NgokukaJohane 13:1-38

NgokukaJohane 13:1-38 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Kwathi ungakafiki umkhosi wePhasika, uJesu esazi ukuthi ihora lakhe selifikile ukuthi amuke kuleli zwe, aye kuYise, ebathandile abakhe abasezweni, wabathanda kwaze kwaba sekupheleni. Sekudliwe isidlo sakusihlwa, uSathane esefakile enhliziyweni kaJuda Iskariyothe kaSimoni ukuba amkhaphele; UJesu ekwazi ukuthi uYise unikele zonke izinto esandleni sakhe, lokuthi uvela kuNkulunkulu, njalo uye kuNkulunkulu; Wasukuma ekudleni, wabeka izingubo zakhe; wathatha ithawula, wabhinca. Emva kwalokho wathela amanzi endishini, waqala ukugeza izinyawo zabafundi, nokuzesula ngethawula abelibhincele. Wayesefika kuSimoni Petru; wathi kuye: “Nkosi, wena ugeza izinyawo zami na? UJesu waphendula wathi kuye: Engikwenzayo kawukwazi khathesi; kodwa uzakwazi emva kwalokhu. UPetro wathi kuye: Kawusoze wageza inyawo zami. UJesu wamphendula wathi: Uba ngingakugezi, kawulasabelo lami. USimoni Petru wathi kuye: “Nkosi, kungabi izinyawo zami zodwa, kodwa nezandla nekhanda lami. UJesu wathi kuye: “Ogeziweyo akasweli lutho ngaphandle kokugezwa izinyawo, kodwa uhlanzekile ngokuphelele; Ngokuba ubemazi ozakumkhaphela; ngakho wathi: Kalihlambulukile lonke. Esezigezile izinyawo zabo, wathatha izembatho zakhe, wabuye wahlala phansi, wathi kubo: Niyakwazi yini engikwenzile kini? Ningibiza ngokuthi, Mfundisi, neNkosi; ngoba nginjalo. Uma-ke mina, iNkosi noMfundisi, nginigezile izinyawo; nani nifanele ukugezana izinyawo. Ngokuba ngininike isibonelo, ukuze nenze njengalokho ngenzile kini. Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Inceku ayinkulu kunenkosi yayo; futhi othunyiweyo mkhulu kunalowo omthumileyo. Uma nazi lezizinto, nibusisiwe uma nizenza. Kangikhulumi ngani lonke; ngiyabazi engibakhethileyo, kodwa ukuze kugcwaliseke umbhalo othi: Odla isinkwa lami ungiphakamisele isithende sakhe. Kalokhu ngiyanitshela kungakenzeki, ukuze, nxa sekwenzeka, nikholwe ukuthi nginguye. Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Owamukela engimthumayo uyangamukela mina; nowamukela mina wemukela ongithumileyo. UJesu eseshilo lokho wakhathazeka emoyeni, wafakaza wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Omunye kini uzakungikhaphela. Khona abafundi babukana, bengangabazi ukuthi ukhuluma bani. Kwakukhona omunye wabafundi bakhe uJesu amthandayo, encike esifubeni sikaJesu. USimoni Petru wayesemqhweba ukuthi abuze ukuthi ukhuluma bani. Yena eqamele esifubeni sikaJesu wathi kuye: “Nkosi, ngubani na? UJesu waphendula wathi: Nguye engizamnika ucezwana, nxa ngisicwilisile. Eselucwilisile ucezu, walunika uJuda Iskariyothe kaSimoni. Emva kocezu uSathane wangena kuye. UJesu wayesethi kuye: “Okwenzayo, kwenze masinyane. Kepha kwakungekho noyedwa owayehlezi ekudleni owayekwazi ukuthi ukusho ngani lokho kuye. Ngokuba abanye babecabanga ukuthi, ngokuba uJuda wayephethe isikhwama, uJesu wathi kuye: Thenga esikuswele emkhosini; kumbe ukuthi kabele abayanga. Eseluthathile ucezu waphuma masinyane; kwakusebusuku. Ngakho esephumile, uJesu wathi: “Kalokhu iNdodana yomuntu ikhazimulisiwe, noNkulunkulu ukhazinyulisiwe kuyo. Uma uNkulunkulu ekhazimulisiwe kuye, naye uNkulunkulu uyakumkhazimulisa kuye, ahle amkhazimulise. Bantwanyana, kuseyisikhashana nginani. Niyakungifuna, nanjengalokho ngasho kumaJuda ukuthi: Lapho ngiya khona, ningeze nina; ngakho manje ngithi kini. Ngininika umyalo omusha wokuba nithandane; njengalokhu nginithandile, nani nithandane. Ngalokho bonke bayakukwazi ukuthi ningabafundi bami, uma nithandana. USimoni Petru wathi kuye: “Nkosi, uya ngaphi na? UJesu wamphendula wathi: Lapho ngiya khona, ungengilandele kalokhu; kepha uyakungilandela ngasemuva. UPetro wathi kuye: Nkosi, ngingekulandele khathesi ngani? ngiyakubeka phansi ukuphila kwami ngenxa yakho. UJesu wamphendula wathi: “Uyakudela ukuphila kwakho ngenxa yami na? Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: Iqhude aliyikukhala, uze ungiphike kathathu.

