NgokukaMathewu 14:6-13
NgokukaMathewu 14:6-13 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kwathi sekugujwa usuku lokuzalwa kukaHerodi, indodakazi kaHerodiya yasina phambi kwabo, yamthokozisa uHerodi. Wasethembisa ngesifungo ukuyinika loba yini engayikucela. Yayisiyaliwe ngunina yathi: Nginike lapha ngoqwembe ikhanda likaJohane uMbhapathizi. Inkosi yadabuka, nokho ngenxa yesifungo nangalabo ababehlezi nayo ekudleni yayala ukuba inikwe. Wasethuma wamquma uJohane ikhanda entolongweni. Ikhanda lakhe lalethwa ngoqwembe, lanikwa intombazana, yaliyisa kunina. Kwafika abafundi bakhe, basithatha isidumbu, basimbela; bahamba babikela uJesu. UJesu esekuzwile lokho wamuka lapho ngomkhumbi, waya endaweni eyihlane eyedwa. Kwathi izixuku zikuzwile, zamlandela ngezinyawo ziphuma emizini.
NgokukaMathewu 14:6-13 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kepha ngosuku lokuzalwa kukaHerode, indodakazi kaHerodiya yasina phambi kwabo, yamjabulisa uHerode, wayeseyethembisa ngokufunga ukuthi uyakuyinika lokho eyakukucela. Kuthe eseyicebisile unina, yathi: “Ngiphe ngoqwembe ikhanda likaJohane, uMbhabhadisi.” Lokho kwayephula umoya inkosi, kepha ngenxa yezifungo eyayizenzile, nangenxa yababehleli nayo esidlweni, yayaleza ukuba inikwe. Yathumela, yamnquma uJohane ikhanda ejele. Ikhanda lakhe lalethwa ngoqwembe, lanikwa intombazane; yayisilinika unina. Kwafika abafundi bakaJohane basithatha isidumbu sakhe, basimbela, base beyobikela uJesu. Kwathi uJesu esekuzwile lokho, wasuka lapho ngesikebhe waya endaweni eyihlane, yedwa. Zithe ukuba izixuku zikuzwe lokho, zamlandela ngezinyawo, ziphuma emizini.
NgokukaMathewu 14:6-13 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kepha ngosuku lokuzalwa kukaHerode indodakazi kaHerodiya yasina phambi kwabo, yamjabulisa uHerode, kwenzeka ukuba ayithembise ngesifungo ukuyipha lokho engakucela. Yona isifundisiwe ngunina yathi: “Ngiphe lapha ngoqwembe ikhanda likaJohane uMbhapathizi.” Inkosi yadabuka, kepha ngenxa yezifungo zayo nangenxa yababehlezi nayo ekudleni yayaleza ukuba inikwe, yathuma yamnquma uJohane ikhanda etilongweni. Ikhanda lakhe lalethwa ngoqwembe, lanikwa intombazana; yaliyisa kunina. Kwafika abafundi bakhe, bathabatha isidumbu, basimbela; baya bambikela uJesu. Wathi uJesu esekuzwile lokho, wamuka lapho ngomkhumbi, waya endaweni eyihlane eyedwa. Kepha izixuku zathi sezikuzwile, zamlandela ngezinyawo ziphuma emizini.
NgokukaMathewu 14:6-13 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)