NgokukaJohane 20:19-23
NgokukaJohane 20:19-23 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kwathi kusihlwa, ngalolo lusuku lokuqala lweviki, iminyango ivaliwe lapho abafundi babekhona ngenxa yokwesaba abaJuda, uJesu wafika wema phakathi kwabo, wathi kubo: “Ukuthula makube kini.” Esekushilo lokho wabakhombisa izandla zakhe nohlangothi lwakhe. Base bethokoza abafundi lapho beyibona iNkosi. UJesu wabuye wathi kubo: “Ukuthula makube kini. Njengalokhu uBaba engithumile Mina, nami ngiyanithuma nina.” Esekushilo lokho, wabaphephetha, wathi kubo: “Yamukelani uMoya oNgcwele. Enibathethelela izono zabo, bathethelelwe; neningabathetheleli, abathethelelwe.”
NgokukaJohane 20:19-23 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ngalolo suku kusihlwa, ngolokuqala lweviki, iminyango ivaliwe lapho ababebuthene khona abafundi ngokwesaba abaJuda, uJesu wafika wema phakathi kwabo, wathi kubo: “Ukuthula makube kinina. Eseshilo lokho wababonisa izandla nohlangothi lwakhe. Khona-ke abafundi bajabula lapho bebona iNkosi. Khona uJesu wabuye wathi kubo: “Ukuthula makube kinina, njengalokho uBaba engithumile, nami ngiyanithuma nina. Esekushilo lokho wabaphefumulela, wathi kubo: “Yamukelani uMoya oNgcwele; Enibathethelela izono zabo, bathethelelwe; lalabo enibabambayo izono zabo, zibanjiwe.
NgokukaJohane 20:19-23 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ngalolo suku kusihlwa, ngolokuqala lweviki, iminyango ivaliwe lapho ababebuthene khona abafundi ngokwesaba abaJuda, uJesu wafika wema phakathi kwabo, wathi kubo: “Ukuthula makube kinina. Eseshilo lokho wababonisa izandla nohlangothi lwakhe. Khona-ke abafundi bajabula lapho bebona iNkosi. Khona uJesu wabuye wathi kubo: “Ukuthula makube kinina, njengalokho uBaba engithumile, nami ngiyanithuma nina. Esekushilo lokho wabaphefumulela, wathi kubo: “Yamukelani uMoya oNgcwele; Enibathethelela izono zabo, bathethelelwe; lalabo enibabambayo izono zabo, zibanjiwe.
NgokukaJohane 20:19-23 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kwathi-ke kusihlwa ngalolo suku, olokuqala lweviki, iminyango ivaliwe lapho abafundi bekhona ngokwesaba abaJuda, uJesu wafika wema phakathi kwabo, wathi kubo: “Ukuthula makube kinina.” Eseshilo lokho wabakhombisa izandla nohlangothi lwakhe. Base bethokoza abafundi beyibona iNkosi. Khona uJesu wabuye wathi kubo: “Ukuthula makube kinina. Njengokuba uBaba engithume mina, nami ngiyanithuma nina.” Kwathi ukuba asho njalo, wabaphephetha, wathi kubo: “Yamukelani uMoya oNgcwele. Enibathethelela izono zabo bathethelelwe; nenibabamba ngazo babanjiwe.”