ILevithikhusi 27

27
Umthetho Wezithembiso KuSimakade
1USimakade wakhuluma kuMose, wathi: 2“Yisho kubantu bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Uma umuntu enquma ukwenza isithembiso esithile kuSimakade, esiyisilinganiso ngomuntu, 3 isilinganiso ngowesilisa siyakuba: kusukela eminyakeni engama-20 kuya kwengama-60 siyakuba ngamashekeli esiliva angama-50 ngokwesilinganiso seshekeli lasendaweni engcwele. 4Uma kungowesifazane, isilinganiso kuyakuba ngamashekeli angama-30. 5Uma kungowesilisa oneminyaka emihlanu kuya kwengama-20, kuyakuba ngokulinganisa kwenu ngowesilisa amashekeli angama-20, kowesifazane amashekeli alishumi. 6 Uma kungowesilisa onenyanga kuya eminyakeni emihlanu, ngokwesilinganiso senu kuyakuba ngamashekeli ayisihlanu esiliva, owesifazane kube ngamashekeli amathathu esiliva. 7Uma kungowesilisa oneminyaka engama-60 kuya phezulu kuyakuba ngamashekeli ali-15, uma kungowesifazane kube ngamashekeli alishumi. 8 Kepha uma owethembisayo empofu, uyoyiswa kumphristi, umphristi uyomlinganisela ngokwamandla akhe lowo owenze isithembiso.
9“ ‘Uma kuyisilwane bazakunikela ngaso kuSimakade, noma yisiphi esinjalo siyakuba ngcwele kuSimakade. 10 Akayukuzishintshanisa, futhi akayukuzenana ngezinye, noma kungaba ngesihle ngesibi, noma ngesibi ngesihle; uma isilwane sinanwa ngesinye isilwane, zombili okungukuthi leso nokwenanwa ngaso ziyakuba ngcwele. 11Uma kuyisilwane esingcolile okungenikelwe ngaso kuSimakade, isilwane siyakulethwa phambi komphristi, 12umphristi uyakusihlola ukuze abone noma sihle noma sibi; njengalokho umphristi elinganisile, kuyakuba kanjalo. 13Kodwa uma ethanda ngempela ukusihlenga, uyakuthasisela okwesihlanu kwaso kukho okulinganisiweyo.
14“ ‘Uma umuntu eyakwehlukanisa indlu yakhe ibe ngcwele kuSimakade, umphristi uyakuyilinganisa ukubona ukuthi yinhle noma yimbi; njengalokhu umphristi eyilinganisile, kuyakuba kanjalo. 15Uma oyingcwelisayo ethanda ukuyihlenga indlu yakhe, uyakuthasisela okwesihlanu kwemali yokulinganiswa, bese iba ngeyakhe.
16“ ‘Uma umuntu engcwelisela uSimakade ingxenye yensimu eyifa lakhe, ukulinganiswa kwayo kuyakuba njengokukhiqiza kwayo, kube ngamashekeli angama-50 esiliva ehomere lebhali. 17Uma engcwelisa insimu yakhe kusukela ngonyaka wejubhili, ukulinganisa kwakhe kuyakuma. 18Kepha uma engcwelisa insimu yakhe ngemuva kwejubhili, umphristi uyombalela imali ngokweminyaka eseleyo kuze kufike unyaka wejubhili, bese kususwa lokho okulinganisiwe. 19Uma ongcwelisa insimu ethanda ngempela ukuyihlenga, uyakuthasisela kuyo okwesihlanu kwemali yokulinganiswa kwayo, bese ibuyela kuye. 20Kodwa uma engayihlengi insimu yakhe, noma eyithengisele omunye umuntu, akasayukukwazi ukuyihlenga. 21Lapho insimu isikhululwa ngonyaka wejubhili, njengensimu enikelwe, iyakuba ngcwele kuSimakade; ibe yifa lomphristi.
22“ ‘Uma umuntu engcwelisa kuSimakade insimu ayithengileyo, okungesiyo ingxenye yefa lakhe, 23umphristi uyakumbalela isamba sayo kuze kufike unyaka wejubhili, intengo eyakukhokhwa ngalolo lusuku, iyakuba ngcwele kuSimakade. 24 Ngonyaka wejubhili insimu iyakubuyela kulowo eyayithengwe kuye, kulowo eyifa lakhe. 25 Konke ukulinganisa kuyakuba ngokweshekeli lendawo engcwele; amagera angama-20 ayakuba yishekeli.
26 “ ‘Amazibulo ezilwane, njengamazibulo angakaSimakade, awanakungcweliswa muntu; noma ngabe eliyinkabi noma eliyimvu, angakaSimakade. 27Uma kungelesilwane esingcolileyo, uyakulihlenga ngenkathi lilinganiswa, uyothasisela okwesihlanu kwakho; uma lingahlengwa, kuyakuthengiswa ngalo lapho lilinganiswa.
28 “ ‘Nokho yonke into enikelwe, umuntu ayahlukanisele uSimakade kukho konke anakho, kungaba ngabantu, noma yizilwane, noma yinsimu eyifa lakhe, akuyukuthengiswa, futhi akunakuhlengwa; konke okunikelwe kungcwelengcwele kuSimakade.
29 “ ‘Umuntu oqalekisiweyo phakathi kwabantu akasoze ahlengwa; uyobulawa nokubulawa.
Umthetho Wokweshumi
30“ ‘Konke okweshumi kwezwe, okwembewu noma okwezithelo zemithi yezwe, kungokukaSimakade; kungcwele kuSimakade. 31Uma umuntu efuna ukuhlenga okuthile kokweshumi kwakhe, uyakuthasisela kukho okwesihlanu kwakho. 32Konke okweshumi kwezinkomo noma okwezimvu, konke okuyakudlula ngaphansi kwenduku yomelusi kubalwa okweshumi, kuyakuba ngcwele kuSimakade. 33 Akayukukuhlola ukuthi kuhle noma kubi, akayukukwenana ngokunye, kepha uma ngempela ekwenana ngokunye, kona naloko okwenanwa ngakho kuyakuba ngcwele; akuyukuhlengwa.’ ”
34 Le yimiyalo uSimakade ayala ngayo uMose ngabantu bakwa-Israyeli entabeni iSinayi.

Okuqokiwe okwamanje:

ILevithikhusi 27: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume