ULevitikusi 26:1-13
ULevitikusi 26:1-13 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“ ‘Aniyukuzenzela onkulunkulu abangasho lutho, aniyukuzimisela izinsika, aniyukuzibekela itshe elingumfanekiso ezweni lakini, ukuba nikukhothamele; nginguSimakade uNkulunkulu wenu. “ ‘Niyogcina amasabatha ami, nihloniphe indawo yami engcwele; nginguSimakade. “ ‘Uma nihamba ngezimiso zami, nigcina imiyalo yami, niyenze, ngiyakuninika imvula ngesikhathi sayo, izwe likhiqize ukudla, imithi yasendle ithele izithelo zayo. Niyobhula kuze kube yisikhathi sokuvuna imivini, nivune imivini kuze kube yisikhathi sokulima; niyakudla isinkwa senu, nisuthe, futhi niyohlala ezweni lakini nivikelekile. “ ‘Ngiyakuninika ukuthula ezweni, nilale ningesatshiswa muntu. Ngiyakuziqeda nya izilwane ezimbi ezweni, nenkemba ayiyukudabula ezweni lakini. Niyakuxosha izitha zenu, ziwe ngenkemba phambi kwenu. Abayisihlanu kini bayakuxosha abayikhulu, abayikhulu kini baxoshe abayizi-10 000, izitha zenu ziyakuwa ngenkemba phambi kwenu. “ ‘Ngiyonenzela umusa, nginenze nichume kakhulu, nginandise, ngiqinise isivumelwano sami nani. Niyakudla okugcinwe ezinqolobaneni, nikhiphe okudala ukuze ningenise okusha. Ngiyakubeka ithabanakeli lami phakathi kwenu, umphefumulo wami awuyukuninenga. Ngiyakuhamba phakathi kwenu, ngibe nguNkulunkulu wenu, nibe ngabantu bami. NginguSimakade uNkulunkulu wenu owanikhipha eGibhithe ukuba ningabi yizigqila zabo; ngephulile izikeyi zejoka lenu, ngenza ukuba nihambe nikhululekile.
ULevitikusi 26:1-13 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“ ‘Ningenzi izithombe, ningamisi izithombe ezibaziweyo noma insika; ningabeki itshe elinemifanekiso ezweni lakini ukukhothamela kulo; ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wenu. “ ‘Anogcina amasabatha ami, nihloniphe indlu yami engcwele; nginguJehova. “ ‘Uma nihamba ngezimiso zami, nigcine imiyalo yami, niyenze, ngiyakuninika imvula ngesikhathi sayo, izwe lithele ukudla kwalo, imithi yasendle ithele izithelo zayo. Ukubhula kwenu kuyakufinyelela ekuvunweni kwemivini, ukuvunwa kwemivini kuyakufinyelela esikhathini sokulima; niyakudla isinkwa senu, nisuthe, nihlale ezweni lakini nilondekile. “ ‘Ngiyakunika ukuthula ezweni, nilale phansi ningesatshiswa muntu; ngiyakuqothula izilwane ezimbi ezweni, nenkemba ayiyikudabula ezweni lakini. Niyakuxosha izitha zenu, ziwe phambi kwenu ngenkemba. Abayisihlanu kini bayakuxosha abayikhulu, nabayikhulu kini bayakuxosha izinkulungwane eziyishumi, izitha zenu ziwe phambi kwenu ngenkemba. “ ‘Ngiyakuninaka, nginenze ukuba nizale, nande, ngimise isivumelwano sami nani. Niyakudla unyasa omdala, nikhiphe unyasa ngenxa yokusha. Ngiyakubeka itabernakele* lami phakathi kwenu, umphefumulo wami awuyikunengwa yinina. Ngiyakuhamba phakathi kwenu, ngibe nguNkulunkulu wenu, nibe ngabantu bami. NginguJehova uNkulunkulu wenu owanikhipha ezweni laseGibithe ukuba ningabi yizigqila zabo; ngaphulile izikeyi* zejoka lenu, ngenza ukuba nihambe niluleme.
ULevitikusi 26:1-13 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Aniyikuzenzela izithombe nezithombe ezibaziweyo, ningazimiseli izithombe ezibaziweyo, ningagxumeki izithombe zamatshe ezweni lakini ukuba nizikhothamele; ngoba nginguJehova uNkulunkulu wenu. Anogcina amasabatha ami, nihawukele indlu yami engcwele; nginguJehova. Uma nihamba ngezimiso zami, nigcina imiyalo yami, niyenze; Ngiyakuninika imvula ngesikhathi esifaneleyo, izwe lithele izithelo zalo, nemithi yasendle ithele izithelo zayo. Ukubhula kwenu kuyakufika ekuvuneni, nokuvuna kube yisikhathi sokuhlwanyela; kumelwe udle isinkwa sakho ngokusutha futhi uhlale ngokulondeka ezweni lakini. Ngiyakuninika ukuthula ezweni, nilale, ningethuswa muntu; ngiyakunquma izilo ezimbi ezweni, nenkemba ayiyikudabula ezweni lakho. Niyakuxosha izitha zenu, ziwe phambi kwenu ngenkemba. Abahlanu kini bayakuxosha ikhulu, nekhulu kini lixoshe izinkulungwane eziyishumi, izitha zenu ziwe ngenkemba phambi kwenu. Ngokuba ngiyakuninaka, nginenze nithele, nandise, ngimise isivumelwano sami nani. Niyakudla isithombo esidala, nikhiphe esidala ngenxa yesisha. Ngiyakumisa itabernakele lami phakathi kwenu, umphefumulo wami awuyikunengwa yinina. Ngiyakuhamba phakathi kwenu, ngibe nguNkulunkulu kini, nibe ngabantu kimi. NginguJehova uNkulunkulu wenu owanikhipha ezweni laseGibhithe ukuze ningabi yizigqila zabo; ngagqabula izibopho zejoka lenu ngakwenza ukuma uqonde.