NgokukaLuka 14:25-35

NgokukaLuka 14:25-35 ZUL20

Kwakukhona izixuku eziningi ezazihamba noJesu; waphenduka, wathi kuzo: “Uma umuntu eza kimi, kepha engamdeli uyise, unina, umkakhe, abantwana, abafowabo, odadewabo, ngisho nokuphila kwakhe imbala, ngeke abe ngumfundi wami. Nalowo ongathwali isiphambano sakhe, angilandele, ngeke abe ngumfundi wami. “Ngokuba ngubani kini ongathi efuna ukwakha umbhoshongo, angaqali ahlale phansi, abale izindleko ukuthi unakho yini okokuwuqeda na? Funa kuthi lapho esebeke isisekelo, bese engabi namandla okuwuqeda, kuthi bonke abakubonayo lokho, baqale ukumbhuqa, bathi: ‘Lo muntu waqala ukwakha kodwa kakwazanga ukuqeda.’ “Noma iyiphi inkosi eya kwenye inkosi iyoyihlasela, ingaqalanga ngokuhlala phansi, icabangisise ukuthi iyokwazi yini ukubhekana nayo njengoba yona inezi-10 000 leyo eya kuyo inezi-20 000 na? Kungenjalo, ingathi isekude leyo nkosi, bese ithumela amanxusa, ukuba acele uxolo. Kanjalo-ke yilowo nalowo kini ongakudeli konke anakho, ngeke abe ngumfundi wami. “Usawoti muhle, kepha uma usawoti usuduma, uyakuyoliswa ngani na? Awusakufanele ngisho ukusetshenziswa emhlabathini nasemqubeni, kepha ukuba ulahlwe ngaphandle. Onezindlebe zokuzwa makezwe.”

Ividiyo ye- NgokukaLuka 14:25-35