NgokukaJohane 6:1-40
NgokukaJohane 6:1-40 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Emva kwalokho uJesu wamuka waya phesheya kolwandle lwaseGalile olungolwaseTiberiya. Isixuku esikhulu samlandela, ngokuba sasibona izibonakaliso zakhe azenzayo kwabagulayo. UJesu wenyukela entabeni, wahlala phansi khona nabafundi bakhe. Lase liseduze iPhasika labaJuda. Khona uJesu ephakamisa amehlo akhe, wabona isixuku esikhulu siza kuye, wathi kuFiliphu: Singazithenga ngaphi izinkwa, ukuze laba badle na? Wakusho lokho emlinga, ngokuba yena ubekwazi abezakukwenza. UFiliphu wamphendula wathi: Izinkwa zabodenariyo abangamakhulu amabili azibanele, ukuthi yilowo nalowo athathe okuyingcosana. Omunye wabafundi bakhe, u-Andreya umfowabo kaSimoni Petru, wathi kuye: Kukhona umfana lapha onezinkwa zebhali eziyisihlanu nezinhlanzana ezimbili; UJesu wathi: “Bahlaliseni abantu phansi. Kwakukhona utshani obuningi kuleyo ndawo. Ahlala-ke amadoda, umumo wawo kungathi izinkulungwane eziyisihlanu. UJesu wathatha izinkwa; esebongile wababela ababehlezi phansi; kanjalo nezinhlanzi ngokuthanda kwabo. Sebesuthi, wathi kubafundi bakhe: Buthani imvuthuluka eseleyo, kungachitheki lutho. Base bebutha, bagcwalisa iziqabetho eziyishumi nambili imvuthuluka yezinkwa eziyisihlanu zebhali, ezasala kwabadlileyo. Khona labobantu sebesibonile isimangaliso uJesu asenzayo, bathi: Isibili lo nguye umprofethi obezakuza emhlabeni. Kwathi uJesu esazi ukuthi bazakuza ukumbamba ngamandla, bambeke inkosi, wabuya wasuka waya entabeni yena yedwa. Kwathi sekuhlwile, abafundi bakhe behlela elwandle. Bangena emkhunjini, bawela ulwandle ngaseKapernawume. Kwasekumnyama, uJesu engakafiki kubo. Kwase kuvuka ulwandle ngenxa yokuvunguza komoya omkhulu. Sebegwedlile kungathi amastadiyu angamashumi amabili nanhlanu noma amashumi amathathu, babona uJesu ehamba phezu kolwandle, esondela emkhunjini; Kodwa wathi kubo: Yimi; ningesabi. Base bevuma ukumemukela emkhunjini; umkhumbi wawusufika masinyane ezweni ababeya kulo. Ngangomuso izixuku ezazimi ngaphesheya kolwandle zabona ukuthi kwakungekho sikebhe lapho, ngaphandle kwalowo ababengene kuwo abafundi bakhe, nokuthi uJesu akangenanga nabafundi bakhe emkhunjini, kodwa ukuthi abafundi bakhe. bahamba bodwa; (Kepha kwafika eminye imikhumbi evela eTiberiya eduze nendawo lapho ababedle khona isinkwa, ngemva kokuba iNkosi ibongile.) Kwathi ixuku selibonile ukuthi uJesu labafundi bakhe kakho lapho, labafundi bakhe bangena emikhunjini, beza eKapenawume befuna uJesu. Sebemtholile ngaphetsheya kolwandle, bathi kuye: Rabi, ufike nini lapha? UJesu wabaphendula wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Aningifuni ngokuba nabona izibonakaliso, kodwa ngokuba nadla izinkwa nasutha. Ningasebenzeli ukudla okuphelayo, kodwa ukudla okuhlala kuze kube ngukuphila okuphakade, eyonipha khona iNdodana yomuntu; Basebesithi kuye: Sizakwenzani, ukuze senze imisebenzi kaNkulunkulu? UJesu waphendula, wathi kubo: “Lokhu kungumsebenzi kaNkulunkulu, ukuba nikholwe kuye amthumileyo. Bathi kuye: “Pho, usenza isibonakaliso bani, ukuze sibone, sikholwe nguwe na? usebenzani? Okhokho bethu badla imana ehlane; njengokulotshiweyo ukuthi: Wabanika isinkwa esivela ezulwini ukuba badle. UJesu wayesethi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: UMose akaninikanga leso sinkwa esivela ezulwini; kodwa uBaba unipha isinkwa soqobo esivela ezulwini. Ngokuba isinkwa sikaNkulunkulu singuye owehla ezulwini, onika izwe ukuphila. Base bethi kuye: “Nkosi, sinike lesi sinkwa njalonjalo. UJesu wathi kubo: “Mina ngiyisinkwa sokuphila; ozayo kimi kasoze alamba; okholwa yimi kasoze oma naphakade. Kepha ngithe kini: Ningibonile nani, anikholwanga. Bonke uBaba anginika bona bayakuza kimi; futhi ozayo kimi angisoze ngamlahlela phandle. Ngoba ngehle ezulwini, kungeyisikho ukuthi ngenze intando yami, kodwa intando yalowo ongithumileyo. Nalokhu kuyintando kaBaba ongithumileyo, ukuba konke anginike khona ngingalahlekelwa lutho kukho, kodwa ngikuvuse ngosuku lokugcina. Le yintando yalowo ongithumileyo, ukuthi wonke obona iNdodana, akholwe kuyo, abe lokuphila okuphakade, lami ngizamvusa ngosuku lokucina.
