UJona 2

2
UJona 2
UJona esiswini senhlanzi
1UJona wakhuleka kuJehova uNkulunkulu wakhe esesiswini senhlanzi:
2wathi: “Ngakhala kuJehova ngenxa yokuhlupheka kwami, yangizwa; ngisemathunjini abafileyo ngakhala, wezwa izwi lami.
3Ngokuba wangiphonsa ekujuleni, phakathi kolwandle; imifula yangihaqa; onke amadlambi akho namaza akho adlula phezu kwami.
4Ngase ngithi: Ngilahliwe ebusweni bakho; nokho ngiyakubuye ngibheke ithempeli lakho elingcwele.
5Amanzi angihaqa, kwaze kwafika emphefumulweni; utwa lwangizungeza, ukhula lwahaqa ikhanda lami.
6Ngehlela phansi kwezintaba; umhlaba nemigoqo yawo wawungizungeza kuze kube phakade; Nokho ukuphakamisile ukuphila kwami ekonakaleni, Jehova Nkulunkulu wami.
7Lapho umphefumulo wami uphela amandla phakathi kwami, ngacabanga ngoJehova, umkhuleko wami wafika kuwe ethempelini lakho elingcwele.
8Ababona okuyize zamanga bashiya umusa wabo.
9Kepha mina ngiyakuhlabela kuwe ngezwi lokubonga; Ngizokhokha engikuthembisile. Insindiso ivela kuJehova.
10UJehova wakhuluma enhlanzini, yamkhafulela uJona emhlabathini owomileyo.

Okuqokiwe okwamanje:

UJona 2: CZB24

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume