U-Isaya 50:7-9
U-Isaya 50:7-9 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ngokuba iNkosi uJehova iyakungisiza; ngakho-ke angiyikuma nginamahloni; Useduze ongilungisisayo; ngubani ongangiphikisa? asime ndawonye: ngubani omelene nami? akeze kimi. Bheka, iNkosi uJehova iyangisiza; ngubani ongangahlulela na? bheka, bonke bayakuguga njengengubo; inundu lizabadla libaqede.
U-Isaya 50:7-9 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngokuba iNkosi uSimakade iyangisiza; ngakho-ke angizange ngithunazwe, ngalokho ubuso bami ngibumisile njengensengetsha, ngiyazi ukuthi angiyukujabha. Ongikhiphe phambili ecaleni useduze; ngubani oyomelana nami na? Masime kanyekanye; ngubani omelene nami na? Makasondele kimi. Mina phela iNkosi uSimakade iyangisiza; ngubani oyongilahla ngecala na? Bonke bayoguga njengengubo, badliwe yizinundu.
U-Isaya 50:7-9 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngokuba iNkosi uJehova iyakungisiza; ngalokho angijabhanga, ngalokho ngibumisile ubuso bami njengensengetsha; ngiyazi ukuthi angiyikujabha. Ongithethayo useduze; ngubani ongamelana nami na? Masivuke kanyekanye; ngubani omangalelana nami na? Makasondele kimi. Bheka, iNkosi uJehova iyakungisiza; ngubani oyakungilahla na? Bheka, bonke bayakuguga njengengubo, badliwe njengezinundu.