NgokukaJohane 6:1-40 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Emva kwalokho uJesu wawelela ngaphesheya kolwandle iGalile, oluseThibheriya. Isixuku esikhulu samlandela, ngokuba sasibone izibonakaliso ayezenza kulabo abagulayo. UJesu wenyukela entabeni, wahlala lapho nabafundi bakhe. UMkhosi wePhasika labaJuda wawususondele. Kuthe lapho uJesu ephakamisa amehlo, wabona isixuku esikhulu siza kuye, wathi kuFiliphu: “Sizakuzithenga kuphi izinkwa ukuba laba badle na?” Lokhu wayekusho emvivinya, ngokuba Yena wayekwazi ayezokwenza. UFiliphu wamphendula, wathi: “Izinkwa zawodenariyu abangama-200 zingeke zanele ukuba kube yilowo nalowo athole okuncane.” Omunye wabafundi bakhe, u-Andreya umfowabo kaSimoni Phethro, wathi kuJesu: “Kukhona umfana lapha onezinkwa zebhali ezinhlanu nezinhlanzi ezimbili, kodwa kuyini lokhu kubantu abaningi kangaka na?” UJesu wathi: “Bahlaliseni abantu.” Kwakunotshani obuningi kuleyo ndawo. Ahlala phansi-ke amadoda, ayebalelwa ezi-5 000. Ngakho-ke uJesu wathatha izinkwa, wabonga, wayesezabela ababehleli lapho, wenza kanjalo futhi nangezinhlanzi, njengokuthanda kwabo. Kuthe sebesuthi, wathi kubafundi bakhe: “Buthani imvuthuluka eseleyo, kungachitheki lutho.” Bayibutha imvuthuluka yezinkwa ezinhlanu zebhali eyayisele ngenkathi abantu bedla, yagcwala iziqabetho ezili-12. Kwathi abantu bebona isibonakaliso asenzileyo, bathi: “Impela, lo nguMphrofethi ozayo emhlabeni.” Ngakho-ke uJesu azi ukuthi bazakuza, bambambe, ukuze bambeke abe yinkosi, wathi nyelele, futhi waya yedwa entabeni. Kuthe sekuhwalala, abafundi bakhe behlela olwandle, bagibela esikebheni, bawela ulwandle beya ngaphesheya eKhaphernawume. Kwase kuhlwile, kepha uJesu wayengakafiki kubo. Kwasuka isivunguvungu esikhulu, kwadlanga amaza olwandle. Kuthe sebegwedle ibanga elingaba ngamastadiyu angama-25 noma angama-30, bambona uJesu ehamba phezu kolwandle esondela esikebheni, besaba. Kepha wathi kubo: “YiMina, ningesabi.” Ngakho-ke bafuna ukumgibelisa esikebheni, kepha isikebhe safika masinyane ezweni ababeya kulo. Ngakusasa isixuku esasisele ngaphesheya kolwandle sabona ukuthi asikho esinye isikebhe lapho, kukhona esisodwa kuphela, nokuthi uJesu wayengagibelanga esikebheni nabafundi bakhe, kodwa babehambe bodwa. Kwafika ezinye izikebhe zivela eThibheriya zema eduze nendawo lapho babedle khona isinkwa emuva kokuba iNkosi isibongile. Ngakho-ke lapho isixuku sibona ukuthi uJesu nabafundi bakhe abekho lapho, sangena ezikebheni, saya eKhapernawume siyofuna uJesu. Sesimfumene ngaphesheya kolwandle, sathi kuye: “Rabi, ufike nini lapha na?” UJesu wabaphendula, wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: aningifuni ngokuba nabona izibonakaliso, kodwa ngokuba nadla izinkwa, nasutha. Ningasebenzeli ukudla okuphelayo, kepha ukudla okuhlala kuze kube ngukuphila okuphakade, eyakunipha