NgokukaJohane 13:1-38 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Kwathi sekuzakuba nguMkhosi wePhasika uJesu azi ukuthi sesifikile isikhathi sakhe sokuba amuke kulo mhlaba aye kuYise, kepha wayebathandile abangabakhe abasemhlabeni kwaze kwaba sekugcineni. Sekudliwa isidlo sakusihlwa, usathane wayesekufakile enhliziyweni kaJuda Iskariyothe kaSimoni ukuba amkhaphele. UJesu wayekwazi ukuthi uYise unikele konke ezandleni zakhe, nokuthi Yena wavela kuNkulunkulu, futhi ubuyela kuye. Wasukuma esidlweni, wabeka izingubo zakhe, wathatha ithawula, walibopha okhalo. Wayesethela amanzi emcengezini, waqala ukugeza abafundi bakhe izinyawo, ezesula ngethawula ayelibophele okhalo. Wayesefika kuSimoni Phethro. UPhethro wathi kuye: “Nkosi, Wena, ugeza izinyawo zami na?” UJesu waphendula, wathi kuye: “Engikwenzayo manje awukwazi, kodwa uzakuqonda emva kwalokhu.” UPhethro wathi kuye: “Awusoze wazigeza izinyawo zami naphakade.” UJesu waphendula, wathi: “Uma ngingakugezi, awunasabelo nami.” USimoni Phethro wathi kuye: “Nkosi, makungabi yizinyawo zodwa, kodwa nezandla nekhanda.” UJesu wathi kuye: “Ogeziweyo kadingi lutho olunye, kuphela ukugezwa izinyawo, ngalokho umzimba wonke ugezekile. Nina-ke nigezekile, kodwa hhayi nina nonke.” Ngokuba wayemazi obezakumkhaphela, yingakho athi: “Anigezekile nonke.” Ngakho-ke esezigezile izinyawo zabo, wathatha izingubo zakhe, wabuye wahlala esidlweni, wayesethi kubo: “Niyakuqonda yini lokhu engikwenze kini na? Ningibiza nithi: ‘Mfundisi, Nkosi.’ Yebo, nisho kahle, ngokuba ngiyikho. Uma Mina, iNkosi noMfundisi, ngigeze izinyawo zenu, nani-ke kufanele nigezane izinyawo. Ngokuba ngininikile isibonelo sokuba nani nenze njengalokhu ngenzile kini. Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: isisebenzi kasingaphezulu komqashi waso, nothunyiweyo akangaphezulu komthumileyo. Uma nikwazi lokhu, nibusisiwe nxa nikwenza. “Angikhulumi ngani nonke, ngokuba ngiyabazi engibakhethileyo. Kepha ukuze kugcwaliseke umbhalo othi: “ ‘Odla isinkwa sami ungiphendukele.’ “Kusukela manje ngiyanitshela kungakenzeki, ukuze nxa sekwenzeka, nikholwe ukuthi ngiNguye. Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: owamukela noma ngubani engimthumileyo, wamukela Mina; owamukela Mina, wamukela ongithumileyo.” UJesu esekushilo lokho wakhathazeka emoyeni, wayesefakaza ngokusobala ethi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: omunye wenu uzakungikhaphela.” Abafundi babhekana bodwa, bengazi ukuthi ukhuluma ngobani. Omunye wabafundi, lo uJesu ayemthanda kakhulu, wayehleli eduze naye, encike esifubeni sakhe. USimoni Phethro wamqhweba, wathi: “Mbuze ukuthi ukhuluma ngobani na?” Lo mfundi waqethuka, wancika esifubeni sikaJesu, wathi kuye: “Nkosi, ngabe ngubani lowo na?” UJesu waphendula, wathi: “Yilowo engizakugcobhoza