U-Izaya 50:7-9

U-Izaya 50:7-9 ZUL20

Ngokuba iNkosi uSimakade iyangisiza; ngakho-ke angizange ngithunazwe, ngalokho ubuso bami ngibumisile njengensengetsha, ngiyazi ukuthi angiyukujabha. Ongikhiphe phambili ecaleni useduze; ngubani oyomelana nami na? Masime kanyekanye; ngubani omelene nami na? Makasondele kimi. Mina phela iNkosi uSimakade iyangisiza; ngubani oyongilahla ngecala na? Bonke bayoguga njengengubo, badliwe yizinundu.