khona iNdodana yomuntu, ngokuba uYise uNkulunkulu ubekile uphawu lwakhe kuyo.” Ngakho-ke bathi kuye: “Singenzani ukuba senze imisebenzi kaNkulunkulu na?” UJesu waphendula, wathi kubo: “Umsebenzi kaNkulunkulu yilowo wokuba nikholwe nguye amthumileyo.” Nokho-ke bathi kuye: “Pho sibonakaliso sini ozakusenza, ukuba sibone, ukuze sikholwe nguwe na? Uzokwenzani? Okhokho bethu badla imana ehlane njengalokhu kulotshiwe ukuthi: ‘UNkulunkulu wabapha isinkwa esivela ezulwini ukuba badle.’ ” Ngakho-ke uJesu wathi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: kwakungeyena uMose owanipha isinkwa esivela ezulwini, kodwa nguBaba onipha isinkwa soqobo esivela ezulwini. Ngokuba isinkwa sikaNkulunkulu siyilowo owehla evela ezulwini, oliphayo izwe ukuphila.” Ngakho bathi kuye: “Nkosi, siphe leso sinkwa njalo njalo.” UJesu wathi kubo: “Mina ngiyisinkwa sokuphila. Ozayo kimi akasoze alamba, nalowo okholwa yimi akasoze oma. Kepha nginitshelile ngathi: ningibonile, kodwa anikholwanga. Konke uBaba angipha khona, kuyakuza kimi; lowo ozayo kimi, angisoze ngamlahla ngaphandle. Ngokuba ngehle ezulwini, hhayi ukuzokwenza intando yami, kodwa intando yalowo ongithumileyo. Manje yilena intando yongithumileyo, ukuba konke angiphe khona ngingalahlekelwa nangokukodwa kukho, kodwa ngikuvuse ngomhla wokuphela. Ngokuba lokhu kuyintando kaBaba, ukuba yilowo nalowo obona iNdodana, akholwe yiyo, abe nokuphila okuphakade; Mina ngiyakumvusa ngomhla wokuphela.”
NgokukaJohane 6:1-40 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Emva kwalokho uJesu wamuka waya phesheya kolwandle lwaseGalile olungolwaseTiberiya. Samlandela isixuku esikhulu, ngokuba babebona izibonakaliso azenzayo kwabagulayo. UJesu wenyukela entabeni, wahlala phansi khona nabafundi bakhe. Laliseduze iPhasika, umkhosi wabaJuda. Kuthe uJesu ephakamisa amehlo, wabona ukuthi isixuku esikhulu siza kuye, wathi kuFiliphu: “Sizakuzithengaphi izinkwa ukuba badle laba na?” Washo njalo emvivinya, ngokuba yena wayekwazi azakukwenza. UFiliphu wamphendula wathi: “Izinkwa zawodenariyu* abangamakhulu amabili zingebanele, kube yilowo nalowo athole ingcosana.” Omunye wabafundi bakhe, u-Andreya umfowabo kaSimoni Petru, wathi kuye: “Kukhona umfana lapha onezinkwa zebhali* eziyisihlanu nezinhlanzana ezimbili; kepha kuyini lokho kwabaningi kangaka na?” UJesu wathi: “Bahlaliseni abantu.” Kwakukhona utshani obuningi kuleyo ndawo. Ahlala phansi-ke amadoda, umumo wawo kungathi izinkulungwame eziyisihlanu. UJesu wazithabatha izinkwa, wabonga, wayesezabela ababehlezi phansi, kanjalo futhi nezinhlanzana, njengokuthanda kwabo. Kuthe sebesuthi, wathi kubafundi bakhe: “Buthani imvuthuluka eseleyo, kungachitheki lutho.” Base bebutha, bagcwalisa iziqabetho eziyishumi nambili ngemvuthuluka yezinkwa eziyisihlanu zebhali* eyasala kwabadlileyo. Kwathi-ke abantu