UJeremiya 17:7-8
UJeremiya 17:7-8 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“Ubusisiwe umuntu othembela kuSimakade, nothemba lakhe linguSimakade. Uyakufana nesihlahla esitshalwe ngasemanzini, esimpande zaso sizenabisele ngasemfuleni. Akayukwesaba lapho ebona ukushisa kuza, amaqabunga aso ahlala eluhlaza, ngonyaka wesigagadu awanakukhathazeka, futhi awayeki ukuthela izithelo.
UJeremiya 17:7-8 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“Ubusisiwe umuntu othemba kuJehova, nothemba lakhe linguJehova. Ngokuba uyakuba njengomuthi otshalwe ngasemanzini, ozenabisa izimpande zawo ngasemfuleni, ongesabi lapho kufika ukushisa, amaqabunga awo abe luhlaza, angabi naluvalo ngomnyaka wesigagadu, anganqamuki ukuthela izithelo.”
UJeremiya 17:7-8 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ubusisiwe umuntu othemba kuJehova nothemba lakhe linguJehova. Ngokuba uyakuba njengomuthi otshalwe ngasemanzini, onabe izimpande zawo ngasemfuleni, angaboni lapho kufika ukushisa, kepha amaqabunga awo ayakuba luhlaza; futhi ayiyikuyeka ngonyaka wesomiso, futhi ayiyikuyeka ukuthela.