NgokukaLuka 14:25-35
NgokukaLuka 14:25-35 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kwakuhamba naye izixuku eziningi; waphenduka, wathi kuzo: “Uma umuntu eza kimi engamzondi uyise, nonina, nomkakhe, nabantwana, nabafowabo, nawodadewabo, yebo, nokuphila kwakhe, angebe ngumfundi wami. Nalowo ongathwali isiphambano sakhe, angilandele, angebe ngumfundi wami. “Ngokuba ngumuphi kini othi efuna ukwakha umbhoshongo, angaqali ahlale phansi, abale izindleko ukuthi unakho okokuwuqeda na? Funa kuthi esebeke isisekelo, engenamandla okuqeda, bonke abakubonayo baqale ukumhleka, bathi: ‘Lo muntu waqala kabanga namandla okuqeda.’ “Noma yiyiphi inkosi eya kwenye inkosi ukuhlaselana nayo engaqali ihlale phansi, ihlole ukuba inamandla yini ukuhlangabezana ngezinkulungwane eziyishumi naleyo eza kuyo, inezinkulungwane ezingamashumi amabili na? Kepha uma kungenzeke, ingathi isekude leyo, ithuma amanxusa, icele okokuthula. Kunjalo-ke yilowo nalowo kini ongavalelisi nakho konke anakho angebe ngumfundi wami. “Usawoti uyinto enhle; kepha uma usawoti edumele, uyakuhlaziywa ngani na? Akasafanele namhlabathi namquba; uyalahlwa nje phandle; onezidlebe zokuzwa makezwe.”
NgokukaLuka 14:25-35 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kwasekuhamba laye amaxuku amakhulu, wasetshibilika wathi kuwo. Uma umuntu eza kimi, engazondi uyise, nonina, nomkakhe, nabantwana, nabafowabo, nawodadewabo, yebo, nokuphila kwakhe futhi, angebe ngumfundi wami. Nalowo ongathwali isiphambano sakhe, angilandele, angebe ngumfundi wami. Ngoba ngumuphi kini othi efuna ukwakha umbhoshongo, angahlali phansi kuqala, abale izindleko, ukuthi unakho ukuwuqeda na? Hleze, esesibekile isisekelo, engakwazi ukusiqeda, bonke abakubonayo baqale ukumhleka usulu; besithi: Lomuntu waqala ukwakha, kodwa kabanga lamandla okuqeda. Noma iyiphi inkosi, ethi iyakulwa nenye inkosi, ingahlali phansi kuqala, ibuze ukuthi inamandla yini ngezinkulungwane eziyishumi ukuhlangabeza oza kuyo enezinkulungwane ezingamashumi amabili na? Uma kungenjalo, esekude lowo, uthuma amanxusa, acele imibandela yokuthula. Kanjalo-ke, noma ubani kini ongashiyi konke anakho, angebe ngumfundi wami. Usawoti muhle, kepha uma usawoti edumele, ubusawoti bovuzwa ngani na? Awuwulungele umhlabathi, noma umquba; kodwa abantu bayawukhipha. Onezindlebe zokuzwa makezwe.
NgokukaLuka 14:25-35 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

NgokukaLuka 14:25-35 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kwakukhona izixuku eziningi ezazihamba noJesu; waphenduka, wathi kuzo: “Uma umuntu eza kimi, kepha engamdeli uyise, unina, umkakhe, abantwana, abafowabo, odadewabo, ngisho nokuphila kwakhe imbala, ngeke abe ngumfundi wami. Nalowo ongathwali isiphambano sakhe, angilandele, ngeke abe ngumfundi wami. “Ngokuba ngubani kini ongathi efuna ukwakha umbhoshongo, angaqali ahlale phansi, abale izindleko ukuthi unakho yini okokuwuqeda na? Funa kuthi lapho esebeke isisekelo, bese engabi namandla okuwuqeda, kuthi bonke abakubonayo lokho, baqale ukumbhuqa, bathi: ‘Lo muntu waqala ukwakha kodwa kakwazanga ukuqeda.’ “Noma iyiphi inkosi eya kwenye inkosi iyoyihlasela, ingaqalanga ngokuhlala phansi, icabangisise ukuthi iyokwazi yini ukubhekana nayo njengoba yona inezi-10 000 leyo eya kuyo inezi-20 000 na? Kungenjalo, ingathi isekude leyo nkosi, bese ithumela amanxusa, ukuba acele uxolo. Kanjalo-ke yilowo nalowo kini ongakudeli konke anakho, ngeke abe ngumfundi wami. “Usawoti muhle, kepha uma usawoti usuduma, uyakuyoliswa ngani na? Awusakufanele ngisho ukusetshenziswa emhlabathini nasemqubeni, kepha ukuba ulahlwe ngaphandle. Onezindlebe zokuzwa makezwe.”