UJona 2:1-9

UJona 2:1-9 ZUL20

UJona esezibilini zenhlanzi, wakhuleka kuSimakade uNkulunkulu wakhe, wathi: “Ngakhala kuSimakade ngisengozini, ngicindezelekile, Yena wangiphendula. Ngisezinzulwini kwelabafileyo, ngakhala ngicela usizo, Wena walizwa izwi lami. Wena wangiphonsa ezinzulwini zolwandle, amagagasi angizungeza nxazonke, amadlambi akho namagagasi akho angisibekela. Ngase ngithi: ‘Ngixoshiwe ebusweni bakho, nokho ngiyobuye ngilibone ithempeli lakho elingcwele.’ Amanzi angihaqa, ukujula kolwandle kwangizungeza nxazonke, izintandela zathandela ekhanda lami. Ngazika ngafinyelela ezisekelweni zezintaba, endaweni yabafileyo. Izinsika zomhlaba zangivalela phakade; kepha Wena, Simakade Nkulunkulu wami, wayophula impilo yami emgodini. “Lapho ngiphelelwa ngamandla ngamkhumbula uSimakade, umkhuleko wami wafinyelela kuwe, ethempelini lakho elingcwele. Labo abakhonza izithombe eziyize, bamfulathele uNkulunkulu othembekileyo. Kepha mina ngiyakuletha umhlatshelo, ngihuba amahubo okudumisa, ngiyakufeza izithembiso zami, ngokuba insindiso ivela kuSimakade.”

Funda UJona 2