NgokukaMathewu 16:5-12

NgokukaMathewu 16:5-12 ZUL20

Kuthe sebefike ngaphesheya, kwahlaluka ukuthi abafundi bakhe bakhohliwe ukuphatha izinkwa. UJesu wayesethi kubo: “Qaphelani, nixwaye imvubelo yabaFarisi nabaSadusi.” Baqagulisana bodwa, bathi: “Kungokuba singaziphathanga izinkwa.” Kepha uJesu ekwazi abakucabangayo, wathi: “Niqagulisana nithini phakathi kwenu, nina bokukholwa okuncane, nithi yingokuba ningenazinkwa na? Anikaqondi yini, futhi anizikhumbuli izinkwa eziyisihlanu ezondla izi-5 000 nokuthi nabutha iziqabetho ezingaki na? Nezinkwa eziyisikhombisa ezondla izi-4 000 nokuthi nabutha iziqabetho ezingaki na? Aniqondi ngani ukuthi bengingakhulumi kini ngesinkwa na? Kepha xwayani imvubelo yabaFarisi nabaSadusi.” Base beqonda ukuthi akashongo ukuba baxwaye imvubelo yezinkwa, kepha imfundiso yabaFarisi nabaSadusi.