NgokukaLuka 6:46-49

NgokukaLuka 6:46-49 ZUL20

“Ningibizelani nithi: ‘Nkosi, Nkosi,’ nibe ningakwenzi engikushoyo na? Yilowo nalowo oza kimi, ezwe amazwi ami, awenze, ngizakunikhombisa ukuthi ufana nobani. Ufana nomuntu owathi uma akha indlu, wemba wajula, wabeka isisekelo edwaleni. Kwafika izikhukhula, umfula wayishaya leyo ndlu, kepha awukwazanga ukuyinyakazisa, ngokuba yayakhiwe kahle. Kodwa ozwayo angenzi, unjengomuntu owakha indlu emhlabathini ngaphandle kwesisekelo; umfula wayishaya, yawa masinyane; kwaba kukhulu ukudilika kwaleyo ndlu.”

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaLuka 6:46-49