NgokukaJohane 8:42-47
NgokukaJohane 8:42-47 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
UJesu wathi kubo: “Uma uNkulunkulu ebenguYihlo, beniyakungithanda mina, ngokuba mina ngaphuma ngivela kuNkulunkulu; futhi angizizelanga ngokwami, kodwa yena ungithumile. Aniqondi ngani ukukhuluma kwami na? ngoba anikwazi ukuzwa izwi lami. Nina ningabakayihlo uSathane, nithanda ukwenza izinkanuko zikayihlo. Yena wayengumbulali wabantu kwasekuqaleni, akemi eqinisweni, ngokuba iqiniso lingekho kuye. Nxa ekhuluma amanga, ukhuluma okungokwakhe, ngokuba ungumqambimanga noyise wawo. Ngokuba nginitshela iqiniso, anikholwa yimi. Ngubani kini ongangisola ngesono na? Uma ngikhuluma iqiniso, aningikholwa ngani na? OngokaNkulunkulu uyawezwa amazwi kaNkulunkulu; ngalokho aniwezwa, ngokuba anisibo abakaNkulunkulu.
NgokukaJohane 8:42-47 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

NgokukaJohane 8:42-47 IsiZulu 2020 (ZUL20)
UJesu wathi kubo: “Uma uNkulunkulu ubenguYihlo, beniyakungithanda Mina, ngokuba ngivela kuNkulunkulu. Angizizelanga ngokwami, kodwa nguye ongithumileyo. Kwenziwa yini ukuba ningayizwisisi inkulumo yami na? Yingokuba anifuni ukuzwa izwi lami. Nina-ke ningabakayihlo usathane, nithanda ukufeza izifiso zakhe. Yena wayengumbulali kwasekuqaleni, akami eqinisweni, ngokuba iqiniso alikho kuye. Uma ekhuluma amanga, usuke ekhuluma into yakhe, ngokuba ungumqambimanga noyise wamanga. Kepha ngenxa yokuba ngikhuluma iqiniso, aningikholwa. Ngubani-ke kini ongadalula isono engisenzileyo na? Uma ngikhuluma iqiniso, pho aningikholwa ngani na? Ovela kuNkulunkulu uyawezwa amazwi kaNkulunkulu, ngakho-ke nina aniwezwa, ngokuba anisibo abakaNkulunkulu.”
NgokukaJohane 8:42-47 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Wathi kubo uJesu: “Uma uNkulunkulu ebenguyihlo, beniyakungithanda mina, ngokuba ngafika ngivela kuNkulunkulu; ngokuba angizizelanga ngokwami, kepha yena ungithumile. Yini ukuba ningayizwisisi inkulumo yami na? Kungokuba aninakuzwa izwi lami. Nina ningabakayihlo uSathane, nithanda ukwenza izinkanuko zikayihlo. Yena wayengumbulali wabantu kwasekuqaleni, akemi eqinisweni, ngokuba iqiniso lingekho kuye. Nxa ekhuluma amanga, ukhuluma okungokwakhe, lokhu engumqambimanga noyise wawo. Kepha mina, ngokuba ngikhuluma iqiniso, anikholwa yimi. Ngumuphi kini ongangilahla ngesono na? Uma ngikhuluma iqiniso, anikholwa yimi ngani na? OngokaNkulunkulu uzwa amazwi kaNkulunkulu; kungakho ningezwe nina, ngokuba anisibo abakaNkulunkulu.”