NgokukaJohane 8:42-47

NgokukaJohane 8:42-47 ZUL20

UJesu wathi kubo: “Uma uNkulunkulu ubenguYihlo, beniyakungithanda Mina, ngokuba ngivela kuNkulunkulu. Angizizelanga ngokwami, kodwa nguye ongithumileyo. Kwenziwa yini ukuba ningayizwisisi inkulumo yami na? Yingokuba anifuni ukuzwa izwi lami. Nina-ke ningabakayihlo usathane, nithanda ukufeza izifiso zakhe. Yena wayengumbulali kwasekuqaleni, akami eqinisweni, ngokuba iqiniso alikho kuye. Uma ekhuluma amanga, usuke ekhuluma into yakhe, ngokuba ungumqambimanga noyise wamanga. Kepha ngenxa yokuba ngikhuluma iqiniso, aningikholwa. Ngubani-ke kini ongadalula isono engisenzileyo na? Uma ngikhuluma iqiniso, pho aningikholwa ngani na? Ovela kuNkulunkulu uyawezwa amazwi kaNkulunkulu, ngakho-ke nina aniwezwa, ngokuba anisibo abakaNkulunkulu.”