NgokukaJohane 6:15-21
NgokukaJohane 6:15-21 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kwathi uJesu esazi ukuthi bazakuza ukumbamba ngamandla, bambeke inkosi, wabuya wasuka waya entabeni yena yedwa. Kwathi sekuhlwile, abafundi bakhe behlela elwandle. Bangena emkhunjini, bawela ulwandle ngaseKapernawume. Kwasekumnyama, uJesu engakafiki kubo. Kwase kuvuka ulwandle ngenxa yokuvunguza komoya omkhulu. Sebegwedlile kungathi amastadiyu angamashumi amabili nanhlanu noma amashumi amathathu, babona uJesu ehamba phezu kolwandle, esondela emkhunjini; Kodwa wathi kubo: Yimi; ningesabi. Base bevuma ukumemukela emkhunjini; umkhumbi wawusufika masinyane ezweni ababeya kulo.
NgokukaJohane 6:15-21 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngakho-ke uJesu azi ukuthi bazakuza, bambambe, ukuze bambeke abe yinkosi, wathi nyelele, futhi waya yedwa entabeni. Kuthe sekuhwalala, abafundi bakhe behlela olwandle, bagibela esikebheni, bawela ulwandle beya ngaphesheya eKhaphernawume. Kwase kuhlwile, kepha uJesu wayengakafiki kubo. Kwasuka isivunguvungu esikhulu, kwadlanga amaza olwandle. Kuthe sebegwedle ibanga elingaba ngamastadiyu angama-25 noma angama-30, bambona uJesu ehamba phezu kolwandle esondela esikebheni, besaba. Kepha wathi kubo: “YiMina, ningesabi.” Ngakho-ke bafuna ukumgibelisa esikebheni, kepha isikebhe safika masinyane ezweni ababeya kulo.
NgokukaJohane 6:15-21 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngakho-ke uJesu azi ukuthi bazakuza, bambambe, bambeke inkosi, wamonyukela futhi entabeni yena yedwa. Sekuhlwa abafundi bakhe bewukela elwandle, bangena emkhunjini, bawela ulwandle beya eKapernawume. Kwase kuhlwile, uJesu wayengakafiki kubo. Kwavunguza umoya omkhulu, lwavuka ulwandle. Khona sebegwedlile kungathi amastadiyu* angamashumi amabili nanhlanu noma amashumi amathathu, babona uJesu ehamba phezu kolwandle, esondela emkhunjini; bethuka. Kepha wathi kubo: “Yimina, ningesabi.” Khona bafuna ukumngenisa emkhunjini, umkhumbi wawusufika masinyane ezweni ababeya kulo.
NgokukaJohane 6:15-21 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)