ucezu lwesinkwa ngimnike lona.” Wayesegcobhoza ucezu, walunika uJuda Iskariyothe. Emva kokuba emukele ucezu, uSathane wangena kuye. UJesu wayesethi kuJuda: “Lokhu okwenzayo, kwenze masinyane.” Kepha kulaba ayehleli nabo esidlweni, akekho owazi ukuthi ukusholani lokho kuye. Abanye babecabanga ukuthi kungenxa yokuba uJuda wayengumgcinisikhwama, ngakho uJesu, wayethi kuye: “Thenga esikusweleyo koMkhosi,” noma ukuthi makabele abampofu okuthile. Kuthe uJuda eseluthathile ucezu, waphuma ngokushesha; kwakusebusuku. Esephumile, uJesu wathi: “Manje iNdodana yomuntu ikhazimulisiwe, noNkulunkulu ukhazimuliswe kuyo. Uma uNkulunkulu ekhazimulisiwe kuyo, noNkulunkulu uyakuyikhazimulisa kuye, uyakuyikhazimulisa ngokuphazima kweso. “Bantwanyana, kuseyisikhashana nginani. Niyakungifuna, njengokuba ngasho kubaJuda ukuthi lapho ngiya khona,nina anikwazi ukuza khona. Ngisho lokho nakini manje. “Ngininika umyalo omusha wokuba nithandane; njengalokhu nginithandile, nani-ke thandanani. Ngalokho bonke abantu bayakukwazi ukuthi ningabafundi bami uma nithandana.” USimoni Phethro wathi kuye: “Nkosi, uyakuphi na?” UJesu waphendula wathi: “Lapho ngiya khona, ungengilandele manje, kodwa uyakungilandela kamuva.” UPhethro wayesethi kuye: “Nkosi, kungani ngingekulandele manje na? Ngizakudela ukuphila kwami ngenxa yakho.” UJesu waphendula, wathi: “Uzakudela ukuphila kwakho ngenxa yami na? Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: iqhude ngeke likhale, ungakangiphiki kathathu.”

NgokukaJohane 13:1-38 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Kwathi ngaphambi komkhosi wePhasika uJesu azi ukuthi isikhathi sakhe sesifikile ukuba amuke kuleli zwe, aye kuYise, ebathandile abakhe abasezweni wabathanda kwaze kwaba sekupheleni. Sekudliwa, uSathane esekufake enhliziyweni kaJuda Iskariyothe kaSimoni ukuba amkhaphele, uJesu ekwazi ukuthi uYise unikele konke ezandleni zakhe nokuthi wavela kuNkulunkulu, futhi ubuyela kuNkulunkulu, wasuka ekudleni, wabeka izingubo zakhe, wathabatha indwangu, wakhwica. Emva kwalokho wathela amanzi emcengezini, waqala ukugeza izinyawo zabafundi, wazesula ngendwangu abekhwice ngayo. Wafika-ke kuSimoni Petru. Wathi kuye: “Nkosi, wena ugeza izinyawo zami na?” UJesu waphendula, wathi kuye: “Lokhu engikwenzayo awukwazi manje, kodwa uzakukuqonda emva kwalokhu.” UPetru wathi kuye: “Awusoze wageza izinyawo zami naphakade.” UJesu waphendula wathi: “Uma ngingakugezi, awunasabelo nami.” USimoni Petru wathi kuye: “Nkosi, akungabi yizinyawo zodwa kepha nezandla nekhanda.” UJesu wathi kuye: “Ogeziweyo kadingi lutho, kuphela ukugezwa izinyawo, kepha ugezekile wonke. Nina-ke nigezekile, kodwa angisho nonke.” Ngokuba emazi obezakumkhaphela kungalokho athi: “Anigezekile nonke.” Esegeze izinyawo zabo wathabatha izingubo zakhe, wabuye wahlala, wathi kubo: “Niyakwazi yini engikwenzile kini na? Ningibiza nithi: ‘Mfundisi, Nkosi;’ nisho kahle, ngokuba ngiyikho. Uma-ke mina, iNkosi noMfundisi, ngigeze izinyawo zenu, nani-ke nifanele ukugezana izinyawo. Ngokuba ngininikile isibonelo ukuba nenze nani njengokuba ngenzile kini. Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Inceku ayinkulu kunenkosi yayo, nothunyiweyo kamkhulu kunomthumileyo. Uma nazi lokho, nibusisiwe uma nikwenza. “Angikhulumi ngani nonke; ngiyabazi engibakhethileyo; kodwa nga kugcwaliseka umbhalo othi: “ ‘Odla isinkwa sami ungiphakamisele isithende sakhe.’ “Kusukela manje ngiyanitshela kungakenzeki ukuba, nxa sekwenzeka, nikholwe ukuthi nginguye. Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Owamukela engimthumayo wamukela mina; ongamukelayo mina wamukela ongithumileyo.” UJesu eseshilo lokho wakhathazeka emoyeni, wafakaza wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Omunye wenu uyakungikhaphela.” Abafundi babhekana bengabaza ukuthi ukhuluma ngobani. Kwakuhlezi ekudleni omunye wabafundi bakhe uJesu amthandayo, encike esifubeni sikaJesu. USimoni Petru wayesemqhweba ethi: “Yisho ukuthi ubekhuluma ngobani na?” Yena encike esifubeni sikaJesu wathi kuye: “Nkosi, ngubani na?” Ngakho waphendula uJesu, wathi: “Yilowo engiyakumcwilisela ucezu, ngimnike lona.” Eselucwilisile-ke ucezu, walunika uJuda Iskariyothe. Emva kocezu uSathane wayesengena kuye. Wayesethi kuye uJesu: “Okwenzayo kwenze masinyane.” Kepha akabakho kwababehlezi ekudleni owayekwazi lokho ukuthi ukusho ngani kuye. Kepha abanye bacabanga ukuthi, ngokuba uJuda ephethe isikhwama, uJesu uthi kuye: “Thenga esikuswele emkhosini,” noma ukuthi kabele abampofu okuthile. Kuthe eseluthathile ucezu waphuma masinyane; kwakuse busuku. Ngakho esephumile, uJesu wathi: “Kalokhu iNdodana yomuntu ikhazimulisiwe, noNkulunkulu ukhazimulisiwe kuyo. Uma uNkulunkulu ekhazimulisiwe kuyo, noNkulunkulu uyakuyikhazimulisa kuye, uyakuyikhazimulisa masinyane. “Bantwanyana, ngise khona nani isikhashana. Niyakungifuna, nanjengalokho ngasho kubaJuda ukuthi lapho ngiya khona ningeze nina, ngisho nakinina manje. “Ngininika umyalo omusha wokuba nithandane; njengalokhu nginithandile, nani nithandane. Ngalokho bonke bayakukwazi ukuthi ningabafundi bami, uma nithandana.” USimoni Petru wathi kuye: “Nkosi, uya ngaphi na?” UJesu waphendula wathi: “Lapho ngiya khona, ungengilandele kalokhu; kepha uyakungilandela kamuva.” Wathi kuye uPetru: “Nkosi, ngingekulandele kalokhu ngani na? Ngizakudela ukuphila kwami ngenxa yakho.” UJesu waphendula wathi: “Uzakudela ukuphila kwakho ngenxa yami na? Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: Iqhude alizukukhala, ungakangiphiki kathathu.”

NgokukaJohane 13:1-38 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)