Johane 8

8
Johane 8
1UJesu waya eNtabeni Yeminqumo.
2Kwathi kusesekuseni wabuye weza ethempelini, abantu bonke beza kuye; wahlala phansi wabafundisa.
3Ababhali nabaFarisi baletha kuye owesifazane obanjwe ephinga; sebemmise phakathi.
4Bathi kuye: “Mfundisi, lo wesifazane ubanjwe esoqotsheni lokuphinga.
5Emthethweni uMose wasiyala ukuba abanjalo bakhandwe ngamatshe; wena-ke uthini na?
6Bakusho lokho bemlinga, ukuze babe nokumbeka icala. Kepha uJesu wakhothama, waloba ngomunwe emhlabathini, kungathi akezwanga.
7Kwathi besambuza njalo, walulama, wathi kubo: Ongenasono phakathi kwenu kaqale amjikijele ngetshe.
8Waphinda wakhothama, waloba emhlabathini.
9Labo abakuzwayo belahlwa ngunembeza wabo, baphuma ngamunye ngamunye, beqalela kwabadala kwaze kwaba kwabokugcina; uJesu wasala yedwa, nowesifazane emi phakathi.
10UJesu wayeseselulama, engaboni muntu ngaphandle kowesifazane, wathi kuye: “Sifazane, baphi labo bamangaleli bakho na? akakho okulahlileyo na?
11Wathi: Kakho, Nkosi. UJesu wathi kuye: “Nami angikulahli; hamba, ungabe usona.”
12Khona uJesu wabuye wakhuluma kubo, wathi: “Mina ngiwukukhanya kwezwe;
13Basebesithi kuye abaFarisi: Wena uyazifakazela; umbhalo wakho awusilo iqiniso.
14UJesu waphendula, wathi kubo: “Noma ngizifakazela mina, ubufakazi bami buqinisile, ngokuba ngiyazi lapho ngavela khona nokuthi ngiyaphi; kodwa lina kalikwazi lapho engivela khona lalapho engiya khona.
15Nina nahlulela ngokwenyama; mina angihluleli muntu.
16Nokho uma ngahlulela, ukwahlulela kwami kuqinisile, ngokuba angingedwa, kodwa mina noBaba ongithumileyo.
17Nasemlayweni wenu kulotshiwe ukuthi ubufakazi babantu ababili buqinisile.
18Mina ngingozifakazelayo, noBaba ongithumileyo uyafakaza ngami.
19Base bethi kuye: “Uphi uYihlo na? UJesu waphendula wathi: “Anazi mina noBaba; uma beningazi mina, beniyakumazi noBaba.
20UJesu wawakhuluma lawo mazwi ngasebhokisini lomnikelo efundisa ethempelini; ngoba ihola lakhe lalingakafiki.
21Khona uJesu wabuye wathi kubo: “Ngiyahamba, niyakungifuna, nifele ezonweni zenu;
22Base bethi abaJuda: “Kanti uzakuzibulala na? ngokuba uthi: Lapho ngiya khona, ningeze nina.
23Wathi kubo: “Nina ningabaphansi; Mina ngingowaphezulu; nina ningabakalumhlaba; mina angisiye owalumhlaba.
24Ngakho ngathi kini: Niya kufela ezonweni zenu; ngokuba uma ningakholwa ukuthi nginguye, niyakufela ezonweni zenu.
25Base bethi kuye: “Ungubani na? UJesu wathi kubo: “Lokho enganitshela khona kwasekuqaleni.
26Nginokuningi engingakusho nokwahlulela ngani; kepha ongithumileyo uqinisile; futhi ngikhuluma emhlabeni lokho engikuzwile kuye.
27Abaqondanga ukuthi ukhuluma kubo ngoYise.
28Khona uJesu wathi kubo: “Nxa seniyiphakamisile iNdodana yomuntu, khona nizakwazi ukuthi nginguye nokuthi angenzi lutho ngokwami; kodwa njengoba uBaba engifundisile, ngikhuluma lezizinto.
29Ongithumileyo unami; uBaba akangishiyanga ngedwa; ngoba mina ngenza njalo okumthokozisayo.
30Esakhuluma lawo mazwi, abaningi bakholwa nguye.
31Khona uJesu wathi kumaJuda akholwe kuye: “Uma nimi ezwini lami, ningabafundi bami isibili;
32Niyakulazi iqiniso, neqiniso liyakunikhulula.
