NgokukaMarku 11:1-10
NgokukaMarku 11:1-10 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kwathi lapho besondela eJerusalema, naseBhethifage, naseBhethaniya ngaseNtabeni Yeminqumo, uJesu wayesethuma abafundi bakhe ababili, wathi kubo: “Hambani niye emzaneni oqondene nani, kuyakuthi nje lapho ningena kuwo, nifumane ithole lembongolo elingakaze ligitshelwe muntu, likhulekiwe; lithukululeni, nililethe. Uma kukhona umuntu othi kini: ‘Nikwenzelani lokhu na?’ anothi ‘INkosi iyalidinga, izakulibuyisa lapha masinyane.’ ” Bahamba-ke, balithola ithole liboshelwe ngasesangweni ngaphandle emgwaqweni; balithukulula. Abanye kwababemi lapho bathi kubo: “Nenzani, nilithukululelani ithole na?” Babaphendula njengalokhu uJesu ayeshilo, base bebayeka. Baliletha ithole kuJesu, babeka izingubo zabo phezu kwalo, wahlala kulo. Abaningi bendlala izingubo zabo endleleni, abanye amahlamvu ababewagawule endle. Labo ababehamba phambili nalabo ababelandela, bamemeza bathi: “Hosana! Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi. Ubusisiwe umbuso ozayo kababa uDavide. Hosana kweliphezulu!”
NgokukaMarku 11:1-10 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Sebesondele eJerusalema eBetfage naseBethaniya ngaseNtabeni Yeminqumo, wathuma ababili kubafundi bakhe, Wathi kubo: “Hambani niye emzaneni obhekene nani; mthukululeni, nimlethe. Uma umuntu ethi kini: ‘Nenzelani lokhu na? anothi iNkosi iyalidinga; njalo izahle imthumele lapha. Base behamba, bafica ithole likhulekiwe ngasemnyango ngaphandle endaweni yezindlela ezimbili; bamthukulule. Abathile kwababemi khona bathi kubo: Nenzani nilithukulula ithole na? Basho kubo njengokuyala kukaJesu; base bebadedela. Baletha ithole kuJesu, babeka izingubo zabo phezu kwalo; wahlala phezu kwakhe. Abaningi bendlala izingubo zabo endleleni, kepha abanye bagawula amagatsha emithini, bawandlala endleleni. Lababehamba phambili lababelandela bamemeza besithi: Hosana; Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi. Ubusisiwe umbuso kababa wethu uDavida, ozayo ebizweni leNkosi. Hosana kweliphezulu!
NgokukaMarku 11:1-10 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

NgokukaMarku 11:1-10 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kwathi ukuba basondele eJerusalema, naseBetfage, naseBethaniya ngaseNtabeni Yeminqumo, wathuma ababili kubafundi bakhe, wathi kubo: “Hambani niye emzaneni obhekene nani; kothi nisangena kuwo, nizakufumana ithole lembongolo likhulekiwe, okungakaze kuhlale muntu kulo; lithukululeni, nililethe. Uma umuntu ethi kini: ‘Nikwenzelani lokhu na?’ anothi: ‘INkosi iyalidinga; izakulibuyisela lapha masinyane.’ ” Bahamba, bafumana ithole likhulekiwe ngasesangweni ngaphandle emgwaqweni; balithukulula. Abanye kwababemi khona bathi kubo: “Nenzani nilithukulula ithole na?” Basho kubo njengokusho kukaJesu; base bebayeka. Baliletha ithole kuJesu, babeka izingubo zabo phezu kwalo, wakhwela kulo. Abaningi bendlala izingubo zabo endleleni, abanye amahlamvu ababewagawule endle. Ababehamba phambili nababelandela bamemeza bathi: “Hosiyana! Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi. Ubusisiwe umbuso ozayo kababa uDavide. Hosiyana kweliphezulu!”