NgokukaMathewu 13:36-58

NgokukaMathewu 13:36-58 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Khona uJesu wabamukisa abantu, wangena endlini; abafundi bakhe beza kuye, bathi: “Sitshele umfanekiso wokhula lwensimu. Wasephendula wathi kubo: Ohlanyela inhlanyelo enhle yiNdodana yomuntu; Insimu ngumhlaba; imbewu enhle ngabantwana bombuso; kodwa ukhula lungabantwana bomubi; Isitha esawuhlwanyelayo nguSathane; ukuvuna kungukuphela kwezwe; nabavuni yizingelosi. Ngakho njengalokhu ukhula luyabuthwa lushiswe emlilweni; kuyakuba njalo ekupheleni kwalelizwe. INdodana yomuntu iyakuthuma izingelosi zayo, zibuthe, zikhiphe embusweni wayo konke okukhubekisayo, nabenza okubi; zibaphose esithandweni somlilo; lapho kuyakuba khona ukulila nokugedla amazinyo. Khona abalungileyo bayakukhanya njengelanga embusweni kaYise wabo. Onezindlebe zokuzwa makezwe. Futhi umbuso wezulu ufana nengcebo efihlwe ensimini; okuthi lapho umuntu eseyitholile, wayifihla, futhi ngenxa yokujabula kwayo wahamba wathengisa ngakho konke anakho, wayithenga leyo nsimu. “Futhi umbuso wezulu ufana nomthengisi ofuna amaparele amahle; Kwathi eselitholile iparele linye elinenani elikhulu, waya wathengisa ngakho konke anakho, walithenga. Futhi umbuso wezulu ufana nenetha elaphonswa olwandle, labutha zonke izinhlobo; Lithe seligcwele, balidonsela ogwini, bahlala phansi, babuthela ezinhle ezitsheni, kodwa ezimbi bazilahla. Kuyakuba njalo ekupheleni kwezwe: ziyakuphuma izingelosi, zihlukanise ababi kwabalungileyo; zibaphonse esithandweni somlilo; lapho kuyakuba khona ukulila nokugedla amazinyo. UJesu wathi kubo: Senikuqondile konke lokhu na? Bathi kuye: Yebo, Nkosi. Wayesethi kubo: “Ngakho wonke umbhali ofundisiwe embusweni wezulu ufana nomuntu umninindlu okhipha engcebweni yakhe izinto ezintsha nezindala. Kwathi uJesu eseyiqedile le mifanekiso, wamuka lapho. Esefikile ezweni lakubo wabafundisa esinagogeni labo, baze bamangala bathi: “Lo ukuthathephi lokhu kuhlakanipha nalawa mandla na? Lo akasiyo yini indodana yombazi na? Unina akabizwa ngokuthi uMariya na? nabafowabo oJakobe, noJose, noSimoni, noJuda? Odadewabo abakho yini bonke kithi na? Pho, lo ukuthathaphi konke lokhu na? Basebekhubeka ngaye. Kepha uJesu wathi kubo: “Umprofethi kadelelwa, kuphela ezweni lakubo nasendlini yakubo. Njalo akenzanga lapho imisebenzi yamandla eminengi ngenxa yokungakholwa kwabo.

NgokukaMathewu 13:36-58 IsiZulu 2020 (ZUL20)

