NgokukaMathewu 16:5-12
NgokukaMathewu 16:5-12 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kuthe sebefike ngaphesheya, kwahlaluka ukuthi abafundi bakhe bakhohliwe ukuphatha izinkwa. UJesu wayesethi kubo: “Qaphelani, nixwaye imvubelo yabaFarisi nabaSadusi.” Baqagulisana bodwa, bathi: “Kungokuba singaziphathanga izinkwa.” Kepha uJesu ekwazi abakucabangayo, wathi: “Niqagulisana nithini phakathi kwenu, nina bokukholwa okuncane, nithi yingokuba ningenazinkwa na? Anikaqondi yini, futhi anizikhumbuli izinkwa eziyisihlanu ezondla izi-5 000 nokuthi nabutha iziqabetho ezingaki na? Nezinkwa eziyisikhombisa ezondla izi-4 000 nokuthi nabutha iziqabetho ezingaki na? Aniqondi ngani ukuthi bengingakhulumi kini ngesinkwa na? Kepha xwayani imvubelo yabaFarisi nabaSadusi.” Base beqonda ukuthi akashongo ukuba baxwaye imvubelo yezinkwa, kepha imfundiso yabaFarisi nabaSadusi.
NgokukaMathewu 16:5-12 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kwathi abafundi bakhe sebewelela ngaphesheya, babekhohliwe ukuphatha izinkwa. UJesu wasesithi kubo: Qaphelani liqaphele imvubelo yabaFarisi labaSadusi. Basebekhulumisana bodwa, besithi: Kungoba singaphathanga izinkwa. Ekwazi uJesu wathi kubo: “O nina eninokukholwa okuncane, nikhulumelani phakathi kwenu ngokuthi ningaphathanga izinkwa na? Anikaqondi yini, futhi anikazikhumbuli izinkwa eziyisihlanu zezinkulungwane ezinhlanu nokuthi bangaki obhasikidi enabutha? Nezinkwa eziyisikhombisa zezinkulungwane ezine nokuthi nabutha oqoma abangaki na? Aniqondi kanjani ukuthi angikhulumanga kini ngesinkwa ukuthi nixwaye imvubelo yabaFarisi nabaSadusi na? Base beqonda ukuthi wayengashongo ukuthi baxwaye imvubelo yesinkwa kodwa isifundiso sabaFarisi nabaSadusi.
NgokukaMathewu 16:5-12 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Sebefike phesheya, abafundi bakhe babekhohliwe ukuphatha izinkwa. UJesu wayesethi kubo: “Anobheka nixwaye imvubelo yabaFarisi nabaSadusi.” Baphendulana bodwa, bathi: “Kungokuba singaphathanga izinkwa.” Kepha ekwazi lokho uJesu wathi: “Nina bokukholwa okuncane, yini ukuba niphendulane nodwa ngokuthi kungokuba ningenazinkwa na? Anikaqondi yini, futhi anizikhumbuli izinkwa eziyisihlanu zezinkulungwane eziyisihlanu nokuthi nabutha iziqabetho ezingaki na? Nezinkwa eziyisikhombisa zezinkulungwane ezine nokuthi nabutha amaqoma amangaki na? Aniqondi ngani ukuthi bengingakhulumi kini ngesinkwa na? Kepha xwayani imvubelo yabaFarisi nabaSadusi.” Khona baqonda ukuthi kashongo ukuba baxwaye imvubelo yezinkwa kepha isifundiso sabaFarisi nabaSadusi.
NgokukaMathewu 16:5-12 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)