NgokukaJohane 6:40-71

NgokukaJohane 6:40-71 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Ngokuba lokhu kuyintando kaBaba ukuba yilowo nalowo obona iNdodana, akholwe yiyo, abe nokuphila okuphakade; ngiyakumvusa mina ngomuhla wokuphela.” Khona abaJuda bakhonona ngaye, ngokuba ethe: “Ngiyisinkwa esehle ezulwini.” Bathi-ke: “Lona akusiye uJesu indodana kaJosefa, uyise nonina sibazi na? Usesho kanjani, pho, ukuthi: ‘Ngehle ezulwini,’ na?” UJesu waphendula, wathi kubo: “Ningakhononi phakathi kwenu. Akakho ongeza kimi, uma uBaba ongithumileyo engamdonsi; mina-ke ngiyakumvusa ngomuhla wokuphela. Kulotshiwe kubaprofethi ukuthi: ‘Bonke bayakuba ngabafundiswe nguNkulunkulu.’ Yilowo nalowo ozwile kuBaba, wafunda, uyeza kimi. Akusikho ukuthi ukhona oke wambona uBaba, kuphela ovela kuNkulunkulu; nguyena ombonile uBaba. Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Okholwayo unokuphila okuphakade. Mina ngiyisinkwa sokuphila. Okhokho benu badla imana* ehlane, bafa. Lesi siyisinkwa esehla ezulwini ukuba umuntu adle kuso, angafi. Mina ngiyisinkwa esiphilayo esehla ezulwini. Uma umuntu edla lesi sinkwa, uyakuphila phakade; futhi-ke isinkwa engizakusinikela ngenxa yokuphila kwezwe siyinyama yami.” Base bephikisana bodwa abaJuda, bethi: “Lo angasinika kanjani inyama yakhe, siyidle, na?” Khona uJesu wathi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Uma ningayidli inyama yeNdodana yomuntu, niphuze igazi layo, aninakuphila phakathi kwenu. Odla inyama yami, aphuze igazi lami, unokuphila okuphakade; mina ngiyakumvusa ngomuhla wokuphela. Ngokuba inyama yami ingukudla isibili, negazi lami lingukuphuza isibili. Odla inyama yami, aphuze igazi lami, uhlala kimi, nami kuye. Njengalokho uBaba ophilayo ungithumile, nami ngiphila ngoBaba, lowo ongidlayo naye uyakuphila ngami. Lesi siyisinkwa esehle ezulwini, kungenjengalokho okhokho benu badla imana,* bafa; osidlayo lesi sinkwa uyakuphila phakade.” Lokho wakukhuluma esinagogeni* efundisa eKapernawume. Ngakho-ke abaningi kubafundi bakhe bekuzwa lokho bathi: “Lilukhuni leli zwi; ngubani ongalizwa na?” Kepha uJesu azi phakathi kwakhe ukuthi abafundi bakhe bayakhonona ngalokho, wathi: “Lokhu kuyanicunula na? Pho, uma nibona iNdodana yomuntu yenyukela lapho yayikhona kuqala, niyakuthini na? NguMoya ophilisayo, inyama ayisizi lutho; amazwi engiwakhulume kini angumoya, angukuphila. Kepha bakhona abanye phakathi kwenu abangakholwa. Ngokuba uJesu wazi kwasekuqaleni ukuba ngobani abangakholwa nokuba ngubani ozakumkhaphela.” Wayesethi: “Kungenxa yalokho ngithe kini: Akakho ongeza kimi uma engakuphiwe nguBaba.” Emva kwalokho abaningi babafundi bakhe babuyela emuva, ababe besahamba naye. Ngakho uJesu wathi kwabayishumi nambili: “Nani nithanda ukumuka na?” USimoni Petru wamphendula wathi: “Nkosi, siyakuya kubani na? Amazwi okuphila okuphakade akuwe. Siyakholwa, siyazi ukuthi wena ungoNgcwele kaNkulunkulu.” UJesu wabaphendula wathi: “Mina anginikhethanga nina abayishumi nambili na? Kepha omunye kini ungusathane.” Wayekhuluma ngoJuda Iskariyothe kaSimoni, ngokuba nguye obezakumkhaphela engomunye wabayishumi nambili.

