NgokukaMarku 2:16-22
NgokukaMarku 2:16-22 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Khona ababhali babaFarisi bembona edla nezoni nabathelisi bathi kubafundi bakhe: “Yini ukuba adle nabathelisi nezoni na?” UJesu ekuzwa lokho wathi kubo: “Abaphilileyo abadingi inyanga, ngabagulayo bodwa; kangizelanga ukubiza abalungileyo kodwa izoni.” Abafundi bakaJohane nabaFarisi babezila ukudla; beza bathi kuye: “Yini ukuba abafundi bakaJohane nabafundi babaFarisi bazile ukudla, kodwa abafundi bakho bangazili na?” UJesu wathi kubo: “Abayeni bangazila yini, umyeni esenabo na? Bese naye umyeni bangezile. Kodwa zizakufika izinsuku, lapho umyeni ezakususwa kubo; yikhona-ke bezakuzila ngalolo suku. Akakho othungela isiziba esingakashukeki engutsheni endala, funa okusha okubekelwayo kuklebhule kwendala, kwande ukuklebhuka. Futhi akakho othela iwayini elisha ezimvabeni ezindala, funa iwayini liqhumise izimvaba, lichitheke iwayini, nezimvaba zonakale; kodwa iwayini elisha lithelwa ezimvabeni ezintsha.”
NgokukaMarku 2:16-22 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kwathi ababhali labaFarisi bembona esidla labathelisi lezoni, bathi kubafundi bakhe: Kungani esidla lokusela labathelisi lezoni? UJesu ekuzwa wathi kubo: “Abaphilayo abamdingi umelaphi, kodwa abagulayo kuphela. Kepha abafundi bakaJohane nabafundi babaFarisi babezila ukudla, beza bathi kuye: “Kungani abafundi bakaJohane nabafundi babaFarisi bezila ukudla, kepha abafundi bakho abazili na? UJesu wathi kubo: “Abendlu yomyeni bangazila yini ukudla, umyeni esenabo na? inqobo nje uma umyeni ekanye nabo, abanakuzila ukudla. Kodwa zizakufika izinsuku, lapho umyeni ezakususwa kubo; yikhona-ke bezakuzila ngalolo suku. Akakho othungela isiziba esingakashukeki engutsheni endala, funa okusha okubekelwayo kuklebhule kwendala, kwande ukuklebhuka. Futhi akakho othela iwayini elisha ezimvabeni ezindala, funa iwayini liqhumise izimvaba, lichitheke iwayini, nezimvaba zonakale; kodwa iwayini elisha lithelwa ezimvabeni ezintsha.”
NgokukaMarku 2:16-22 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Izazimthetho ezingabaFarisi, zibona ukuthi uJesu udla nezoni nabathelisi, zathi kubafundi bakhe: “Kungani ukuba adle nabathelisi nezoni na?” UJesu esekuzwile lokho, wathi kuzo: “Abaphilileyo abayidingi inyanga, kodwa idingwa ngabagulayo kuphela. Mina angizelanga ukuzobiza abalungileyo, kodwa izoni.” Abafundi bakaJohane nababaFarisi babezila ukudla. Abathile baya kuJesu, bathi kuye: “Kwenziwa yini ukuba abafundi bakaJohane nabafundi babaFarisi bazile ukudla, kodwa abafundi bakho bangazili na?” UJesu wathi kubo: “Kambe ikhetho lingazila yini umyeni esahlezi nalo na? Phinde neze, alisoze lazila uma umyeni esenalo. Kepha izinsuku ziyeza, lapho umyeni ezakususwa kulo; yilapho-ke lizakuzila ngalolo lusuku. Akekho othungela isichibi esingashukekile engutsheni endala, funa lokhu okusha okuchitshelwe ngakho kuklebhule lokhu okudala, bese kwanda ukuklebhuka. Akekho futhi othela iwayini elisha ezimvabeni ezindala, funa liqhumise izimvaba, bese kuchitheka iwayini, nezimvaba ziqhekezeke. Kepha iwayini elisha lithelwa ezimvabeni ezintsha.”
NgokukaMarku 2:16-22 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)