NgokukaMarku 10:35-45
NgokukaMarku 10:35-45 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kwasekusiza kuye uJakobe loJohane, amadodana kaZebedewu, besithi: Mfundisi, sithanda ukuthi usenzele loba yini esizayicela. Wathi kubo: Nithanda ukuba nginenzeleni na? Basebesithi kuye: Siphe ukuthi sihlale, omunye ngakwesokunene sakho lomunye ngakwesokhohlo sakho enkazimulweni yakho. Kepha uJesu wathi kubo: “Anazi enikucelayo; nibhapathizwe ngobhapathizo engibhapathizwa ngalo mina? Basebesithi kuye: Singakwenza. UJesu wasesithi kubo: Isitsha engisinathayo mina lizayinatha; nangombhapathizo engibhapathizwa ngawo mina niyakubhapathizwa ngawo; kodwa ukuhlala ngakwesokunene sami nangakwesokhohlo akusikho okwami ukuphana ngakho; kodwa kuyakunikwa labo abakulungiselweyo. Kwathi abayishumi bekuzwa baqala ukuthukuthelela oJakobe noJohane. Kepha uJesu wababizela kuye, wathi kubo: “Niyazi ukuthi labo okuthiwa babusa izizwe bazenza amakhosi phezu kwazo; nezikhulu zazo ziphethe amandla phezu kwazo. Kodwa kungabi njalo phakathi kwenu, kodwa loba ngubani ofuna ukuba mkhulu phakathi kwenu kabe yisikhonzi senu; njalo loba ngubani ofuna ukuba ngowokuqala phakathi kwenu kabe yinceku yabo bonke. Ngokuba neNdodana yomuntu ayizanga ukukhonzwa kepha ukukhonza nokunikela ukuphila kwayo, kube yisihlengo sabaningi.
NgokukaMarku 10:35-45 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kwase kusondela kuye uJakobe noJohane, amadodana kaZebedewu, bathi kuye: “Mfundisi, siyathanda ukuba usenzele lokhu esizakukucela kuwe.” Wathi kubo: “Nifuna ukuba nginenzeleni na?” Bathi kuye: “Siphe ukuba sihlale, omunye ngakwesokunene sakho, omunye ngakwesokhohlo sakho, enkazimulweni yakho.” Kepha uJesu wathi kubo: “Anikwazi enikucelayo. Ningasiphuza yini isitsha engisiphuzayo, nibhabhadiswe ngombhabhadiso engibhabhadiswa ngawo na?” Bathi kuye: “Singakwenza.” UJesu wathi kubo: “Yebo, isitsha engisiphuzayo niyakusiphuza, nibhabhadiswe ngombhabhadiso engibhabhadiswa ngawo. Kepha ukuhlala ngakwesokunene sami nangakwesokhohlo sami, akusikho okwami ukuba ngiphane ngakho, kodwa kungokwalabo abakulungiselelweyo.” Kwathi ukuba abalishumi bakuzwe lokho, base bebathukuthelela oJakobe noJohane. UJesu wayesebabiza, wathi kubo: “Niyazi ukuthi abangababusi bezizwe babusa ngesandla esiqinile, nezikhulu zazo zibaphatha ngonya. Kepha akunjalo phakathi kwenu, kodwa yilowo nalowo ofuna ukuba mkhulu phakathi kwenu, makabe yisikhonzi senu, nalowo ofuna ukuba ngowokuqala phakathi kwenu, makabe yinceku yabo bonke. Ngokuba nayo iNdodana yomuntu ayizelanga ukukhonzwa, kepha ukukhonza nokunikela ukuphila kwayo, kube yisihlengo sabaningi.”
NgokukaMarku 10:35-45 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kwase kusondela kuye oJakobe noJohane amadodana kaZebedewu, bathi kuye: “Mfundisi, siyathanda ukuba usenzele lokhu esizakukucela kuwe.” Wathi kubo: “Nifuna ukuba nginenzeleni na?” Bathi kuye: “Siphe ukuba sihlale, omunye ngakwesokunene sakho, omunye ngokwesokhohlo sakho enkazimulweni yakho.” Kepha uJesu wathi kubo: “Anikwazi enikucelayo. Ningasiphuza yini isitsha engisiphuzayo mina, nibhapathizwe ngombhapathizo engibhapathizwa ngawo na?” Bathi kuye: “Singakwenza.” UJesu wathi kubo: “Isitsha engisiphuzayo mina niyakusiphuza, nibhapathizwe ngombhapathizo engibhapathizwa ngawo mina; kepha ukuhlala ngakwesokunene sami nangakwesokhohlo akusikho okwami ukuphana ngakho, kodwa kungokwalabo abakulungiselweyo.” Bathi ukuzwa lokho abayishumi, baqala ukuthukuthelela oJakobe noJohane. UJesu wayesebabiza, wathi kubo: “Niyazi ukuthi abathiwa babusa izizwe bazenza amakhosi phezu kwazo, nezikhulu zazo ziphethe amandla phezu kwazo. Kepha akunjalo phakathi kwenu, kodwa yilowo nalowo ofuna ukuba mkhulu phakathi kwenu makabe yisikhonzi senu, nalowo ofuna ukuba ngowokuqala phakathi kwenu makabe yinceku yabo bonke. Ngokuba nayo iNdodana yomuntu ayizelanga ukukhonzwa kepha ukukhonza nokunikela ukuphila kwayo, kube yisihlengo sabaningi.”
NgokukaMarku 10:35-45 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)