UJobe wayesemphendula uJehova, wathi: “Ngiyazi ukuthi ungenza konke; alinakuvinjwa icebo lakho. Ngubani ositheza iziluleko engenakwazi na? Ngikhulumile lokho ngingakuqondanga, izimangaliso ezinkulu kunami ebengingazazi. “Ake ungizwe, kukhulume mina; ngiyakukubuza, wena ungazise. Ngangizwile ngawe ngokuzwa kwezindlebe, kepha manje iso lami liyakubona. Ngalokho ngiyazinenga, ngizisole othulini nasemlotheni.”
Funda UJobe 42
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: UJobe 42:1-6
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo