UJeremiya 17

17
Isono SakwaJuda Nokujeziswa
1“Isono sakwaJuda silotshwe ngosiba lwensimbi lokuloba; siqoshwe ngesihloko sedayimane ezibhebheni zenhliziyo yabo, nasezimpondweni zama-althare enu. 2Abantwana babo basawakhumbula ama-althare abo nawo-Ashera babo ngasemithini eluhlaza, emagqumeni aphakemeyo. 3Intaba yami ezweni, impahla nengcebo yenu yonke ngiyakukunikela kube yimpango, kanye nezindawo zenu eziphakemeyo ngenxa yezono ezifundeni zenu zonke. 4Niyakulilahla nina uqobo ifa lenu enganinika lona; ngiyonenza nikhonze izitha zenu ezweni eningalaziyo, ngokuba niphembe umlilo wolaka lwami oyakuvutha kuze kube phakade.”
Okwahlukahlukene Empilweni Yomuntu
5Usho kanje uSimakade, uthi:
“Uqalekisiwe umuntu othembela kubantu,
owenza izikhwepha zakhe
zibe yisihlangu sakhe,
nonhliziyo yakhe isukile kuSimakade.
6Uyakuba njengesihlahla ogwadule,
akayukukubona okuhle noma kuza kuye,
uyakuhlala ezindaweni ezigagadekile ehlane,
ezweni likasawoti okungahlali muntu kulo.
7“Ubusisiwe umuntu othembela kuSimakade,
nothemba lakhe linguSimakade.
8Uyakufana nesihlahla esitshalwe ngasemanzini,
esimpande zaso sizenabisele ngasemfuleni.
Akayukwesaba lapho ebona ukushisa kuza,
amaqabunga aso ahlala eluhlaza,
ngonyaka wesigagadu awanakukhathazeka,
futhi awayeki ukuthela izithelo.
9“Inhliziyo iyakhohlisa ngaphezu kwakho konke,
futhi ayelapheki;
ngubani ongayiqonda na?
10“Mina Simakade ngiyayiphenya inhliziyo,
ngihlole nezinso;
ukuba nginike yilowo nalowo
njengokwezindlela zakhe,
nanjengezithelo zezenzo zakhe.”
11Owenza ingcebo ngokungalungi
ufana nentendele echamusela ingazalelanga;
iyakumshiya dengwane
esaphile ingxenye nje yezinsuku zakhe,
ekugcineni abe yisiwula.
12Indawo yendlu yethu engcwele,
iyisihlalo sobukhosi esikhazimulayo nesiphakemeyo.
UJeremiya Ucela Usizo KuSimakade
13Simakade, themba lika-Israyeli,
bonke abakushiyayo bayakujabha;
abasuka kimi bayakulotshwa emhlabathini,
ngokuba bamshiyile uSimakade,
umthombo wamanzi aphilayo.
14Simakade, ngiphulukise, ngiyakuphuluka,
ngihlenge, ngiyakuhlengwa,
ngokuba uludumo lwami.
15Bheka, bathi kimi:
“Liphi izwi likaSimakade na?
Malize phela.”
16Kepha angiyekanga ukuba ngumelusi okusebenzelayo,
futhi angilufisanga usuku olwesabekayo;
Wena uyakwazi engakushoyo,
ngiphambi kobuso bakho.
17Ungabi ngongethusayo,
ngokuba uyisiphephelo sami
ngosuku lwenhlekelele.
18Mabajabhiswe abangizingelayo,
kodwa mina mangingadunyazwa;
behlisele ngosuku lwenhlekelele,
ubabhubhise ngokubhubha okuphindiweyo.
Lungcweliseni Usuku Lwesabatha
19Usho kanje kimi uSimakade, uthi: “Hamba ume esangweni lamadodana abantu, okungena kuphume kulo amakhosi akwaJuda, nasemasangweni wonke eJerusalema, 20uthi kuwo: ‘Yizwani izwi likaSimakade, nina makhosi akwaJuda, nani nonke baJuda, nezakhamuzi zonke zaseJerusalema eningena ngalawa masango. 21Usho kanje uSimakade, uthi: “Xwayani ngenxa yemiphefumulo yenu, ukuba ningathwali mthwalo ngosuku lwesabatha, ningawungenisi emasangweni eJerusalema, 22futhi ningakhiphi mthwalo ezindlini zenu ngosuku lwesabatha, futhi ningenzi msebenzi, kodwa lungcweliseni usuku lwesabatha, njengalokhu ngabayala okhokho benu, 23nakuba bengalalelanga, bengayibekanga indlebe kepha bazenza lukhuni izintamo zabo, abalalelanga, futhi abakwemukelanga ukuqondiswa. 24Kuyakuthi uma ningilalelisisa,” kusho uSimakade, “ningangenisi mthwalo emasangweni alo muzi ngosuku lwesabatha, kepha nilungcwelise usuku lwesabatha, ukuze ningenzi noma yimuphi umsebenzi ngalo, 25kuyongena emasangweni alo muzi, amakhosi nezikhulu abahlala esihlalweni sobukhosi sikaDavide, begibele ezinqoleni nasemahhashini, bona nezikhulu zabo, nabantu bonke bakwaJuda nabakhileyo eJerusalema, lo muzi uyakuba khona kuze kube phakade. 26Bayakufika bevela emizini yakwaJuda, nasemizaneni ezungeze iJerusalema, ezweni lakwaBhenjamini, emagqumeni nakwelezintaba naseNegevu, belethe iminikelo yokushiswa, imihlatshelo, iminikelo yokusanhlamvu, nenhlaka, bayofika naneminikelo yokubonga endlini kaSimakade. 27Kepha uma ningangilaleli nilungcwelise usuku lwesabatha, ningathwali mthwalo nxa ningena emasangweni eJerusalema ngosuku lwesabatha, ngiyophemba umlilo emasangweni alo, oyongqongqisa izinqaba zeJerusalema, futhi ongenakucinywa.” ’ ”

Okuqokiwe okwamanje:

UJeremiya 17: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume