ILevithikhusi 26:1-13

ILevithikhusi 26:1-13 ZUL20

“ ‘Aniyukuzenzela onkulunkulu abangasho lutho, aniyukuzimisela izinsika, aniyukuzibekela itshe elingumfanekiso ezweni lakini, ukuba nikukhothamele; nginguSimakade uNkulunkulu wenu. “ ‘Niyogcina amasabatha ami, nihloniphe indawo yami engcwele; nginguSimakade. “ ‘Uma nihamba ngezimiso zami, nigcina imiyalo yami, niyenze, ngiyakuninika imvula ngesikhathi sayo, izwe likhiqize ukudla, imithi yasendle ithele izithelo zayo. Niyobhula kuze kube yisikhathi sokuvuna imivini, nivune imivini kuze kube yisikhathi sokulima; niyakudla isinkwa senu, nisuthe, futhi niyohlala ezweni lakini nivikelekile. “ ‘Ngiyakuninika ukuthula ezweni, nilale ningesatshiswa muntu. Ngiyakuziqeda nya izilwane ezimbi ezweni, nenkemba ayiyukudabula ezweni lakini. Niyakuxosha izitha zenu, ziwe ngenkemba phambi kwenu. Abayisihlanu kini bayakuxosha abayikhulu, abayikhulu kini baxoshe abayizi-10 000, izitha zenu ziyakuwa ngenkemba phambi kwenu. “ ‘Ngiyonenzela umusa, nginenze nichume kakhulu, nginandise, ngiqinise isivumelwano sami nani. Niyakudla okugcinwe ezinqolobaneni, nikhiphe okudala ukuze ningenise okusha. Ngiyakubeka ithabanakeli lami phakathi kwenu, umphefumulo wami awuyukuninenga. Ngiyakuhamba phakathi kwenu, ngibe nguNkulunkulu wenu, nibe ngabantu bami. NginguSimakade uNkulunkulu wenu owanikhipha eGibhithe ukuba ningabi yizigqila zabo; ngephulile izikeyi zejoka lenu, ngenza ukuba nihambe nikhululekile.