Kwakuhamba naye izixuku eziningi; waphenduka, wathi kuzo: “Uma umuntu eza kimi engamzondi uyise, nonina, nomkakhe, nabantwana, nabafowabo, nawodadewabo, yebo, nokuphila kwakhe, angebe ngumfundi wami. Nalowo ongathwali isiphambano sakhe, angilandele, angebe ngumfundi wami. “Ngokuba ngumuphi kini othi efuna ukwakha umbhoshongo, angaqali ahlale phansi, abale izindleko ukuthi unakho okokuwuqeda na? Funa kuthi esebeke isisekelo, engenamandla okuqeda, bonke abakubonayo baqale ukumhleka, bathi: ‘Lo muntu waqala kabanga namandla okuqeda.’ “Noma yiyiphi inkosi eya kwenye inkosi ukuhlaselana nayo engaqali ihlale phansi, ihlole ukuba inamandla yini ukuhlangabezana ngezinkulungwane eziyishumi naleyo eza kuyo, inezinkulungwane ezingamashumi amabili na? Kepha uma kungenzeke, ingathi isekude leyo, ithuma amanxusa, icele okokuthula. Kunjalo-ke yilowo nalowo kini ongavalelisi nakho konke anakho angebe ngumfundi wami. “Usawoti uyinto enhle; kepha uma usawoti edumele, uyakuhlaziywa ngani na? Akasafanele namhlabathi namquba; uyalahlwa nje phandle; onezidlebe zokuzwa makezwe.”
Funda NgokukaLuka 14
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaLuka 14:25-35
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo