UJona 2:1-9
UJona 2:1-9 IsiZulu 2020 (ZUL20)
UJona esezibilini zenhlanzi, wakhuleka kuSimakade uNkulunkulu wakhe, wathi: “Ngakhala kuSimakade ngisengozini, ngicindezelekile, Yena wangiphendula. Ngisezinzulwini kwelabafileyo, ngakhala ngicela usizo, Wena walizwa izwi lami. Wena wangiphonsa ezinzulwini zolwandle, amagagasi angizungeza nxazonke, amadlambi akho namagagasi akho angisibekela. Ngase ngithi: ‘Ngixoshiwe ebusweni bakho, nokho ngiyobuye ngilibone ithempeli lakho elingcwele.’ Amanzi angihaqa, ukujula kolwandle kwangizungeza nxazonke, izintandela zathandela ekhanda lami. Ngazika ngafinyelela ezisekelweni zezintaba, endaweni yabafileyo. Izinsika zomhlaba zangivalela phakade; kepha Wena, Simakade Nkulunkulu wami, wayophula impilo yami emgodini. “Lapho ngiphelelwa ngamandla ngamkhumbula uSimakade, umkhuleko wami wafinyelela kuwe, ethempelini lakho elingcwele. Labo abakhonza izithombe eziyize, bamfulathele uNkulunkulu othembekileyo. Kepha mina ngiyakuletha umhlatshelo, ngihuba amahubo okudumisa, ngiyakufeza izithembiso zami, ngokuba insindiso ivela kuSimakade.”
UJona 2:1-9 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UJona wakhuleka kuJehova uNkulunkulu wakhe esezibilinini zenhlanzi, wathi: “Ekuhluphekeni kwami ngakhala kuJehova, wangiphendula; ngisesiswini sendawo yabafileyo ngamemeza, wezwa izwi lami. Wangiphonsa ekujuleni, enhliziyweni yolwandle, umfula wangihaqa; onke amadlambi akho namaza akho adlula phezu kwami. Ngathi mina: ‘Ngixoshiwe emehlweni akho;’ nokho ngiyakubuye ngibheke ithempeli lakho elingcwele. Amanzi angihaqa kwaze kwaba nasekuphileni kwami, utwa lwangikaka. Umhlanga wathandela ekhanda lami. Ngehla ngasemikhawulweni yezintaba; imigoqo yomhlaba yayisemva kwami kuze kube phakade. Kepha wakhuphula ukuphila kwami egodini, Jehova Nkulunkulu wami. “Lapho umphefumulo wami waphela amandla phakathi kwami, ngamkhumbula uJehova; umkhuleko wami wangena kuwe ethempelini lakho elingcwele. “Abagcina okungumoya nokuyize nje bashiya Othembekile kubo. Kepha mina ngiyakukuhlabela ngezwi lokudumisa, ngigcwalise engikuthembisileyo. Ukusindiswa kukuye uJehova.”
UJona 2:1-9 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
UJona wakhuleka kuJehova uNkulunkulu wakhe esesiswini senhlanzi: wathi: “Ngakhala kuJehova ngenxa yokuhlupheka kwami, yangizwa; ngisemathunjini abafileyo ngakhala, wezwa izwi lami. Ngokuba wangiphonsa ekujuleni, phakathi kolwandle; imifula yangihaqa; onke amadlambi akho namaza akho adlula phezu kwami. Ngase ngithi: Ngilahliwe ebusweni bakho; nokho ngiyakubuye ngibheke ithempeli lakho elingcwele. Amanzi angihaqa, kwaze kwafika emphefumulweni; utwa lwangizungeza, ukhula lwahaqa ikhanda lami. Ngehlela phansi kwezintaba; umhlaba nemigoqo yawo wawungizungeza kuze kube phakade; Nokho ukuphakamisile ukuphila kwami ekonakaleni, Jehova Nkulunkulu wami. Lapho umphefumulo wami uphela amandla phakathi kwami, ngacabanga ngoJehova, umkhuleko wami wafika kuwe ethempelini lakho elingcwele. Ababona okuyize zamanga bashiya umusa wabo. Kepha mina ngiyakuhlabela kuwe ngezwi lokubonga; Ngizokhokha engikuthembisile. Insindiso ivela kuJehova.