NgokukaMarku 11:23-24
NgokukaMarku 11:23-24 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“Ngiqinisile ngithi kini: yilowo nalowo oyakuthi kule ntaba: ‘Zimbuka uphonseke olwandle,’ engangabazi enhliziyweni yakhe, kodwa ekholwa ukuthi lokho akushoyo kuzokwenzeka, uyakukwenzelwa lokho. Ngakho-ke ngithi kini: konke enikukhulekelayo nenikucelayo, kholwani ukuthi nikwamukele, nizakuba nakho.
NgokukaMarku 11:23-24 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngiqinisile ngithi kini: Yilowo nalowo oyakuthi kule ntaba: ‘Nqukuleka, uphonseke elwandle,’ engangabazi enhliziyweni yakhe kepha ekholwa ukuthi lokho akushoyo kuyenzeka, uzakuba nakho. Ngalokho ngithi kini: Konke enikukhulekelayo nenikucelayo, kholwani ukuthi nikwamukele, nizakuba nakho.
NgokukaMarku 11:23-24 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Yilowo nalowo oyakuthi kule ntaba: ‘Suka, uphonseke elwandle;’ engangabazi enhliziyweni yakhe, kodwa ekholwa ukuthi lokho akutshoyo kuyenzeka; uzakuba lalokho akutshoyo. Ngakho-ke ngithi kini: Konke enikucelayo nikhuleka, kholwani ukuthi nikutholile, niyakuba nakho.
NgokukaMarku 11:23-24 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)