ILevithikhusi 26

26
Isixwayiso Ngokukhonza Izithombe Ezibaziweyo
1 “ ‘Aniyukuzenzela onkulunkulu abangasho lutho, aniyukuzimisela izinsika, aniyukuzibekela itshe elingumfanekiso ezweni lakini, ukuba nikukhothamele; nginguSimakade uNkulunkulu wenu.
2 “ ‘Niyogcina amasabatha ami, nihloniphe indawo yami engcwele; nginguSimakade.
Izithembiso Kwabagcina Umthetho
3 “ ‘Uma nihamba ngezimiso zami, nigcina imiyalo yami, niyenze, 4ngiyakuninika imvula ngesikhathi sayo, izwe likhiqize ukudla, imithi yasendle ithele izithelo zayo. 5 Niyobhula kuze kube yisikhathi sokuvuna imivini, nivune imivini kuze kube yisikhathi sokulima; niyakudla isinkwa senu, nisuthe, futhi niyohlala ezweni lakini nivikelekile.
6 “ ‘Ngiyakuninika ukuthula ezweni, nilale ningesatshiswa muntu. Ngiyakuziqeda nya izilwane ezimbi ezweni, nenkemba ayiyukudabula ezweni lakini. 7Niyakuxosha izitha zenu, ziwe ngenkemba phambi kwenu. 8 Abayisihlanu kini bayakuxosha abayikhulu, abayikhulu kini baxoshe abayizi-10 000, izitha zenu ziyakuwa ngenkemba phambi kwenu.
9 “ ‘Ngiyonenzela umusa, nginenze nichume kakhulu, nginandise, ngiqinise isivumelwano sami nani. 10Niyakudla okugcinwe ezinqolobaneni, nikhiphe okudala ukuze ningenise okusha. 11 Ngiyakubeka ithabanakeli lami phakathi kwenu, umphefumulo wami awuyukuninenga. 12Ngiyakuhamba phakathi kwenu, ngibe nguNkulunkulu wenu, nibe ngabantu bami. 13 NginguSimakade uNkulunkulu wenu owanikhipha eGibhithe ukuba ningabi yizigqila zabo; ngephulile izikeyi zejoka lenu, ngenza ukuba nihambe nikhululekile.
Ukujeziswa Kwabangalaleli
14 “ ‘Kepha uma ningangilaleli, ningayigcini yonke le miyalo, 15 uma nilahla izimiso zami, nomphefumulo wenu unengwa yizehlulelo zami, ukuze ningayenzi yonke imiyalo yami, kodwa naphula isivumelwano sami, 16 nakhu engiyokwenza kini: ngiyonehlisela ingebhe, ufuba, umkhuhlane ovala amehlo, nokudangala komphefumulo. Niyotshala imbewu ningazuzi lutho, kudliwe yizitha zenu ebenikutshalile. 17 Ngiyomelana nani, nishaywe phambi kwezitha zenu, labo abanizondayo bayobusa phezu kwenu; niyobaleka kungekho muntu onixoshayo.
18 “ ‘Uma ningangilaleli nangalezi zinto, ngiyonishaya ngokuphindwe kasikhombisa ngenxa yezono zenu. 19 Ngiyakuqeda ukuqhosha ngamandla enu, ngenze izulu lenu libe njengensimbi, nomhlabathi wenu ube njengethusi. 20 Isithukuthuku senu siyophelela obala; izwe lenu aliyukuthela lutho, nemithi ekulo ayiyukuthela zithelo.
21 “ ‘Uma niyohamba nimelene nami, ningavumi ukungilalela, ngiyakunehlisela izinhlupheko eziphindwe kasikhombisa, ngenxa yezono zenu. 22 Ngiyothumela izilwane zasendle phakathi kwenu, ziyakubulala abantwana benu, zibhubhise imfuyo yenu, zinicoboshise, zibhubhise nezindlela zenu.
23 “ ‘Uma phezu kwazo zonke izinto enginishaye ngazo ningaphendukanga, kodwa nahamba nimelene nami, 24 nami ngizomelana nani, ngizakunishaya, yebo, ngokuphindwe kasikhombisa, ngenxa yezono zenu. 25 Ngiyonehlisela inkemba yempindiselo, engiyakuziphindiselela ngayo ngenxa yesivumelwano sami. Niyobuthana ndawonye emizini yenu, ngithumele ubhubhane phakathi kwenu; ninikelwe esandleni sezitha zenu. 26 Lapho nginephuca ukudla okunisimamisile, abesifazane abalishumi bayakubhaka isinkwa eziko elilodwa. Bayakunilinganisela lapho besiletha kini, nidle ningasuthi.