UJesu wayesezihlakaza izixuku, waya endlini. Abafundi bakhe basondela kuye, bathi: “Sichazele ngomzekeliso wokhula ensimini.” Wayesebaphendula, ethi: “Ohlwanyela imbewu enhle yiNdodana yomuntu. Insimu yizwe, imbewu enhle yilabo abangabantwana bombuso; ukhula ngabantwana bomubi. Kepha isitha esaluhlwanyelayo nguSathane, ukuvuna kungukuphela kwesikhathi, abavuni yizingelosi. Ngakho-ke njengalokhu ukhula lubuthwa lushiswe emlilweni, kuyakuba kanjalo ekupheleni kwezwe. INdodana yomuntu iyakuthuma izingelosi zayo, zibuthe, zikhiphe embusweni wayo konke okukhubekisayo nabenza okubi, zibaphonse esithandweni somlilo; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo. Kepha abalungileyo bayakukhanya njengelanga embusweni kaYise. Onezindlebe makezwe. “Umbuso wezulu ufana nengcebo efihlwe ensimini, umuntu wayifumana, wayithukusa; wahamba ethokozile, wathengisa ngakho konke anakho, wayithenga leyo nsimu. “Futhi umbuso wezulu ufana nomthengi ofuna amapharele amahle; kuthi angalithola ipharele elilodwa lenani elikhulu, ahambe athengise ngakho konke anakho, alithenge. “Umbuso wezulu ufaniswa futhi nenetha elaphonswa olwandle, lawola inhlanganisela yezinhlanzi. Kuthe seligcwele, balidonsela ogwini, bahlala phansi, bakhetha ezinhle, bazifaka ezitsheni, kwathi ezimbi bazilahla. Kuyakuba kanjalo ekupheleni kwezwe. Kuyakuphuma izingelosi, zahlukanise ababi kwabalungileyo. Ababi zibaphonse esithandweni somlilo; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo. “Nikuqondile yini konke lokhu na?” Bathi kuye: “Yebo.” Wayesethi kubo: “Ngakho-ke yileso naleso sazimthetho esifundiselwe umbuso wezulu, sifana nomuntu, umnumzane okhipha engcebeni yakhe okusha nokudala.” Kwathi lapho uJesu eseqedile ukukhuluma ngemizekeliso, wasuka lapho. Esefikile emzini wakubo, wabafundisa esinagogeni labo, baze bamangala, bathi: “Lo ngabe ukuthatha kuphi lokhu kuhlakanipha nala mandla na? Lo akasiyo yini indodana yombazi? Unina akusiye yini uMariya, nabafowabo akusibo yini oJakobe, uJosefa, uSimoni noJuda na? Odadewabo abekho yini phakathi kwethu lapha na? Pho-ke lo ukuthatha kuphi konke lokhu na?” Base bekhubeka ngaye, kepha uJesu wathi kubo: “Umphrofethi akadelelwa ngaphandle kwasezweni lakubo nasendlini yakwabo.” Akayenzanga lapho imisebenzi eminingi yamandla ngenxa yokungakholwa kwabo.

NgokukaMathewu 13:36-58 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Khona wazishiya izixuku, weza endlini. Basondela kuye abafundi bakhe, bathi: “Sichasisele umfanekiso wokhula ensimini.” Wayesephendula, ethi kubo: “Ohlwanyela imbewu enhle yiNdodana yomuntu; insimu yizwe; imbewu enhle yibo abangabantwana bombuso; kodwa ukhula ngabantwana bomubi; kepha isitha esaluhlwanyelayo nguSathane; ukuvuna kungukuphela kwezwe; nabavuni yizingelosi. Ngakho-ke njengokuba ukhula luyabuthwa, lushiswe emlilweni, kuyakuba njalo ekupheleni kwezwe. INdodana yomuntu iyakuthuma izingelosi zayo, zibuthe, zikhiphe embusweni wayo konke okukhubekisayo nabenza okubi, zibaphonse eziko lomlilo; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo. Khona abalungileyo bayakukhanya njengelanga embusweni kaYise wabo. Onezindlebe makezwe. “Umbuso wezulu ufana nengcebo efihlwe ensimini, yafunyanwa ngumuntu, wayithukusa; ngokuthokoza kwakhe uyahamba, athengise ngakho konke anakho, athenge leyo nsimu. “Futhi umbuso wezulu ufana nomthengi ofuna amaparele* amahle; eselifumene iparele linye elinenani elikhulu, waya wathengisa ngakho konke anakho, walithenga. “Futhi umbuso wezulu ufana nenetha elaphonswa elwandle, lihlanganisa zonke izinhlobo; lithe seligcwele, balidonsela ogwini, bahlala phansi, babuthela ezinhle ezitsheni, kepha ezimbi bazilahla. Kuyakuba njalo ekupheleni kwezwe; kuyakuphuma izingelosi, zahlukanise ababi nabalungileyo, zibaphonse eziko lomlilo; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo. “Nikuqondile konke lokho na?” Bathi kuye: “Yebo.” Wayesethi kubo: “Ngakho-ke yilowo nalowo mbhali ofundiselwe umbuso wezulu ufana nomuntu, umnumzane, okhipha engcebeni yakhe okusha nokudala.” Kwathi uJesu eseqedile leyo mifanekiso, wamuka lapho. Esefikile emzini wakubo wabafundisa esinagogeni* labo, baze bamangala, bathi: “Lo ukuthathaphi lokhu kuhlakanipha nalawa mandla na? Lo akasiyo indodana yombazi na? Unina kathiwa uMariya, nabafowabo asithi oJakobe, noJosefa, noSimoni, noJuda na? Nawodadewabo abakho yini bonke lapha kithi na? Pho, lo ukuthathaphi konke lokhu na?” Bakhubeka ngaye. Kepha uJesu wathi kubo: “Umprofethi kadelelwa ngaphandle kwasezweni lakubo nasendlini yakwabo.” Akenzanga lapho imisebenzi eminingi yamandla ngenxa yokungakholwa kwabo.

NgokukaMathewu 13:36-58 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)