Ngakho uJesu wabuye wakhuluma kubo, wathi: “Mina ngingukukhanya kwezwe. Ongilandelayo kasoze ahamba ebumnyameni, kodwa uyakuba nokukhanya kokuphila.” Ngakho-ke abaFarisi bathi kuye: “Uyazifakazela Wena; ubufakazi bakho abusilo iqiniso.” UJesu waphendula, wathi kubo: “Ngisho noma ngizifakazela Mina, ubufakazi bami buyiqiniso, ngokuba ngiyazi ukuthi ngivelaphi nokuthi ngiyaphi. Nina anazi ukuthi ngivelaphi nokuthi ngiyaphi. Nina nahlulela ngokwenyama, kodwa Mina angehluleli muntu. Noma ngehlulela, ukwehlulela kwami kungokweqiniso, ngokuba angingedwa, kodwa yiMina nongithumileyo. Kanjalo nasemthethweni wakini kulotshiwe ukuthi ubufakazi babantu ababili buyiqiniso. Mina ngiyazifakazela, noBaba ongithumileyo ufazaka ngami.” Base bethi kuye: “Uphi uyihlo na?” UJesu waphendula, wathi: “Aningazi Mina kanjalo noBaba; ukuba beningazi Mina, beniyakumazi noBaba.” Lawo mazwi wawakhuluma ngasemphongolweni weminikelo, efundisa ethempelini kodwa akukho muntu owambophayo, ngokuba isikhathi sakhe sasingakafiki.
Funda NgokukaJohane 8
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaJohane 8:12-20
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo