NgokukaMarku 2:24-28
NgokukaMarku 2:24-28 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
AbaFarisi bathi kuye: “Bheka, benzani ngesabatha okungavunyelwe na? Wathi kubo: “Anizange nifunde yini uDavida akwenzayo lapho eswele, elambile, yena nababe naye? Ukuthi wangena endlini kaNkulunkulu ezinsukwini zika-Abiyathara umpristi omkhulu, wadla izinkwa zokubukwa, ezingavunyelwe ukudliwa ngabapristi kuphela, wanika nababe naye? Wasesithi kubo: Isabatha lenzelwa umuntu, umuntu kasenzelwanga isabatha. Ngakho iNdodana yomuntu iyiNkosi leyesabatha.
NgokukaMarku 2:24-28 IsiZulu 2020 (ZUL20)
AbaFarisi bathi kuye: “Kungani abafundi bakho benze okungavumelekile ngesabatha na?” Wathi kubo: “Kanti anifundanga yini ngokwenziwa nguDavide mhla eswele, futhi elambile, yena nayehamba nabo na? Akangenanga yini endlini kaNkulunkulu ngesikhathi sika-Abhiyathara, umphristi omkhulu, wadla izinkwa zobukhona bukaNkulunkulu ezingavunyelwe ukudliwa muntu, ngaphandle kwabaphristi kuphela, wayesenika nababenaye na?” UJesu wayesethi kubo: “Isabatha lenzelwa umuntu, umuntu akenzelwanga isabatha. Ngokunjalo-ke, iNdodana yomuntu iyiNkosi ngisho neyesabatha imbala.”
NgokukaMarku 2:24-28 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Base bethi kuye abaFarisi: “Bheka, bakwenzelani ngesabatha okungavunyelwe na?” Wathi kubo: “Anizange nifunde yini akwenzayo uDavide mhla eswele, elambile yena nababe naye ukuthi wangena endlini kaNkulunkulu enkathini ka-Abiyathara umpristi omkhulu, wadla izinkwa zokubukwa ezingavunyelwe ukudliwa muntu, ngabapristi bodwa, wanika nababe naye, na?” Wayesethi kubo: “Isabatha lenzelwa umuntu, umuntu akenzelwanga isabatha. Ngokunjalo iNdodana yomuntu iyinkosi neyesabatha.”
NgokukaMarku 2:24-28 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)