NgokukaJohane 6:40-71 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Le yintando yalowo ongithumileyo, ukuthi wonke obona iNdodana, akholwe kuyo, abe lokuphila okuphakade, lami ngizamvusa ngosuku lokucina. AmaJuda akhonona ngaye, ngokuba wathi: “Mina ngiyisinkwa esehla ezulwini. Basebesithi: Lo kayisuye uJesu yini indodana kaJosefa, uyise lonina esibaziyo? Asho kanjani-ke ukuthi: Ngehle ezulwini na? UJesu waphendula, wathi kubo: “Ningakhononi phakathi kwenu. Akakho ongeza kimi, uma uBaba ongithumileyo emdonsa, mina-ke ngiyakumvusa ngosuku lokugcina. Kulotshiwe kubaprofethi ukuthi: Futhi bonke bayakuba ngabafundiswe nguNkulunkulu. Ngakho wonke umuntu ozwile kuBaba wafunda kuBaba uyeza kimi. Kungesikho ukuthi ukhona oke wabona uBaba, kuphela ovela kuNkulunkulu; Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Okholwa yimi unokuphila okuphakade. Mina ngiyisinkwa sokuphila. Oyihlo badla imana ehlane, bafa; Lesi yisinkwa esehla ezulwini, ukuba umuntu asidle, angafi. Mina ngiyisinkwa esiphilayo esehle ezulwini; uma umuntu edla lesi sinkwa, uyakuphila phakade; Ngakho abaJuda baphikisana bodwa, besithi: Lo angasinika njani inyama yakhe ukuthi siyidle? UJesu wayesethi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Uma ningayidli inyama yeNdodana yomuntu, niphuze igazi layo, aninakuphila kini. Odla inyama yami, aphuze igazi lami, unokuphila okuphakade; futhi mina ngizamvusa ngosuku lokucina. Ngokuba inyama yami ingukudla isibili, negazi lami liyisiphuzo isibili. Odla inyama yami, anathe igazi lami, uhlala kimi, nami kuye. Njengokuba uBaba ophilayo ungithumile, nami ngiphila ngoBaba, kanjalo ongidlayo, naye uyakuphila ngami. Leso yisinkwa esehla ezulwini, kungenjengalokho oyihlo badla imana, bafa; odla lesi sinkwa uyakuphila phakade. Lokho wakukhuluma esinagogeni efundisa eKapernawume. Ngakho abaningi kubafundi bakhe bekuzwa bathi: “Lilukhuni leli zwi; ngubani ongakuzwa na? UJesu ekwazi phakathi kwakhe ukuthi abafundi bakhe bayakhonona ngalokho, wathi kubo: “Lokhu kuyanicasula na? Kuyini-ke nxa libona iNdodana yomuntu yenyukela lapho eyayikhona kuqala? Ngumoya ophilisayo; inyama ayisizi lutho; amazwi engiwakhuluma kini angumoya, angukuphila. Kodwa bakhona abanye kini abangakholwa. Ngokuba uJesu wayazi kwasekuqaleni ukuthi bangobani abangakholwa nokuthi ngubani oyakumkhaphela. Wasesithi: Kungakho ngithe kini: Kakho ongeza kimi, ngaphandle kokuthi ukuphiwe nguBaba. Kusukela ngaleso sikhathi abaningi babafundi bakhe babuyela emuva, ababe besahamba naye. Khona uJesu wathi kwabayishumi nambili: “Nani nithanda ukumuka na? USimoni Petru wamphendula wathi: “Nkosi, siyakuya kubani na? amazwi okuphila okuphakade nguwe. Siyakholwa, siyazi ukuthi wena unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu ophilayo. UJesu wabaphendula wathi: “Mina anginikhethanga nina abayishumi nambili na? Wayekhuluma ngoJudasi Iskariyothe kaSimoni, ngoba nguye owayezamkhaphela, engomunye wabalitshumi lambili.

