NgokukaMathewu 14:22-34
NgokukaMathewu 14:22-34 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Khona masinyane uJesu wacindezela abafundi bakhe ukuba bangene emkhunjini, bamandulele ukuya phesheya, yena esamukisa izixuku. Esezimukisile izixuku wenyukela entabeni eyedwa ukuyokhuleka; sekuhlwile wayeyedwa lapho. Kepha umkhumbi wawususukile elwandle, unyakaziswa ngamaza, ngokuba umoya wawuphambene. Ngomlindo wesine wobusuku uJesu waya kubo ehamba phezu kolwandle. Kuthe abafundi bembona ehamba phezu kolwandle, bashaywa luvalo, bethi yisithunzi; bakhala ngokwesaba. Kodwa uJesu wakhuluma kubo masinyane, wathi: Manini isibindi; yimina; ningesabi. UPetru wamphendula wathi: “Nkosi, uma kunguwe, yisho ukuba ngize kuwe phezu kwamanzi. Wasesithi: Woza. Futhi lapho uPetru ehla emkhunjini, wahamba phezu kwamanzi, ukuya kuJesu. Kodwa ebona umoya wesaba; eseqala ukutshona wakhala wathi: Nkosi, ngisindise. Khona masinyane uJesu welula isandla, wambamba, wathi kuye: “Wena onokukholwa okuncane, ungabazeleni na? Sebengenile emkhunjini, umoya wanqamuka. Basebesiza ababesemkhunjini, bakhuleka kuye, besithi: Isibili wena uyiNdodana kaNkulunkulu. Sebewelile, bafika ezweni laseGenesaretha.
NgokukaMathewu 14:22-34 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Wabacindezela abafundi bakhe ukuba bangene esikebheni masinyane, bamendulele, baye ngaphesheya, ukuze ahlakaze izixuku. Esezihlakazile, wenyukela entabeni eyedwa eyokhuleka; kwasekuhlwile, futhi eyedwa lapho. Kepha isikebhe sasesiqhele ibanga ogwini, sishukunyiswa ngamaza, ngokuba umoya wawuphambana nabo. Kuthe ngomlindo wesine wobusuku uJesu weza kubo ehamba phezu kolwandle. Kepha abafundi sebembonile ehamba phezu kolwandle bashaywa wuvalo, bethi ngumungcwi; bakhala ngokwesaba. UJesu wakhuluma nabo ngokushesha, wathi: “Yimani isibindi; yiMina, ningesabi.” UPhethro wayesephendula, wathi kuye: “Nkosi, uma kunguwe ngempela, yisho ukuba ngize kuwe phezu kwamanzi.” UJesu wayesethi: “Woza.” UPhethro wehla-ke esikebheni, wahamba phezu kwamanzi, waya kuJesu. Kepha kuthe ebona umoya onamandla, wesaba; eseqala ukucwila wakhala wathi: “Nkosi, ngisindise!” Masinyane uJesu welula isandla, wambamba, wathi kuye: “Wena onokukholwa okuncinyane, ungabazeleni na?” Sebegibele esikebheni, umoya wathula. Ababesesikebheni bakhuleka kuye, bathi: “Ngempela uyiNdodana kaNkulunkulu.” Sebewelele ngaphesheya, bafika eGenezaretha.
NgokukaMathewu 14:22-34 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Wayesecindezela masinyane abafundi ukuba bangene emkhunjini, bamandulele ukuya phesheya, aze amukise izixuku. Esezimukisile izixuku wenyukela entabeni eyedwa ukuyokhuleka; sekuhlwile, wayeyedwa lapho. Kepha umkhumbi wawususukile amastadiyu* amaningi emhlabathini, ushukunyiswa ngamaza, ngokuba umoya wawuphambene nabo. Ngomlindo wesine wobusuku weza kubo ehamba phezu kolwandle. Kepha abafundi sebembonile ehamba phezu kolwandle bashaywa luvalo, bethi yisithunzi; bakhala ngokwesaba. Kodwa uJesu wakhuluma kubo masinyane, wathi: “Yimani isibindi; yimina, ningesabi.” UPetru wayesephendula, wathi kuye: “Nkosi, uma kunguwe, yisho ukuba ngize kuwe phezu kwamanzi.” Wayesethi: “Woza.” Wehla-ke uPetru emkhunjini, wahamba phezu kwamanzi, weza kuJesu. Kepha ebona umoya wesaba; eseqala ukushona wakhala wathi: “Nkosi, ngisindise!” Masinyane uJesu welula isandla, wambamba, wathi kuye: “Awu, wena onokukholwa okuncinyane, ungabazeleni na?” Sebekhwele emkhunjini, umoya wanqamuka. Abasemkhunjini bakhuleka kuye, bathi: “Ngempela uyiNdodana kaNkulunkulu.” Sebewelile bafika ezweni laseGenesaretha.
NgokukaMathewu 14:22-34 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)