NgokukaJohane 12:20-26
NgokukaJohane 12:20-26 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kwakukhona amaGreki athile kwababekhuphukele ukukhuleka emkhosini; Lawo-ke eza kuFiliphu waseBetsayida laseGalile, amcela, athi: “Nkosi, sithanda ukubona uJesu. UFiliphu weza watshela u-Andreya; o-Andreya noFiliphu babuye batshela uJesu. UJesu wabaphendula wathi: “Isikhathi sesifikile sokuba iNdodana yomuntu ikhazinyuliswe. Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Uma uhlamvu lukakolweni luwela emhlabathini futhi lufe, luhlala lodwa; kepha uma lufa, luthela isithelo esiningi. Othanda ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho; futhi ozonda ukuphila kwakhe kuleli zwe uyokulondela ukuphila okuphakade. Uma umuntu engikhonza, makangilandele; nalapho ngikhona, iyakuba khona nenceku yami; uma umuntu engikhonza, uBaba uyakumdumisa yena.
NgokukaJohane 12:20-26 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kwakukhona amaGriki athile kulabo abakhuphukele emkhosini ukuba bayokhonza. Laba-ke baya kuFiliphu, waseBhethsayida eGalile, bamcela, bathi: “Mnumzane, sicela ukubona uJesu.” UFiliphu waya wabikela u-Andreya, base behamba bobili beyobikela uJesu. UJesu wabaphendula, wathi: “Sesifikile isikhathi sokuba iNdodana yomuntu ikhazimuliswe. Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: uma uhlamvu lukakolo luwela emhlabathini, lungafi, luhlala lodwa, kodwa uma lufa, luthela izithelo eziningi. Lowo othanda ukuphila kwakhe, ulahlekelwa yikho; nozonda ukuphila kwakhe kulo mhlaba, uyakukulondela ukuphila okuphakade. Uma umuntu efuna ukungikhonza, makangilandele; lapho ngikhona Mina, siyakuba khona lapho nesikhonzi sami. Uma umuntu engikhonza, uBaba uyakumazisa.
NgokukaJohane 12:20-26 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kwakukhona amaGreki athile phakathi kwababenyuka ukuba bakhuleke emkhosini. Lawo-ke aya kuFiliphu waseBetsayida laseGalile, acela kuye, athi: “Nkosi, sithanda ukubona uJesu.” UFiliphu weza wamtshela u-Andreya. Weza u-Andreya noFiliphu, basho kuJesu. UJesu waphendula, wathi kubo: “Sesifikile isikhathi sokuba ikhazimuliswe iNdodana yomuntu. Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Uma inhlamvu kakolweni iwela emhlabathini ingafi, ihlala yodwa; kepha uma ifa, ithela izithelo eziningi. Lowo othanda ukuphila kwakhe ulahlekelwa yikho, nozonda ukuphila kwakhe kuleli zwe uyakukulondela ukuphila okuphakade. Uma umuntu engikhonza, akangilandele; nalapha ngikhona mina, soba khona nesikhonzi sami. Uma umuntu engikhonza, uBaba uyakumazisa lowo.
NgokukaJohane 12:20-26 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)