bebona isibonakaliso uJesu asenzayo, bathi: “Impela lo ungumProfethi ozayo ezweni.” Ngakho-ke uJesu azi ukuthi bazakuza, bambambe, bambeke inkosi, wamonyukela futhi entabeni yena yedwa. Sekuhlwa abafundi bakhe bewukela elwandle, bangena emkhunjini, bawela ulwandle beya eKapernawume. Kwase kuhlwile, uJesu wayengakafiki kubo. Kwavunguza umoya omkhulu, lwavuka ulwandle. Khona sebegwedlile kungathi amastadiyu* angamashumi amabili nanhlanu noma amashumi amathathu, babona uJesu ehamba phezu kolwandle, esondela emkhunjini; bethuka. Kepha wathi kubo: “Yimina, ningesabi.” Khona bafuna ukumngenisa emkhunjini, umkhumbi wawusufika masinyane ezweni ababeya kulo. Ngangomuso isixuku esasingaphesheya kolwandle sabona kungekho omunye umkhunjana khona, sazi ukuthi ubumunye nje nokuthi uJesu wayengangenanga emkhunjini kanye nabafundi bakhe, kepha ukuthi abafundi bakhe babewele bodwa, kodwa eminye imikhunjana evela eTiberiya yafika eduze nendawo lapho badla khona isinkwa, iNkosi ibongile; isixuku sathi ukubona ukuthi uJesu akakho lapho nabafundi bakhe, sangena emikhunjaneni, naso saya eKapernawume sifuna uJesu. Kwathi ukuba bamfumane phesheya kolwandle, bathi: “Rabi, ufike nini lapha na?” UJesu wabaphendula wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Aningifuni ngokuba nabona izibonakaliso, kepha ningifuna ngokuba nadla izinkwa, nasutha. Ningasebenzeli ukudla okuphelayo kepha ukudla okuhlala kuze kube ngukuphila okuphakade, eyakunipha khona iNdodana yomuntu, ngokuba uYise uNkulunkulu ubekile uphawu kuyona.” Bathi-ke kuye: “Singenzani ukuba sisebenze imisebenzi kaNkulunkulu na?” Waphendula uJesu, wathi kubo: “Umsebenzi kaNkulunkulu yilowo ukuba nikholwe nguye amthumileyo.” Ngakho bathi kuye: “Pho, wenza sibonakaliso sini ukuba sibone, sikholwe nguwe, na? Usebenzani na? Okhokho bethu badla imana* ehlane njengokulotshiweyo ukuthi: ‘Wabapha isinkwa esivela ezulwini ukuba badle.’ ” UJesu wayesethi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Kwakungesiye uMose owanipha isinkwa esivela ezulwini, kodwa uBaba unipha isinkwa soqobo esivela ezulwini. Ngokuba isinkwa sikaNkulunkulu singuye owehla ezulwini, olipha izwe ukuphila.” Khona bathi kuye: “Nkosi, siphe njalonjalo leso sinkwa.” UJesu wathi kubo: “Mina ngiyisinkwa sokuphila; ozayo kimi kasoze alamba, nokholwa yimi kasoze oma. Kepha ngithe kini: Ningibonile, nokho anikholwa. Konke angipha khona uBaba kuyakuza kimi; ozayo kimi angisoze ngamlahlela ngaphandle. Ngokuba ngehle ezulwini kungengukuba ngenze intando yami, kodwa ukuba ngenze intando yongithumileyo. Lokhu kuyintando yongithumileyo ukuba konke angiphe khona ngingalahlekelwa lutho kukho, kodwa ngikuvuse ngomuhla wokuphela. Ngokuba lokhu kuyintando kaBaba ukuba yilowo nalowo obona iNdodana, akholwe yiyo, abe nokuphila okuphakade; ngiyakumvusa mina ngomuhla wokuphela.”
NgokukaJohane 6:1-40 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Emva kwalokho uJesu wamuka waya phesheya kolwandle lwaseGalile olungolwaseTiberiya. Isixuku esikhulu samlandela, ngokuba sasibona izibonakaliso zakhe azenzayo kwabagulayo. UJesu wenyukela entabeni, wahlala phansi khona nabafundi bakhe. Lase liseduze iPhasika labaJuda. Khona uJesu ephakamisa amehlo akhe, wabona isixuku esikhulu siza kuye, wathi kuFiliphu: Singazithenga ngaphi izinkwa, ukuze laba badle na? Wakusho lokho emlinga, ngokuba yena ubekwazi abezakukwenza. UFiliphu wamphendula wathi: Izinkwa zabodenariyo abangamakhulu amabili azibanele, ukuthi yilowo nalowo athathe okuyingcosana. Omunye wabafundi bakhe, u-Andreya umfowabo kaSimoni Petru, wathi kuye: Kukhona umfana lapha onezinkwa zebhali eziyisihlanu nezinhlanzana ezimbili; UJesu wathi: “Bahlaliseni abantu phansi. Kwakukhona utshani obuningi kuleyo ndawo. Ahlala-ke amadoda, umumo wawo kungathi izinkulungwane eziyisihlanu. UJesu wathatha izinkwa; esebongile wababela ababehlezi phansi; kanjalo nezinhlanzi ngokuthanda kwabo. Sebesuthi, wathi kubafundi bakhe: Buthani imvuthuluka eseleyo, kungachitheki lutho. Base bebutha, bagcwalisa iziqabetho eziyishumi nambili imvuthuluka yezinkwa eziyisihlanu zebhali, ezasala kwabadlileyo. Khona labobantu sebesibonile isimangaliso uJesu asenzayo, bathi: Isibili lo nguye umprofethi obezakuza emhlabeni. Kwathi uJesu esazi ukuthi bazakuza ukumbamba ngamandla, bambeke inkosi, wabuya wasuka waya entabeni yena yedwa. Kwathi sekuhlwile, abafundi bakhe behlela elwandle. Bangena emkhunjini, bawela ulwandle ngaseKapernawume. Kwasekumnyama, uJesu engakafiki kubo. Kwase kuvuka ulwandle ngenxa yokuvunguza komoya omkhulu. Sebegwedlile kungathi amastadiyu angamashumi amabili nanhlanu noma amashumi amathathu, babona uJesu ehamba phezu kolwandle, esondela emkhunjini; Kodwa wathi kubo: Yimi; ningesabi. Base bevuma ukumemukela emkhunjini; umkhumbi wawusufika masinyane ezweni ababeya kulo. Ngangomuso izixuku ezazimi ngaphesheya kolwandle zabona ukuthi kwakungekho sikebhe lapho, ngaphandle kwalowo ababengene kuwo abafundi bakhe, nokuthi uJesu akangenanga nabafundi bakhe emkhunjini, kodwa ukuthi abafundi bakhe bahamba bodwa; (Kepha kwafika eminye imikhumbi evela eTiberiya eduze nendawo lapho ababedle khona isinkwa, ngemva kokuba iNkosi ibongile.) Kwathi ixuku selibonile ukuthi uJesu labafundi bakhe kakho lapho, labafundi bakhe bangena emikhunjini, beza eKapenawume befuna uJesu. Sebemtholile ngaphetsheya kolwandle, bathi kuye: Rabi, ufike nini lapha? UJesu wabaphendula wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Aningifuni ngokuba nabona izibonakaliso, kodwa ngokuba nadla izinkwa nasutha. Ningasebenzeli ukudla okuphelayo, kodwa ukudla okuhlala kuze kube ngukuphila okuphakade, eyonipha khona iNdodana yomuntu; Basebesithi kuye: Sizakwenzani, ukuze senze imisebenzi kaNkulunkulu? UJesu waphendula, wathi kubo: “Lokhu kungumsebenzi kaNkulunkulu, ukuba nikholwe kuye amthumileyo. Bathi kuye: “Pho, usenza isibonakaliso bani, ukuze sibone, sikholwe nguwe na? usebenzani? Okhokho bethu badla imana ehlane; njengokulotshiweyo ukuthi: Wabanika isinkwa esivela ezulwini ukuba badle. UJesu wayesethi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: UMose akaninikanga leso sinkwa esivela ezulwini; kodwa uBaba unipha isinkwa soqobo esivela ezulwini. Ngokuba isinkwa sikaNkulunkulu singuye owehla ezulwini, onika izwe ukuphila. Base bethi kuye: “Nkosi, sinike lesi sinkwa njalonjalo. UJesu wathi kubo: “Mina ngiyisinkwa sokuphila; ozayo kimi kasoze alamba; okholwa yimi kasoze oma naphakade. Kepha ngithe kini: Ningibonile nani, anikholwanga. Bonke uBaba anginika bona bayakuza kimi; futhi ozayo kimi angisoze ngamlahlela phandle. Ngoba ngehle ezulwini, kungeyisikho ukuthi ngenze intando yami, kodwa intando yalowo ongithumileyo. Nalokhu kuyintando kaBaba ongithumileyo, ukuba konke anginike khona ngingalahlekelwa lutho kukho, kodwa ngikuvuse ngosuku lokugcina. Le yintando yalowo ongithumileyo, ukuthi wonke obona iNdodana, akholwe kuyo, abe lokuphila okuphakade, lami ngizamvusa ngosuku lokucina.