33Bamphendula bathi: “Siyinzalo ka-Abrahama, asizange sibe yizigqila zamuntu; usho kanjani ukuthi: Niyakukhululwa na?
34UJesu wabaphendula wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Yilowo nalowo owenza isono uyisigqila sesono.
35Inceku ayihlali phakade endlini, kepha indodana ihlala phakade.
36Ngakho-ke uma iNdodana inikhulula, niyakuba ngabakhululekileyo impela.
37Ngiyazi ukuthi niyinzalo ka-Abrahama; kodwa nifuna ukungibulala, ngokuba izwi lami alinandawo kini.
38Mina ngikhuluma lokho engikubonile kuBaba; nina nenza lokho enikubonile kuyihlo.
39Baphendula, bathi kuye: Ubaba wethu uAbrahama. UJesu wathi kubo: Uma ningabantwana baka-Abrahama, benizokwenza imisebenzi ka-Abrahama.
40Kepha manje nifuna ukungibulala mina, mina muntu onitshele iqiniso, engilizwe kuNkulunkulu; u-Abrahama akakwenzanga lokho.
41Nina nenza imisebenzi kayihlo. Basebesithi kuye: Thina kasizalwanga ngokuphinga; sinoBaba oyedwa, uNkulunkulu.
42UJesu wathi kubo: “Uma uNkulunkulu ebenguYihlo, beniyakungithanda mina, ngokuba mina ngaphuma ngivela kuNkulunkulu; futhi angizizelanga ngokwami, kodwa yena ungithumile.
43Aniqondi ngani ukukhuluma kwami na? ngoba anikwazi ukuzwa izwi lami.
44Nina ningabakayihlo uSathane, nithanda ukwenza izinkanuko zikayihlo. Yena wayengumbulali wabantu kwasekuqaleni, akemi eqinisweni, ngokuba iqiniso lingekho kuye. Nxa ekhuluma amanga, ukhuluma okungokwakhe, ngokuba ungumqambimanga noyise wawo.
45Ngokuba nginitshela iqiniso, anikholwa yimi.
46Ngubani kini ongangisola ngesono na? Uma ngikhuluma iqiniso, aningikholwa ngani na?
47OngokaNkulunkulu uyawezwa amazwi kaNkulunkulu; ngalokho aniwezwa, ngokuba anisibo abakaNkulunkulu.
48Base bephendula abaJuda, bathi kuye: “Asisho kahle ukuthi wena ungumSamariya nokuthi unedemoni na?
49UJesu waphendula wathi: “Anginademoni; kodwa mina ngidumisa uBaba, kodwa lina liyangidumaza.
50Mina-ke mina angizifuneli udumo lwami;
51Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Uma umuntu egcina izwi lami, kasoze akubona ukufa naphakade.
52Base bethi kuye abaJuda: “Manje sesiyazi ukuthi unedemoni. U-Abrahama ufile, nabaprofethi; wena-ke uthi: Uba umuntu egcina ilizwi lami, kasoze ezwe ukufa laphakade.
53Ingabe wena umkhulu kunobaba u-Abrahama osewafa na? nabaprofethi bafile; uzenza bani na?
54UJesu waphendula wathi: “Uma ngizidumisa mina, udumo lwami luyize; enisho ngaye ukuthi unguNkulunkulu wenu;
55Kodwa lina kalimazi; kepha mina ngiyamazi; uma ngithi angimazi, ngiyoba ngumqambimanga njengani; kepha ngiyamazi, ngiyaligcina izwi lakhe.
56Uyihlo u-Abrahama wajabula kakhulu ngokubona usuku lwami, walubona, wajabula.
57Base bethi kuye abaJuda: “Awukafiki iminyaka engamashumi ayisihlanu, kanti usubonile u-Abrahama na?
58UJesu wathi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: U-Abrahama engakabi khona, mina ngikhona.
59Base bedobha amatshe ukuba bamjikijele, kepha uJesu wacasha, waphuma ethempelini, edabula phakathi kwabo, wadlula kanjalo.

Okuqokiwe okwamanje:

Johane 8: ZuluNT

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo