NgokukaLuka 6:46-49
NgokukaLuka 6:46-49 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ningibizelani ngokuthi: ‘Nkosi, Nkosi,’ kodwa ningakwenzi engikushoyo na? Loba ngubani oza kimi, ezwe amazwi ami, awenze, ngizalitshengisa ukuthi ufana lobani; Ufana nomuntu owakha indlu, wemba washonisa, wabeka isisekelo phezu kwedwala; Kepha ozwayo, angakwenzi, ufana nomuntu owakha indlu emhlabathini ingenasisekelo; umfula washaya ngamandla, yawa masinyane; futhi ukubhidlika kwaleyondlu kwaba kukhulu.
NgokukaLuka 6:46-49 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“Ningibizelani nithi: ‘Nkosi, Nkosi,’ nibe ningakwenzi engikushoyo na? Yilowo nalowo oza kimi, ezwe amazwi ami, awenze, ngizakunikhombisa ukuthi ufana nobani. Ufana nomuntu owathi uma akha indlu, wemba wajula, wabeka isisekelo edwaleni. Kwafika izikhukhula, umfula wayishaya leyo ndlu, kepha awukwazanga ukuyinyakazisa, ngokuba yayakhiwe kahle. Kodwa ozwayo angenzi, unjengomuntu owakha indlu emhlabathini ngaphandle kwesisekelo; umfula wayishaya, yawa masinyane; kwaba kukhulu ukudilika kwaleyo ndlu.”
NgokukaLuka 6:46-49 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“Ningibizelani ngokuthi: ‘Nkosi, Nkosi,’ ningakwenzi engikushoyo, na? Yilowo nalowo oza kimi, ezwe amazwi ami, awenze, ngonikhombisa lowo afana naye. Ufana nomuntu owayakha indlu, wemba washonisa, wabeka isisekelo edwaleni. Ekufikeni kwesikhukhula umfula washaya leyo ndlu, kepha wawungenamandla okuyinyakazisa, ngokuba yayakhiwe kahle. Kodwa ozwayo engenzi unjengomuntu owakha indlu emhlabathini ingenasisekelo; umfula wayishaya, yawa masinyane; kwaba kukhulu ukudilika kwaleyo ndlu.”
NgokukaLuka 6:46-49 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)