NgokukaJohane 6:40-71 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

NgokukaJohane 6:40-71 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Ngokuba lokhu kuyintando kaBaba, ukuba yilowo nalowo obona iNdodana, akholwe yiyo, abe nokuphila okuphakade; Mina ngiyakumvusa ngomhla wokuphela.” Ngalokho-ke abaJuda bakhononda ngoJesu, ngokuba ethe: “Ngiyisinkwa esehle ezulwini.” Bathi: “Lo muntu akusiye uJesu, indodana kaJosefa, uyise nonina esibaziyo na? Pho kungani manje, ethi: ‘Ngehle ezulwini,’ na?” UJesu waphendula, wathi kubo: “Ningakhonondi nodwa. Akekho ongeza kimi, uma uBaba ongithumileyo engamdonseli kimi. Mina-ke ngiyakumvusa ngomhla wokuphela. Kulotshiwe kubaphrofethi ukuthi: ‘Bonke bayakuba ngabafundiswe nguNkulunkulu.’ Yilowo nalowo omzwile uBaba, wafunda, uza kimi. Lokho akusho ukuthi ukhona oseke wambona uBaba, ngaphandle kwalowo ovela kuNkulunkulu, nguYena ombonileyo uBaba. “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: okholwayo unokuphila okuphakade. Mina ngiyisinkwa sokuphila. Okhokho benu badla imana ehlane, bafa. Lesi yisinkwa esehla ezulwini ukuze umuntu osidlayo angafi. Mina ngiyisinkwa sokuphila esehla ezulwini. Uma umuntu edla lesi sinkwa, uyakuphila ingunaphakade. Phezu kwalokho, isinkwa engisinikelayo ngenxa yokuphila kwezwe, singumzimba wami.” Base bephikisana bodwa abaJuda, bethi: “Lo muntu angasinika kanjani inyama yakhe, ukuba siyidle na?” Khona uJesu wathi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: uma ningayidli inyama yeNdodana yomuntu, niphuze igazi layo, aninakuphila. Lowo odla inyama yami, aphuze igazi lami, unokuphila okuphakade; ngiyakumvusa ngomhla wokuphela. Ngokuba inyama yami ingukudla isibili, negazi lami liyisiphuzo isibili. Odla inyama yami, aphuze igazi lami, uhlala kimi, nami kuye. Njengokuba uBaba ophilayo ungithumile, nami ngiphila ngaye, kanjalo nalowo ongidlayo, naye uyakuphila ngami. Lesi yisinkwa esehla ezulwini, asinjengaso esadliwa ngokhokho benu, bafa. Odla lesi sinkwa uyakuphila phakade.” UJesu wakukhuluma lokhu efundisa esinagogeni, eKhaphernawume. Lapho abaningi kubafundi bakhe bekuzwa lokho, bathi: “Leli lizwi lilukhuni, pho ngubani ongaliqonda na?” Kepha uJesu, azi ukuthi abafundi bakhe bayakhononda ngalokho, wathi kubo: “Ngabe lokho kuyanicasula yini na? Pho-ke niyakuthini lapho nibona iNdodana yomuntu yenyukela lapho yavela khona na? NguMoya ongophilisayo, inyama ayisizi ngalutho. Amazwi engiwakhulume kini angumoya, futhi angukuphila. Kepha bakhona abanye kini abangakholwayo.” UJesu wayazi kwasekuqaleni ukuthi ngobani abangakholwayo, nokuthi ngubani ozakumkhaphela. Wayesethi: “Yingakho-ke ngithe kini: akekho ongeza kimi uma engakuphiwe lokho nguBaba.” Kusukela lapho, abaningi kubafundi bakhe babuyela emuva, ababe besahamba naye. Ngakho-ke uJesu wathi kwabayishumi nambili: “Nani senifuna ukungihlamuka yini na?” USimoni Phethro wamphendula, wathi: “Nkosi, siyakuya kubani na? Amazwi okuphila okuphakade akuwe. Thina siyakholwa, futhi siyazi ukuthi Wena ungoNgcwele kaNkulunkulu.” UJesu wabaphendula, wathi: “Anginikhethanga yini nina enili-12 na? Kepha omunye wenu ungusathane.” Wayekhuluma ngoJuda, indodana kaSimoni Iskariyothe, ongomunye wabali-12, ngokuba nguye owayezakumkhaphela.