Kwakukhona amaGreki athile phakathi kwababenyuka ukuba bakhuleke emkhosini. Lawo-ke aya kuFiliphu waseBetsayida laseGalile, acela kuye, athi: “Nkosi, sithanda ukubona uJesu.” UFiliphu weza wamtshela u-Andreya. Weza u-Andreya noFiliphu, basho kuJesu. UJesu waphendula, wathi kubo: “Sesifikile isikhathi sokuba ikhazimuliswe iNdodana yomuntu. Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Uma inhlamvu kakolweni iwela emhlabathini ingafi, ihlala yodwa; kepha uma ifa, ithela izithelo eziningi. Lowo othanda ukuphila kwakhe ulahlekelwa yikho, nozonda ukuphila kwakhe kuleli zwe uyakukulondela ukuphila okuphakade. Uma umuntu engikhonza, akangilandele; nalapha ngikhona mina, soba khona nesikhonzi sami. Uma umuntu engikhonza, uBaba uyakumazisa lowo.
Funda NgokukaJohane 12
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaJohane 12:20-26
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo