NgokukaMathewu 13:1-32
NgokukaMathewu 13:1-32 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ngalolo suku uJesu waphuma endlini, wahlala ngaselwandle. Kwabuthana kuye izixuku eziningi, waze wangena emkhunjini, wahlala; isixuku sonke sema ogwini. Wakhuluma kubo izinto eziningi ngemifanekiso, wathi: “Bhekani, kwaphuma umhlwanyeli ukuyohlwanyela. Kwathi ekuhlanyeleni kwakhe, enye imbewu yawela ngasendleleni, kweza izinyoni zayidla zayiqeda. Enye yawela emadwaleni, lapho yayingenamhlaba omningi khona, yahle yamila, ngokuba yayingenamhlabathi ukujula; Kwathi seliphumile ilanga, zahangulwa; futhi ngenxa yokuthi zazingelampande zabuna. Enye yawela emeveni; ameva akhula, ayiminyanisa. Kepha enye yawela emhlabathini omuhle, yathela isithelo, enye ngekhulu, enye ngamashumi ayisithupha, enye ngamashumi amathathu. Olendlebe zokuzwa makezwe. Base besondela abafundi bakhe, bathi kuye: “Ukhulumelani kubo ngemifanekiso na? Waphendula, wathi kubo: “Ngokuba niphiwe nina ukwazi izimfihlakalo zombuso wezulu, kepha bona kabakuphiwanga. Ngokuba yilowo nalowo onakho uyakuphiwa, abe nokuchichima; kepha ongenakho uyakwamukwa nalokho anakho. Ngakho ngikhuluma kubo ngemifanekiso, ngokuba bebona ababoni; nokuzwa kabezwa, kabaqondi. Kugcwaliseka kubo isiprofetho sika-Isaya sokuthi: “Ngokuzwa niyakuzwa, ningaqondi; nokubona nizakubona, ningabonisi; Ngoba inhliziyo yalababantu seyaba lukhuni, lendlebe zabo bezwa buthuntu, lamehlo abo bawacimezile; funa noma nini babone ngamehlo, bezwe ngezindlebe, baqonde ngenhliziyo, baphenduke, ngibaphulukise. Kodwa abusisiwe amehlo enu, ngoba ayabona, lezindlebe zenu, ngoba ziyezwa. Ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Abaningi abaprofethi nabalungileyo babefisa ukubona enikubonayo, abakubonanga; nokuzwa izinto enizizwayo, anizizwanga. Ngakho-ke zwanini umfanekiso womhlanyeli. Nxa yilowo nalowo olizwa izwi lombuso, engaliqondi, omubi uyeza, ahlwithe okuhlwanyelwe enhliziyweni yakhe. Nguye owahlanyelwa ngasendleleni. Kodwa ohlanyelwe edwaleni, nguye olizwayo ilizwi, ahle alamukele ngentokozo; Kodwa kanampande phakathi kwakhe, kodwa uhlala isikhashana; kuthi sekuvele usizi nokuzingelwa ngenxa yezwi, akhubeke masinyane. Ohlanyelwe emeveni nguye olizwayo izwi; futhi ukukhathazeka kwalesi simiso sezinto, nokukhohlisa kwengcebo kuminyanisa izwi, libe ngongatheli. Kepha ohlanyelwe emhlabathini omuhle nguye olizwayo izwi, aliqonde; ethela isithelo, enye ngekhulu, enye ngamashumi ayisithupha, enye ngamashumi amathathu. Wababekela omunye umfanekiso, wathi: “Umbuso wezulu ufana nomuntu owahlwanyela imbewu enhle ensimini yakhe; Kwathi abantu besalele, kwafika isitha sakhe, sahlwanyela ukhula phakathi kukakolweni, samuka. Kodwa kwathi lapho ikhaba selimile futhi selithela, khona kwabonakala nokhula. Kwase kufika izinceku zomninindlu, zathi kuye: ‘Nkosi, awuhlwanyelanga imbewu enhle ensimini yakho na? Pho, luvelaphi ukhula? Wathi kubo: Lokhu kwenzelwe yisitha. Zathi izinceku kuye: Uyathanda-ke ukuba sihambe siyokubutha na? Kodwa wathi: Hatshi; hlezi nibuthe ukhula, nisiphule namabele kanye nalo. Kuyekeni kukhule kokubili ndawonye kuze kube sekuvuneni; Wababekela omunye umfanekiso, wathi: “Umbuso wezulu ufana nembewu yesinaphi, ayithabatha umuntu, wayihlwanyela ensimini yakhe; yona incinyane kuzo zonke izimbewu, kepha nxa isikhulile, inkulu kunazo zonke phakathi kwemifino, ibe yisihlahla, kuze kufike izinyoni zezulu, zihlale emagatsheni awo.
NgokukaMathewu 13:1-32 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngalolo lusuku uJesu waphuma endlini, wahlala ngasolwandle. Kwabuthana izixuku eziningi, waze wangena esikebheni, wahlala phansi; isixuku sonke sasimi ogwini. Wakhuluma kubo okuningi ngemizekeliso, wathi: “Kwake kwaphuma umhlwanyeli wayohlwanyela. Ekuhlwanyeleni kwakhe enye imbewu yawela ngasendleleni, kwafika izinyoni zezulu zayidla, zayiqeda. Enye imbewu yawela edwaleni, lapho kwakungenamhlabathi omningi khona. Yamila masinyane, ngokuba yayingekho emhlabathini ojulileyo. Kepha kwathi lapho seliphumile ilanga, yabuna, ngokuba ingenazimpande ezigxilileyo. Enye yawela emeveni, ameva akhula, ayiminyanisa. Enye yawela emhlabathini ovundileyo; yathela izithelo, ngekhulu, ngama-60 nangama-30. Onezindlebe makezwe.” Abafundi bakhe beza kuye, bathi: “Ukhulumelani kubo ngemizekeliso na?” UJesu waphendula, wathi kubo: “Yingokuba nina niphiwe ukwazi izimfihlakalo zombuso wezulu, kodwa bona kabakuphiwanga lokho. Ngokuba yilowo nalowo onakho uyakuphiwa, kuthi xaxa, kodwa lowo ongenakho uyakwamukwa nalokho anakho. Yingakho-ke ngikhuluma kubo ngemizekeliso, ukuze bathi bebona, kodwa bangabonisisi; bathi bezwa, kepha bangezwisisi futhi bangaqondi. Kugcwaliseka kubo isiphrofetho sika-Isaya esithi: “ ‘Niyakuzwa nokuzwa, kepha ningaqondi; niyakubona nokubona, kepha ningabonisisi; ngokuba inhliziyo yalesi sizwe seyaba lukhuni; bezwa kanzima ngezindlebe, namehlo abo bawacimezile; funa babone ngamehlo, bezwe ngezindlebe, baqonde ngenhliziyo, baphenduke, ngibaphilise.’ “Kepha abusisiwe amehlo enu, ngokuba ayabona; nezindlebe zenu, lokhu ziyezwa. Ngokuba ngiqinisile ngithi kini: baningi abaphrofethi nabalungileyo ababefisa ukubona lokhu enikubonayo, kodwa abakubonanga; nokuzwa lokhu enikuzwayo, kepha abakuzwanga. “Lalelani nginichazele ngomzekeliso womhlwanyeli. Yilowo nalowo ozwa izwi lombuso, angaliqondi, kufika omubi ahlwithe okuhlwanyelwe enhliziyweni yakhe. Leyo ngehlwanyelwe ngasendleleni. Okuhlwanyelwe edwaleni, yilowo ozwa izwi, alamukele masinyane ngokuthokoza, kepha kanampande ngaphakathi; ulibamba nje okwesikhashana, kuthi lapho kufika ukuhlupheka nokuzingelwa ngenxa yezwi, akhubeke ngokushesha. Lokho okuhlwanyelwe emeveni, yilowo ozwa izwi, kuthi iminako yalesi sikhathi nokukhohlisa kwengcebo kuliminyanise izwi, abe ngongatheliyo. Lokho okuhlwanyelwe emhlabathini ovundileyo, yilowo olizwayo izwi maqede aliqonde, athele izithelo, athele ngekhulu, omunye ngama-60 nomunye ngama-30.” Wabuye wabatshela omunye umzekeliso, wathi: “Umbuso wezulu ufaniswa nomuntu owahlwanyela imbewu enhle ensimini yakhe; kuthe abantu besalele, kwafika isitha sakhe, sahlwanyela ukhula phakathi kwamabele, qede sashaya sachitha. Kwathi lapho amabele esekhahlela, kwavumbuka ukhula. “Izisebenzi zaya kumninindlu, zathi kuye: ‘Nkosi, awuhlwanyelanga yini imbewu enhle ensimini yakho na? Pho luvelaphi ukhula na?’ “Wathi kuzo: ‘Lokhu kwenziwe ngumuntu oyisitha.’ “Izisebenzi zathi kuye: ‘Uyathanda yini ukuba sihambe siyolusiphula na?’ “Kepha wathi: ‘Qha, funa nithi nxa nisiphula ukhula, nisiphule namabele kanye nalo. Kuyekeni kukhule kokubili ndawonye, kuze kuvunwe. Ngesikhathi sokuvuna ngiyakuyala abavuni ngithi: buthani kuqala ukhula, nilubophe izinyanda ukuze lushiswe, bese nibuthela amabele enqolobaneni yami.’ ” Wabuye wabatshela omunye umzekeliso, wathi: “Umbuso wezulu ufana nohlamvu lwesinaphi aluthatha umuntu waluhlwanyela ensimini yakhe; lona luthi lungoluncane kunazo zonke izimbewu, kodwa lukhule lube lukhulu kunakho konke okumilayo, lube yisihlahla esikhulukazi; zize izinyoni zezulu, zakhele emagatsheni aso.”
NgokukaMathewu 13:1-32 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngalolo suku uJesu waphuma endlini, wahlala phansi ngaselwandle. Kwase kubuthana kuye izixuku eziningi, waze wangena emkhunjini, wahlala phansi, uquqaba lonke lumi ogwini. Wakhuluma kubo okuningi ngemifanekiso, wathi: “Bhekani, kwaphuma umhlwanyeli ukuyohlwanyela. Ekuhlwanyeleni kwakhe enye imbewu yawela ngasendleleni; kwafika izinyoni, zayidla zayiqeda. Kepha enye yawela edwaleni, lapho yayingenamhlabathi omningi khona; yamila masinyane, ngokuba ingenamhlabathi ojulileyo. Kodwa seliphumile ilanga, yahwamuka; nangokuba ingenampande, yabuna. Kepha enye yawela emeveni; ameva akhula, ayiminyanisa. Kepha enye yawela emhlabathini omuhle; yathela isithelo, enye ngekhulu, enye ngamashumi ayisithupha, enye ngamashumi amathathu. Onezindlebe makezwe.” Kwase kufika abafundi bakhe, bathi kuye: “Ukhulumelani kubo ngemifanekiso na?” Waphendula-ke, wathi kubo: “Nina niphiwe ukwazi izimfihlakalo zombuso wezulu; kodwa bona kabakuphiwanga. Ngokuba yilowo nalowo onakho uyakuphiwa, kuvame; kodwa lowo ongenakho uyakwamukwa nalokho anakho. Kungalokhu ngikhuluma kubo ngemifanekiso, ngokuba noma bebona, kababoni, noma bezwa, kabezwa, kabaqondi. Kugcwaliseka kubo isiprofetho sika-Isaya sokuthi: “ ‘Ngokuzwa niyakuzwa, ningaze naqonda; ngokubona niyakubona, ningaze nabonisisa; ngokuba inhliziyo yalesi sizwe isiyaba lukhuni, bezwa kanzima ngezindlebe, amehlo abo bawacimezile, funa mhlawumbe babone ngamehlo, bezwe ngezindlebe, baqonde ngenhliziyo, baphenduke, ngibaphulukise.’ “Kodwa abusisiwe amehlo enu, lokhu ebona, nezindlebe zenu, lokhu zizwa. Ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Baningi abaprofethi nabalungileyo ababefisa ukubona enikubonayo, abakubonanga, nokuzwa enikuzwayo, abakuzwanga. “Yizwani-ke nina umfanekiso womhlwanyeli. Yilowo nalowo olizwa izwi lombuso engaliqondi ufikelwa ngomubi ohlwitha okuhlwanyelwe enhliziyweni yakhe. Yilowo ohlwanyelwe ngasendleleni. Ohlwanyelwe edwaleni nguye olizwa izwi, alamukele masinyane ngokuthokoza; kepha kanampande phakathi kwakhe, kodwa uhlala isikhashana nje, kuthi sekuvele ukuhlupheka nokuzingelwa ngenxa yezwi, akhubeke masinyane. Futhi-ke ohlwanyelwe emeveni nguye olizwa izwi, kepha iminako yalesi sikhathi nokukhohlisa kwengcebo kuminyanisa izwi, abe ngongatheliyo. Kepha ohlwanyelwe emhlabathini omuhle nguye olizwa izwi, aliqonde, athele impela isithelo, omunye aveze ngekhulu, omunye ngamashumi ayisithupha, omunye ngamashumi amathathu.” Omunye umfanekiso wawubeka kubo, wathi: “Umbuso wezulu ufaniswa nomuntu owahlwanyela imbewu enhle ensimini yakhe; kepha abantu besalele, kwafika isitha sakhe, sahlwanyela ukhula phakathi kwamabele, samuka. Kwathi ukuba likhule ikhaba, kuthele isithelo, khona kwabonakala nokhula. “Kwase kufika izisebenzi zomnumzane, zathi kuye: ‘Nkosi, awuhlwanyelanga imbewu enhle ensimini yakho na? Pho, ilutholephi ukhula na?’ “Wathi kuzo: ‘Lokhu kwenziwe ngumuntu oyisitha.’ “Izisebenzi zathi kuye: ‘Uthanda ukuba siye ukulubutha na?’ “Kodwa wathi: ‘Qha, funa nithi, nxa nibutha ukhula, nisiphule amabele kanye nalo. Yekani kukhule kokubili ndawonye, kuze kuvunwe; ngesikhathi sokuvuna ngiyakuthi kwabavunayo: Buthani kuqala ukhula, nilubophe izinyanda ukuba lushiswe, nibuthele amabele engotsheni yami.’ ” Omunye umfanekiso wawubeka kubo, wathi: “Umbuso wezulu ufana nenhlamvu yesinaphi ayithatha umuntu, wayihlwanyela ensimini yakhe; yona kambe incinyane kunazo zonke izimbewu, kepha uma isikhulile, inkulu kunezilimo, iba ngumuthi, kuze kufike izinyoni zezulu, zakhele emagatsheni awo.”
NgokukaMathewu 13:1-32 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)