhulu ukuthi bangamenzi aziwe. Wasesenyukela entabeni, wabiza labo ayebathanda; beza kuye. Wasemisa abalitshumi lambili, ukuthi babe laye, lokuthi abathume ukuyatshumayela; nokuba namandla okwelapha izifo, nokukhipha amademoni
NgokukaMarku 3:1-15 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)