27“ ‘Uma nangalokhu ningangilaleli, kodwa nihamba nimelene nami, 28 nami ngizomelana nani ngolaka, yebo, ngizonishaya kuze kube kasikhombisa, ngenxa yezono zenu. 29 Niyokudla inyama yamadodana namadodakazi enu. 30 Ngiyakuchitha izindawo zenu eziphakemeyo, ngibhidlize ama-althare enu empepho, izidumbu zenu ngizilahle phezu kwezithombe zenu ezifihlikileyo; umphefumulo wami uyonengwa yini. 31 Ngiyakuyenza imizi yenu ukuba ibhidlizwe, ngizenze izindawo zenu ezingcwele zibe yincithakalo; angiyukuhogela unqambothi lwephunga lenu elimnandi. 32 Ngiyakulenza izwe libe yincithakalo; izitha zenu ezihlala kulo ziyakumangala ngalokhu. 33 Nina ngiyakunihlakazela phakathi kwezizwe, ngithumele inkemba emva kwenu, izwe lakini liyakuba yincithakalo, nemizi yenu ibe ngamabibi. 34 Ngaleso sikhathi izwe liyakuthokoza ngamasabatha alo ngesikhathi lisele liyincithakalo, nina niyobe nisezweni lezitha zenu ngaleso sikhathi; izwe liyakuphumula, lithokoze ngamasabatha alo. 35Ngesikhathi lihlezi liyincithakalo liyakuphumula, ukuphumula elingakutholi ngamasabatha enu, lapho nihlezi kulo.
36 “ ‘Abayosala phakathi kwenu, ngiyakubehlisela indumalo ezinhliziyweni zabo, besemazweni ezitha zabo. Bayakuxoshwa ngisho nangukuhashaza kweqabunga lipheshethwa ngumoya, babaleke njengomuntu ebalekela inkemba, bawe kungekho obaxoshayo. 37 Bayakukhubeka omunye ekhutshwa ngomunye kungathi babalekela inkemba, kodwa kube kungekho muntu obaxoshayo. Aniyukuba namandla okuma phambi kwezitha zenu. 38 Niyakubhubha phakathi kwezizwe, izwe lezitha zenu linishwabadele. 39 Insali yabakini iyogcugca iphelele ezweni lezitha zenu, nazo ziyobhubha ngenxa yobubi boyise.
40 “ ‘Bayakubuvuma ububi babo nobubi bokhokho babo okwathi ekungethembekeni kwabo, benza ukungethembeki kimi, baqhubeka bamelena nami. 41 Nami ngokunjalo ngamelana nabo, ngabayisa ezweni lezitha zabo. Uma ngaleso sikhathi izinhliziyo zabo ezingasokile zithobeka, bekhombisa ukuphenduka ngobubi babo, 42 ngiyakusikhumbula isivumelwano sami noJakobe, nesivumelwano sami no-Isaka, nesivumelwano sami no-Abhrahama. Ngiyakusikhumbula, ngilikhumbule nezwe. 43 Bayakulishiya izwe, lithokoze ngamasabatha alo lisahlezi liyincithakalo, kungekho muntu kulo. Bona besamukeliswa isijeziso sobubi babo, ngokuba balahla izehlulelo zami, umphefumulo wabo wanengwa yizimiso zami. 44 Kepha nalapho besesezweni lezitha zabo angiyukubalahla, angiyukunengwa yibo ukuba ngingaze ngibaqothule, ngephule isivumelwano sami nabo, ngokuba nginguSimakade uNkulunkulu wabo. 45 Ngenxa yabo ngiyosikhumbula isivumelwano nokhokho babo engabakhipha eGibhithe phambi kwezizwe, ukuba ngibe nguNkulunkulu wabo; nginguSimakade.’ ”
46 Lezi yizimiso nezehlulelo nemithetho okwamiswa nguSimakade phakathi kwakhe nabantu bakwa-Israyeli entabeni iSinayi, ngesandla sikaMose.

Okuqokiwe okwamanje:

ILevithikhusi 26: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume