NgokukaJohane 20:1-23
NgokukaJohane 20:1-23 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kwathi ngosuku lokuqala lweviki, uMariya Magdalena wafika ethuneni ekuseni kusemnyama, wabona itshe lisusiwe emnyango wethuna. Ngakho-ke wagijima, waya kuSimoni Phethro nakulowo mfundi uJesu ayemthanda, wathi kubo: “Bayithathile iNkosi ethuneni, asazi lapho beyibeke khona.” UPhethro nomunye umfundi, basuka baqonda ethuneni. Bobabili bagijima, kodwa lo omunye umfundi wagijima kakhulu kunoPhethro, wafika kuqala ethuneni. Walunguza wabona izindwangu zelineni zikhona, kodwa akangenanga. Wafika noSimoni Phethro owayemlandela, wangena ethuneni, wabona izindwangu zelineni zilapho, neduku ebelisekhanda likaJesu lingekho ezindwangwini zelineni, kodwa lisongwe lodwa likwenye indawo. Ngakho-ke wangena-ke nomfundi omunye obefike kuqala ethuneni, wabona, wakholwa, ngokuba bebengakawuqondi umbhalo othi ubefanele ukuvuka kwabafileyo. Base behamba abafundi, baphindela kubo. Kepha uMariya wema ngaphandle kwethuna ekhala, wayeselunguza ethuneni, wabona izingelosi ezimbili zembethe okumhlophe, zihleli. Enye yayingasekhanda, enye ingasezinyaweni, lapho isidumbu sikaJesu besibekwe khona. Izingelosi zathi kuye: “Mame, ukhalelani na?” Wathi kuzo: “Bayithathile iNkosi yami, futhi angazi ukuthi bayibeke kuphi.” Esekushilo lokho waphenduka, wabona uJesu emile, kodwa wayengazi ukuthi nguJesu. UJesu wathi kuye: “Mame, ukhalelani na? Ufuna bani na?” Kepha ecabanga ukuthi lo ngumphathi wensimu, wathi: “Nkosi, uma umsusile lapha, ngitshele ukuthi umbeke kuphi, ukuze ngihambe ngiyomthatha mina.” UJesu wathi kuye: “Mariya!” Waphenduka, wathi kuye ngesiHebheru: “Rabuni,” okusho ukuthi: “Mfundisi.” UJesu wathi kuye: “Ungangithinti, ngokuba angikenyukeli kuBaba. Kepha hamba uye kubazalwane bami, ubatshele ukuthi ngenyukela kuBaba noYihlo, kuNkulunkulu wami noNkulunkulu wenu.” UMariya Magdalena wafika wabikela abafundi, wathi: “Ngiyibonile iNkosi,” wathi futhi: “Ikushilo lokhu kimi.” Kwathi kusihlwa, ngalolo lusuku lokuqala lweviki, iminyango ivaliwe lapho abafundi babekhona ngenxa yokwesaba abaJuda, uJesu wafika wema phakathi kwabo, wathi kubo: “Ukuthula makube kini.” Esekushilo lokho wabakhombisa izandla zakhe nohlangothi lwakhe. Base bethokoza abafundi lapho beyibona iNkosi. UJesu wabuye wathi kubo: “Ukuthula makube kini. Njengalokhu uBaba engithumile Mina, nami ngiyanithuma nina.” Esekushilo lokho, wabaphephetha, wathi kubo: “Yamukelani uMoya oNgcwele. Enibathethelela izono zabo, bathethelelwe; neningabathetheleli, abathethelelwe.”
NgokukaJohane 20:1-23 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ngolokuqala lweviki uMariya Magdalena wafika ethuneni ekuseni kusemnyama, wabona itshe lisusiwe ethuneni. Wayesegijima, waya kuSimoni Petru nakomunye umfundi uJesu amthandayo, wathi kubo: “Bayisusile iNkosi ethuneni, asazi lapho abayibeke khona. Wayesephuma uPetru nalo omunye umfundi, bafika ethuneni. Base begijima bobabili kanyekanye; kepha omunye umfundi wamgijima kakhulu uPetru, wafika kuqala ethuneni. Ekhothama elunguza, wabona izindwangu zelineni zikhona; nokho akangenanga. Khona uSimoni Petru wafika emlandela, wangena ethuneni, wabona izindwangu zelineni zikhona; Neduku elalisekhanda lakhe, lingekho kanye nelineni, kodwa lisongiwe wodwa ndaweninye. Wasengena lalowo mfundi ofike kuqala ethuneni, wabona, wakholwa; Ngokuba babengakawazi umbhalo, ukuthi umelwe ukuvuka kwabafileyo. Base bemuka abafundi babuyela ekhaya. Kepha uMariya wema ngaphandle ethuneni ekhala; Wabona izingelosi ezimbili zembethe okumhlophe zihlezi, enye ngasekhanda nenye ngasezinyaweni, lapho isidumbu sikaJesu besilele khona. Bathi kuye: “Mame, ukhalelani na? Wathi kuzo: “Ngokuba bayithathile iNkosi yami, futhi angazi lapho abayibeke khona. Eseshilo lokho waphenduka, wabona uJesu emi, kepha wayengazi ukuthi nguJesu. UJesu wathi kuye: “Mame, ukhalelani na? ufuna bani? Yena ecabanga ukuthi ngumphathi wensimu, wathi kuye: “Nkosi, uma umsusile, ngitshele lapho ombeke khona, mina ngiyakumsusa; UJesu wathi kuye: Mariya. Waphenduka, wathi kuye: Raboni; okungukuthi: Mfundisi. UJesu wathi kuye: “Ungangithinti; ngoba kangikenyukeli kuBaba; kodwa hamba uye kubafowethu, uthi kubo: Ngenyukela kuBaba loYihlo; nakuNkulunkulu wami, noNkulunkulu wenu. UMariya Magdalena weza wabikela abafundi ukuthi uyibonile iNkosi, nokuthi ikhulume lokho kuye. Ngalolo suku kusihlwa, ngolokuqala lweviki, iminyango ivaliwe lapho ababebuthene khona abafundi ngokwesaba abaJuda, uJesu wafika wema phakathi kwabo, wathi kubo: “Ukuthula makube kinina. Eseshilo lokho wababonisa izandla nohlangothi lwakhe. Khona-ke abafundi bajabula lapho bebona iNkosi. Khona uJesu wabuye wathi kubo: “Ukuthula makube kinina, njengalokho uBaba engithumile, nami ngiyanithuma nina. Esekushilo lokho wabaphefumulela, wathi kubo: “Yamukelani uMoya oNgcwele; Enibathethelela izono zabo, bathethelelwe; lalabo enibabambayo izono zabo, zibanjiwe.

NgokukaJohane 20:1-23 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kwathi ngosuku lokuqala lweviki uMariya Magdalena wafika ethuneni ekuseni kusemnyama, wabona itshe lisusiwe ethuneni. Khona wayesegijima waya kuSimoni Petru nakulowo mfundi omunye uJesu amthandayo, wathi kubo: “Bayisusile iNkosi ethuneni, asazi lapha beyibeke khona.” Ngakho wayesephuma uPetru nomunye umfundi, beza ethuneni. Bagijima bobabili kanyekanye; kepha umfundi omunye wagijima kakhulu kunoPetru, wafika kuqala ethuneni; elunguza wabona izindwangu zelineni zikhona, kepha akangenanga. Khona wafika noSimoni Petru emlandela, wangena ethuneni, wabona izindwangu zelineni zikhona, neduku ebelisekhanda lakhe libekiwe lingekho ezindwangwini zelineni, kepha lisongwe lilodwa kwenye indawo. Khona wayesengena nomfundi omunye ofike kuqala ethuneni, wabona, wakholwa; ngokuba bebengakawuqondi umbhalo wokuthi ubefanele ukuvuka kwabafileyo. Base bemuka abafundi, baphindela kubo. Kepha uMariya wema ethuneni ngaphandle ekhala; esakhala walunguza ethuneni; wabona izingelosi ezimbili zembethe okumhlophe, zihlezi, enye ngasekhanda nenye ngasezinyaweni, lapho isidumbu sikaJesu besilele khona. Zona-ke zathi kuye: “Mame, ukhalelani na?” Wathi kuzo: “Bayithathile iNkosi yami, futhi angazi ukuthi bayibekephi.” Eseshilo lokho waphenduka, wabona uJesu emi, kepha wayengazi ukuthi nguJesu. UJesu wathi kuye: “Mame, ukhalelani na? Ufuna bani na?” Kepha yena ethi ngumphathi wensimu wathi kuye: “Nkosi, uma umsusile, ngitshele ukuthi umbekephi, ngiye ngiyakumthatha mina.” UJesu wathi kuye: “Mariya!” Waphenduka, wathi kuye ngesiHeberu: “Rabuni,” okungukuthi: “Mfundisi.” UJesu wathi kuye: “Ungangithinti, ngokuba angikenyukeli kuBaba. Kepha yana kubazalwane bami, ubatshele ukuthi ngenyukela kuBaba noYihlo, kuNkulunkulu wami noNkulunkulu wenu.” UMariya Magdalena weza wabikela abafundi ukuthi: “Ngiyibonile iNkosi,” nokuthi: “Ishilo lokho kimi.” Kwathi-ke kusihlwa ngalolo suku, olokuqala lweviki, iminyango ivaliwe lapho abafundi bekhona ngokwesaba abaJuda, uJesu wafika wema phakathi kwabo, wathi kubo: “Ukuthula makube kinina.” Eseshilo lokho wabakhombisa izandla nohlangothi lwakhe. Base bethokoza abafundi beyibona iNkosi. Khona uJesu wabuye wathi kubo: “Ukuthula makube kinina. Njengokuba uBaba engithume mina, nami ngiyanithuma nina.” Kwathi ukuba asho njalo, wabaphephetha, wathi kubo: “Yamukelani uMoya oNgcwele. Enibathethelela izono zabo bathethelelwe; nenibabamba ngazo babanjiwe.”
NgokukaJohane 20:1-23 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)