UJobe 42:1-6
UJobe 42:1-6 IsiZulu 2020 (ZUL20)
UJobe wayesemphendula uSimakade, wathi: “Ngiyazi ukuthi ungakwenza konke, icebo lakho alinakuvinjwa. Ngubani ofihla iseluleko engenalwazi na? Ngikukhulumile lokho engingakuqondiyo, izinto ezinkulu kunami engingazaziyo. “Ake ulalele, kukhuluma mina, ngiyakubuza, wena ngiphendule. Ngezwa ngawe ngokuzwa kwezindlebe, kodwa manje iso lami selikubonile, ngakho-ke ngiyazenyanya, ngiyazisola, ngibhuquza othulini nasemlotheni.”
UJobe 42:1-6 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UJobe wayesemphendula uJehova, wathi: “Ngiyazi ukuthi ungenza konke; alinakuvinjwa icebo lakho. Ngubani ositheza iziluleko engenakwazi na? Ngikhulumile lokho ngingakuqondanga, izimangaliso ezinkulu kunami ebengingazazi. “Ake ungizwe, kukhulume mina; ngiyakukubuza, wena ungazise. Ngangizwile ngawe ngokuzwa kwezindlebe, kepha manje iso lami liyakubona. Ngalokho ngiyazinenga, ngizisole othulini nasemlotheni.”
UJobe 42:1-6 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
UJobe wayesemphendula uJehova, wathi: Ngiyazi ukuthi ungenza noma yini nokuthi akukho mcabango ongeke uvinjelwe. Ngubani ofihla iseluleko engenalwazi? ngakho-ke ngathi angizange ngiqonde; izinto ezimangalisayo kakhulu kimi, engingazazi. Ngakho yizwani, mina ngizakhuluma; ngizokuthatha ngikumemezele kimi. Ngizwile ngawe ngendlebe, kepha manje iso lami liyakubona. Ngakho ngiyazenyanya futhi ngiyazisola othulini nasemlotheni.