NgokukaMakhu 10:35-45

NgokukaMakhu 10:35-45 ZUL20

Kwase kusondela kuye uJakobe noJohane, amadodana kaZebedewu, bathi kuye: “Mfundisi, siyathanda ukuba usenzele lokhu esizakukucela kuwe.” Wathi kubo: “Nifuna ukuba nginenzeleni na?” Bathi kuye: “Siphe ukuba sihlale, omunye ngakwesokunene sakho, omunye ngakwesokhohlo sakho, enkazimulweni yakho.” Kepha uJesu wathi kubo: “Anikwazi enikucelayo. Ningasiphuza yini isitsha engisiphuzayo, nibhabhadiswe ngombhabhadiso engibhabhadiswa ngawo na?” Bathi kuye: “Singakwenza.” UJesu wathi kubo: “Yebo, isitsha engisiphuzayo niyakusiphuza, nibhabhadiswe ngombhabhadiso engibhabhadiswa ngawo. Kepha ukuhlala ngakwesokunene sami nangakwesokhohlo sami, akusikho okwami ukuba ngiphane ngakho, kodwa kungokwalabo abakulungiselelweyo.” Kwathi ukuba abalishumi bakuzwe lokho, base bebathukuthelela oJakobe noJohane. UJesu wayesebabiza, wathi kubo: “Niyazi ukuthi abangababusi bezizwe babusa ngesandla esiqinile, nezikhulu zazo zibaphatha ngonya. Kepha akunjalo phakathi kwenu, kodwa yilowo nalowo ofuna ukuba mkhulu phakathi kwenu, makabe yisikhonzi senu, nalowo ofuna ukuba ngowokuqala phakathi kwenu, makabe yinceku yabo bonke. Ngokuba nayo iNdodana yomuntu ayizelanga ukukhonzwa, kepha ukukhonza nokunikela ukuphila kwayo, kube yisihlengo sabaningi.”