NgokukaJohane 8:12-20
NgokukaJohane 8:12-20 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Khona uJesu wabuye wakhuluma kubo, wathi: “Mina ngiwukukhanya kwezwe; Basebesithi kuye abaFarisi: Wena uyazifakazela; umbhalo wakho awusilo iqiniso. UJesu waphendula, wathi kubo: “Noma ngizifakazela mina, ubufakazi bami buqinisile, ngokuba ngiyazi lapho ngavela khona nokuthi ngiyaphi; kodwa lina kalikwazi lapho engivela khona lalapho engiya khona. Nina nahlulela ngokwenyama; mina angihluleli muntu. Nokho uma ngahlulela, ukwahlulela kwami kuqinisile, ngokuba angingedwa, kodwa mina noBaba ongithumileyo. Nasemlayweni wenu kulotshiwe ukuthi ubufakazi babantu ababili buqinisile. Mina ngingozifakazelayo, noBaba ongithumileyo uyafakaza ngami. Base bethi kuye: “Uphi uYihlo na? UJesu waphendula wathi: “Anazi mina noBaba; uma beningazi mina, beniyakumazi noBaba. UJesu wawakhuluma lawo mazwi ngasebhokisini lomnikelo efundisa ethempelini; ngoba ihola lakhe lalingakafiki.
NgokukaJohane 8:12-20 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngakho uJesu wabuye wakhuluma kubo, wathi: “Mina ngingukukhanya kwezwe. Ongilandelayo kasoze ahamba ebumnyameni, kodwa uyakuba nokukhanya kokuphila.” Ngakho-ke abaFarisi bathi kuye: “Uyazifakazela Wena; ubufakazi bakho abusilo iqiniso.” UJesu waphendula, wathi kubo: “Ngisho noma ngizifakazela Mina, ubufakazi bami buyiqiniso, ngokuba ngiyazi ukuthi ngivelaphi nokuthi ngiyaphi. Nina anazi ukuthi ngivelaphi nokuthi ngiyaphi. Nina nahlulela ngokwenyama, kodwa Mina angehluleli muntu. Noma ngehlulela, ukwehlulela kwami kungokweqiniso, ngokuba angingedwa, kodwa yiMina nongithumileyo. Kanjalo nasemthethweni wakini kulotshiwe ukuthi ubufakazi babantu ababili buyiqiniso. Mina ngiyazifakazela, noBaba ongithumileyo ufazaka ngami.” Base bethi kuye: “Uphi uyihlo na?” UJesu waphendula, wathi: “Aningazi Mina kanjalo noBaba; ukuba beningazi Mina, beniyakumazi noBaba.” Lawo mazwi wawakhuluma ngasemphongolweni weminikelo, efundisa ethempelini kodwa akukho muntu owambophayo, ngokuba isikhathi sakhe sasingakafiki.
NgokukaJohane 8:12-20 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngakho uJesu waphinda wakhuluma kubo, wathi: “Mina ngingukukhanya kwezwe; ongilandelayo kasoze ahamba ebumnyameni, kodwa woba nokukhanya kokuphila.” Khona bathi kuye abaFarisi: “Uyazifakazela wena; ubufakazi bakho ubuqinisile.” UJesu waphendula, wathi kubo: “Noma ngizifakazela mina, ubufakazi bami buqinisile, ngokuba ngiyazi ukuthi ngavelaphi nokuthi ngiyaphi; kepha nina anazi ukuthi ngivelaphi nokuthi ngiyaphi. Nina nahlulela ngokwenyama, kepha mina angahluleli muntu. Nakuba ngahlulela, ukwahlulela kwami kungokuqinisileyo, ngokuba ngingengedwa, kodwa yimina nongithumileyo. Yebo, kulotshiwe nasemthethweni wakini ukuthi ubufakazi babantu ababili bungobuqinisileyo. Mina ngingozifakazelayo; noBaba ongithumileyo ufakaza ngami.” Base bethi kuye: “Uphi uyihlo na?” UJesu waphendula ngokuthi: “Anazi nami naBaba; uma beningazi mina, nga nimazi noBaba.” Lawo mazwi wawakhuluma ngasemphongolweni weminikelo efundisa ethempelini; akubangakho ombambayo, ngokuba isikhathi sakhe sasingakafiki.
NgokukaJohane 8:12-20 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)